IsiZulu GR 9 P2 November 2022

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 9

IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

Hillcrest High School


Umnyango wesiZulu

IBANGA LESI-9

ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)


IPHEPHA LESIBILI (P2)
NOVEMBA 2022

AMAMAKI: 70
ISIKHATHI: Amahora ama-2

Leli phepha linamakhasi ayi-9

Ikhasi - 1 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

IMIYALELO NOLWAZI KWABAHLOLWAYO

1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINE:


ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (25)
ISIQEPHU B: Ukufingqa (10)
ISIQEPHU C: Isikhangiso (15)
ISIQEPHU D: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (20)
2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha.
3. Qala isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA.
4. Dwebela umugqa emva KWESIQEPHU NGASINYE.

5. Bhala izinombolo zezimpendulo kahle ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli phepha


lemibuzo.
6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye.
7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.
8. Ukwabiwa kwesikhathi okuncomekayo:
ISIQEPHU A imizuzu engama-40
ISIQEPHU B imizuzu engama-30
ISIQEPHU C imizuzuz engama-20
ISIQEPHU D imizuzu engama-30
9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

Ikhasi - 2 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA


UMBUZO 1
1. Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO A OFUNDWAYO
Ngifunde lukhulu kule projekthi

Kukhulu esikufunda emisebenzini wesikole ngethemu yesithathu. Cishe yonke


imisebenzi yale themu ihlola ikhono lokusebenzisana. Kule themu esivela kuyo
ngifunde lukhulu ngami kanye nokusebenzisana nabanye abantu. Ziningi
izingqinamba engihlangabezana nazo uma usebenza nabantu abahlukene.

Igama lami nginguSinothile Ngubo ofunda ibanga lesi-9 lapha eTholulwazi High
School. Esikoleni esiselokishini lase Masiko eNtshonalanga yasoPhongolo. Yize
isikole sethu singenazo izinsizakufunda eziningi njengalezi zikole zasemadolobheni
kodwa umsebenzi uyenzeka. Kuningi engikufundile kulo nyaka emsebenzini
weprojekthi ebesinikwe yona. Ngizothi kube kuningi okuhle engikufundile njengoba
sikwaze ukwethula umsebenzi wethu ngesikhathi esinqunyiwe. Uma nje
ngingakuxoxela ngokwakumele sikwenze ngokwezigaba zeprojekthi. Isigaba
sokuqala kwakufanele senze ucwaningo bese sinikwa imiklomelo ngalokho. Isigaba
sesibili kwakungukubhala umsebenzi wethu sisebenzisa ulwazi esiluthole
ngesikhathi sicwaninga nakho lokhu kunomklomelo wako. Isigaba sesithathu
kwakungukwethula umdlalo wethu lo ebesizibhalela wona.

Ake ngibhekise esigabeni sokuqala lapho esavakashela emtatsheni wolwazi


sasebenzisa amakhompiyutha esikole. Ngangikuthatha kancane ukusebenzisa
ikhompiyutha ngoba ngangikwazi ukusebenzisa umakhalekhukhwini. Ngehluleka
ngancama ukugcina umsebenzi ebengiwubheka enjinini enkulu ebizwa Google.
Ngaze ngasizwa uthisha osebenza emtasheni wolwazi. Wakwenza kwaba into elula
nje lapho usebenzisa izinombolo obhalise ngazo esikoleni kanye nemininingwane
eyimfihlo yakho. Cishe kwangithatha izinsuku ezimbili ukukwazi ukusebenza
ngokuzethemba. Emtatsheni kawubangwa umsindo. Imithetho yakhona iqinile uma
uyiqhathanisa neyaseklasini. Bonke othisha bakhona bayesabeka.

