JIT 2024 - Amanothi Emibhalo Yobuciko FAL

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 117

1

ISIZULU ULIMI
LOKUQALA
LOKWENGEZA
JIT-QEQESHA 1
IPHEPHA-2
_________________________________________________________________

IBANGA 12
2

ISETHULO

UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMqondisi wakwa FET ngezandla zabeluleki


besifundo nothisha abangabalekeleli boLimi lwesiZulu bethula le nsiza kufundisa nokufunda
ehlose ukwelekelela ekufukuleni izinga lokuphunyelelwa ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa
ngaphansi kohlelo luka-CAPS (Tahfuzwe). Leli bhuku liyinsiza edinga ukwesekelwa ngezinye
kepha engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi zinto ebezingekho olimini esezifakwe
ngokohlelo lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo ngumngenela ohlose ukwelekelela uthisha
ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke ekufundiseni kwakhe.
Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthaza kwenza ezigodini
zabo.
3

ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)

AMANOTHI OKUHLUZA IZINCWADI ZEMIBHALO YOBUCIKO

UMDLALO/ IDRAMA: ICALA KALIBOLI

A. IZIGAMEKO/ IZEHLAKALO

1. Kusekhaya kwaMbhele, emzini kaSonto, kufika uMthofi ngokungazelele uzofuna imali yakhe
ayikweletwa uSonto njengoba ayemthume ukuba abulale unkosikazi kaMbhele wokuqala.

2. UMbhele wabona uMthofi ephuma kwakhe ephethe isibhamu waphuthuma ukobheka


uSonto ukuthi akamlimazanga yini lo muntu ophuma kwakhe. USonto wazenza umuntu
odidekile, wakhohlisa uMbhele ngokuthi lo muntu uthe kunabafana abajahayo.

3. Umfundisi, uMaNsibande noSonto bahlangana ekhaya kwaMbhele bebala imali yimnikelo


okwagcina ngokuba inikezwe uMfundisi ngokuvumelana kwabo bobathathu ukuba ahambe
nayo.

4. USonto uhlasela uMfundisi endlini yesonto, umbamba inkunzi, uyamdubula, umshiya ethi
ufile.

5. KwaMbhele kufika umseshi uNhleko njengoba uMfundisi Zondo etholakale edutshuliwe


ezofaka uSonto imibuzo. UNhleko wathola ukuthi unobhala webandla uMaNsibande
nguyena oveze umbono wokuthi imali ihambe noMfundisi futhi wamyombeka ekhaya
ngemoto.

6. KwaMaNsibande kufika uNhleko noSonto. UNhleko ubuza uMaNsibande imibuzo efana


nalena eyibuze uSonto kodwa ekugcineni uMaNsibande uyadinwa ngoba ubona sengathi
kusolwa yena ngokudutshulwa kukaMfundisi.

7. USonto ufonela uMthofi ukuba azolanda imali yakhe, ngebhadi uSonto wangabe esayithola
lapho ayibeke khona base beyaxabana noMthofi. Kusenjalo uToronto umngane kaMthofi
wangena endlini wathi ababaleke ngoba uMbhele uyeza.

8. KwaMbhele, uSonto uhleli noZinhle, kwafika uMbhele baxoxa ngendaba yokudutshulwa


kukaMfundisi. Kwafika uNhleko ezoqhubeka nokubuza uSonto imibuzo kodwa kwaphendula
uMbhele emtshela ukuthi uSonto ubenaye ekhaya.

9. KwaMaNsibande, uSonto uzobona uMaNsibande njengoba kade eboshiwe waphuma


ngebheyili ngoba izinsolo zibonakala zisondele ngakuyena kakhulu mayelana nokufa
4

kukamfundisi. UMaNsibande uxoxela uSonto ukuthi umfundisi usephapheme esibhedlela.

10. USonto usesibhedlela uzobona umfundisi kodwa umseshi uNhleko wangamvumela ukuba
angene egumbili lapho kulele khona umfundisi.

11. UMaNsibande nabazalwane bayolanda umfundisi esibhedlela ngoba useluleme kodwa unesi
wabatshela ukuthi ubuye wagula kakhulu wase eyashona.