Ngesikhathi sesenza isigaba sesibili uthisha wethu wasehlukanisa ngamaqembu


anabantu esasizikhethele bona nesibathandayo. Ngangicabanga ukuthi konke
kuzoba lula njengoba nganginabangani bami eqenjini lethu. Abanye abangani bahle
uma nizihlalele nixoxa nje ngaphandle kwekilasi. Uma sekuza emsebenzini
wesikole bangamavila futhi beneliswa imiklomelo emincane abayitholayo. Mina,
ubaba engangibulala ngenduku uma ngingathola amamki amancane esiZulu

Ikhasi - 3 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

njengoba kungulimi engilukhulumayo ekhaya. Sakhe iqembu lika-whatapp


ukwenzela ukuxhumana uma sisemakhaya sikhulume ngomsebenzi wesikole.
Ukuxhumana kuWhatsApp kwakubukeka kungumqondo omuhle ngesikhathi
sisawuhlela. Izinkinga zanda lapho abanye bengenawo amadata nobekwenza
singaxhumani kusenesikhathi. Ngaze ngacabanga ukuthi mhlawumbe kabafuni
ukwenza umsebenzi wesikole. Kodwa sigcine sikwazile ukuwubhala ngempumelelo
umdlalo wethu.

Lwagcina lufikile usuku lokwethula umdlalo wethu. Ngendlela uvalo ebelingishaya


ngalo ngesikhathi sesizokwethula lokho ebesikade sikubhala, ngize ngacabanga
ukuphutha esikoleni. Inkinga yami ukuthi umama usebenzela ekhaya futhi
ubengeke angivumelele ngihlale ekhaya uma ngingaguleli ukuya kwadokotela.
Umdlalo wethu ubufundisa ngokuba nabangani abasizanayo uma kuthathathwa
izinqumo ngempilo. Mina bengidlala indawo kaSilondiwe Masuku
waseNyonikayiphumuli. Sonke sidlale kahle nesicabanga ukuthi sithole umklomelo
ophezulu kakhulu. Akekho okhohlwe ngamagama abekufanele awasho. Sabona
ngendlela okwashaywa ngalo ihlombe ukuthi senze kahle.

Uma sengibheka emuva mhla sinikezwa le projekthi. Ngiyabona ukuthi le projekthi


ingifundise lukhulu ngami kanye nabangane bami. Ingifundise ukusebenza
kusenesikhathi. Iphinde yangifundisa ukubaluleka kokusebenzisana.

1.1 Ubani isibongo osibhalele le ndaba? (1)


1.2 Ubenza iprojekthi yasiphi isifundo? (1)
1.3 Le projekthi ababeyenza ibinezigaba ezingaki? (1)
1.4 Bhala igama lesikole lapho kufunda khona uSinothile? (1)
1.5 Wathokozela siphi isigaba sale projekthi? Sekela impendulo yakho. (2)
1.6 Yiziphi izinkinga EZIMBILI uSinothile ahlangabezana nazo esigabeni sokuqala
sale projekthi? (2)
1.7 Chaza isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo
Ngathatha kancane (2)
1.8 Ngokucabanga kwakho, iyiphi indlela elungile yokwehlukanisa abafundi
ngamaqembu? Sekela impendulo yakho. (2)
1.9 Ungameluleka ukuthi enze njani umfundi onovalo lokwethula umdlalo phambi
kwezibukeli. Bhala iphuzu ELILODWA. (2)
1.10 Wayedlala indawo kabani uSinothile emdlalweni wabo? (2)
1.11 Tomula umusho esigabeni sesihlanu igama elichaza ukugula kakhulu. (2)

Ikhasi - 4 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

Bukisisa UMBHALO B bese uphendula imibuzo ezolandela


UMBHALO B (Obukwayo)

1.2.1 Uyini umsebenzi walomshini okubekwe kuwo loku kudla? (1)


1.2.1 Kungani ukudla okesesithombeni A kuthandwa ngabantu abaningi? (2)
1.2.3 Luchaza ukuthini lolu phawu oluphezulu esithombeni B? (2)
1.2.4 Ngaphandle kokudla Ukudla okusesithombeni B, yini ongayenza ukugcina
umzimba wakho unempilo? (2)
[25]

Ikhasi - 5 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2


Fundisisa UMBHALO C ongezansi bese uwufingqa ngamaphuzu ayi-7 ubhale
ngokubaluleka kolwandle.
IMIYALELO
1. Bhala ngemisho ephelele. Amagama angeqi/angadluli kwangama-60.
2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7.
3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye.
4. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama
owasebenzisile.

UMBHALO C (OFUNDWAYO)
Ukuna kwemvula ngesikhathi sasehlobo sithole abantu abaningi bengayilindele imvula
engaka. Muningi umonakalo owenzekile ezindaweni eziningi kwagcina ngokushona kwabantu
kwalimala nempahla. Zikhona izinto ebezingenziwa ukunciphisa lokhu.

Abantu abaningi balimala kakhulu uma besemigwaqweni noma ngaphandle kwasekhaya


Uma kungenzeka hlala endlini ugweme imigwaqo. Ngezikhathi zemvula enkulu. Imigwaqo
igcina ingaphephile ngenxa yamanzi angazitholi izindawo zokugeleza/ukuchezuka.

Uma usuphikelele ekhaya kuyenzeka kuvele kuqubuke umhosha noma umfula omncanyane
okumele uwuwele ongazi ukuthi unamanzi agijima noma ashona kangakanani. Gwema
ukuwela imihosha nemifula enamanzi angaphezu kwamaqakala. Uma imvula ina kakhulu
isikhathi eside idala amadamu ezindaweni eziphansi. Uma umuzi wakini wakhiwe endaweni
ephansi kufanele ukhuphukele endaweni ephezulu ukugwema ukuminza

Kwesinye isikhathi imvula ivele ine kakhulu lapho ususemotweni ubheke ekhaya noma
emsebenzini. Uma imoto ingasalawuleki kodwa isilawulwa ngamanzi phuma ngokushesha
uyiyeke imoto iguguleke yodwa. Isikhathi esiningi izulu liqala ngokuduma libe nemibani
ngaphambi noma ngesikhathi sezimvula. Kubalulekile ukuthi ucishe ugesi noma izinto
ezisebenza ngogesi. Nombani noma amanzi engawuqala umlilo uma sekuqhuma izinto
zikagesi.

Abantu abafuye imfuyo bavamise ukwakhela imfuyo yabo indawo ephephile okungaba
isibaya noma ihhoko. Lokhu kugcina izilwane ziphephile ezigebengwini. Uma unezilwane
ezivalelwayo zikhulule uziqhubele endaweni ephephile. Uma imvula ina isikhathi eside
kuyenzeka amanzi ahamba kogedasi abe maningi kakhulu agcine esengena endlini noma
alimaze uphahla. Kubalulekile ukuba uwushiye umuzi wakho uma amanzi esemaningi
kakhulu ngoba engayimukisa indlu noma idilike.

Noma izikhukhula kuyinto engenzeki njalo kodwa kubalulekile ukuba sazi izinto ekufanele
sizenze ezimweni ezinje. Masingawathathi kancane amanzi.
[10]

Ikhasi - 6 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

ISIQEPHU C
UMBUZO 3
Bukisisa UMBHALO D bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO D (Ofundwayo nobukwayo)

UMSHADO
Abafundi bebanga lesi-9 banithulela imidlalo emifushane ebhalwe yaphinda
yadlalwa yibo

• Uzozisola wedwa (Khumalo, Ndlovu noHlongwa)


• Umshado wesivumelwano -(Shandu, Madikizela, Ntshangase, Ngidi)
• Umona kwaDumakude ( Ngobo, Dlamini noMthethwa)
• Umshado wengxabano (Vezi, Shezi, Sondezi, Luthuli, Mzobe, Mungwe,
Zincume, noNene)
• Imfihlo yenkosi (Vilakazi, Mbili, Mhlongo, noNgcobo)
• Indlela yenjabulo (Mncube, Ngubane, Mantashe noBango)

Ungaphuthelwa imidlalo enhlobonhlobo ezobe ibukiswa:


Indawo: Hillcrest High School ehholo
Usuku: 6, 7 no-8 Disemba 2022
Isikhathi : 17h00-19h00
Imali yokungena
Abadala: R30
Izingane/abafundi:R20

Amathikithi ayatholakala emnyango noma kothisha besiZulu.

3.1 Abafundi baliphi ibanga abahlanganise le midlalo? (1)


3.2 Lo mdlalo uzodlalwa izinsuku ezingaki? (1)
3.3 ?Yimuphi umdlalo onabadlali abaningi? (1)
3.4 Ngokucabanga kwakho kungani imali yokungena ingalingani? Chaza ngephuzu
ELILODWA. (2)
Ikhasi - 7 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

3.5 Kungani umbhali walesi sikhangiso esebenzise izithombe kulesi sikhangisi? (2)
3.6 Yimiphi imidlalo EMIBILI enezihloko ezicishe zifane? (2)
3.7 Yibuphi ubungozi OBUBILI obungadalwa ukudayiswa kwamathikithi
emnyango? (2)
3.8 Ngokucabanga kwakho, kunamthelela muni ukuba nabadlali abayisibalo esincane
eqenjini? (2)
3.9 Isithombe sokugcina esinamagama abadlali sivela maphakathi nomdlalo? Vuma
noma uphike bese wesekela impendulo yakho. (2)
[15]
ISIQEPHU D
UMBUZO 4
Fundisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO E (Ofundwayo )
Hheyi bakwethu! Usuphelile njalo unyaka? Impela isikhathi sesidliwe yinja.
Sekuzovela imiphumela kuwo wonke umuntu obesebenza nobefunda. Kuzocaca
ukuthi bawulungiselele ngokufanele yini uZibandlela. Phela konke kuvela obala
ngale nyanga. Alikho eligxumela elinye. Bazohlala obala labo ababedlala ngemali
nangesikhathi. Abanye bazobe behleka bodwa sebethola amabhonasi abo.
Kukhona abazothola imali abebeyonga unyaka wonke. Abafundi abazimiselile
bazodlulela phambili. Kuneqembu elizivocavocayo ukuze libe nemizimba emihle
ehambisana nalesi sikhathi. Izigebengu nazo azizibekile phansi ngalesi sikhathi.
Amadolobha amakhulu agudle ulwandle agadwa kakhulu. Kufakwa amaphoyisa
amaningi ngoba abantwana bayalahleka futhi bayantshontshwa kulezi zindawo.
Amaphoyisa ahlale ethola izingane ezidukile azigcine. Izingane ezimukayo zidliwa
izilwane eziyingozi zasolwandle.

4.1 Hlobo luni lophawu olusetshenziswe kulo musho olandelayo


Hheyi bakwethu! (1)
4.2 Guqula leli bizo elilandelayo likhombe ubuningi bese ulisebenzisa eshweni
ozakhele wona.
Isikhathi (2)
4.3 Le nyanga ebhalwe ngokunzima kulo musho olandelayo ingeyesingaki?
Abantu bayawulungiselela uZibandlela (2)
4.4 Hlobo luni lwebizo elilandelayo.
amabhonasi
4.5 Guqula amabizo abhalwe ngokunzima kule misho elandelayo abe isabizwana
soqobo.
Kufakwa amaphoyisa amaningi ngoba abantwana bayalahleka. (2)

Ikhasi - 8 kwayi- 9
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza Ibanga 9 Novemba 2022

4.6 Sebenzisa igama ‘inyanga’ liveze umqondo owehlukile nosesiqeshini. (2)


4.7 Gcwalisa lo musho ngezivumelwano ezifanele. Bhala umusho wonke.
Amabhonasi -lo nyaka mahle -khulu. (2)
4.8 Guqula lo musho olandelyo ukhombe inkathi edlule.
Izingane zidliwa izilwane olwandle. (2)
4.9 Qala lo musho olandelayo ngegama elibhalwe ngokunzima.
Izingane zijabulela ukhisimusi. (2)
4.10 Hlobo luni locezu lwenkulumo olubhalwe ngokunzima kulo musho.
Kukhona abazothola imali abebeyonga unyaka wonke. (2)
4.11 Bhala umqondo ovezwa yilesi sakhi esibhalwe ngokugqamile kulo
musho olandelayo.
Amakhosikazi amaningi asuke ehamba nabayeni bawo. (2)
4.12 Qedela lo musho olandelayo ngegama elifanele
Akukho ___eligxumela elinye? (1)
[20]

ISAMBA:70

Ikhasi - 9 kwayi- 9

You might also like