12. USonto uhleli kwakhe ucabanga ngenkinga yokululama kukamfundisi, kwafika uMbhele
endlini. UMbhele uxoxela uSonto ukuthi umfundisi useshonile. Emva kokuhamba
kukaMbhele kwafika uMthofi esabisa uSonto ngokuthi angeke aphinde ayibone ingane
yakhe ngoba akakwazi ukumkhokhela.

13. USonto ubiza uMthofi ukuze babonisane ngokuba uMbhele afe ukuze amkhokhele uhhafu
wemali yefa bese uSonto yena athathe umntanakhe bahambe kule ndawo.

14. UMbhele ufika kwakhe uSonto akekho wase ebuza ikhehla elingumakhelwane uDlamini.
UDlamini waxwayisa/wavusa uMbhele ngabafana abafika kwakhe belengise izibhamu
ngezandla uma engekho.

15. UMbhele uya kummeli wakhe eyomxoxela ngento ayitshelwe uDlamini. UNtshangase wathi
abahlangane kusasa.

16. KwaDlamini, uMbhele noNtshangase bacashile balunguza ngefasitela bafuna ukubona lezi
zigebengu ezifika emzini wakhe. UMbhele wakwazi ukubona ukuthi omunye wala bantu
uMthofi owabulala unkosikazi wakhe uMaNtuli. UMbhele wadinwa wathi uzothatha isibhamu
sakhe aye endlini abadubule kodwa bamkhuza.

17. Umseshi uNhleko uya kubo kaSonto ukuyophenya, ufica uMaMkhize, unina kaSonto. Uthola
ukuthi uSonto akakaze avakashele ekhaya njengoba esho futhi akakaze agule unina
ngalezo zinsuku azishoyo.

18. UMbhele udutshulwa yizigebengu (uMthofi noThoronto) zambulala zaze zamshisela


emotweni yakhe.

19. Emveni kokungcwatshwa komlotha kaMbhele, uSonto waya kummeli kaMbhele


uNtshangase ukuze ezwe mayelana nefa. USonto uhlangabezana nenkinga ekutholeni imali
yefa ngenxa yemibandela eyayibekwe umufi.

20. USonto uqoqa izinto azohamba nazo, utshela uZinhle ukuthi uzohlala nogogo ngoba
kukhona asafuna ukukulungisa. UMthofi afone athi uyeza uSonto wathatha uZinhle bangena
emotweni bahamba baya kubo.

21. USonto ufika noZinhle kubo, utshela unina uMaMkhize ukuthi ucela ambhekele uZinhle
ngoba yena uyadlula.
5

22. KwaMbhele, uMthofi noToronto bafika bedakiwe, bazofuna uSonto kanti bazobonwa
uNhleko, wababopha ngoba kwavela amaqiniso ngokufa kukaMbhele nonkosikazi wakhe
wokuqala.

23. UNhleko walandela uSonto, wamfica kubo engakahambi wase eyambopha khona lapho.
24. Umama kaSonto uvakashele uSonto ejele, uSonto umxoxela bonke ububi abenza. USonto
ucela uxolo kumama wakhe nakumntanakhe.
USonto wagwetshwa ukudilikelwa yijele.

Isibonelo sombuzo ngesigameko:

Phawula ngomphumela wesigameko ngasinye. Bhala amphuzu AMABILI.

B. IZIMPAWU ZEMIBHALO YOBUCIKO: UMDLALO

1. Indikimba

Ubugebengu./
Ukuthanda imali kakhulu nempilo engcono.
Isibonelo sombuzo ngendikimba:
Nikeza indikimba yalo mdlalo.

2. Umyalezo/ isifundo:
Akukho qili lazikhotha emhlane./
Akukho okufihliwe okungeyikwembuleka./
Ingalo yomthetho inde.

Isibonelo sombuzo ngomyalezo/isifundo:

Uhloseni umbhali ngele ndaba?/


Yini umbhali ahlose ukuyedlulisela emphakathini njengesifundo sale ndaba?

3. Abadlali (Abalingiswa) balo mdlalo:

* uSonto: Unkosikazi kaMbhele ashade naye emveni kokushona komkakhe omdala.


*uMbhele: uMyeni kaSonto.
* uZinhle: Indodakazi kaSonto.
* uMaMkhize: Unina kaSonto.
* uMthofi: Isigebengu esasetshenziswa nguSonto ukubulala umka Mbhele kanye naye
uMbhele uqobo lwakhe ngokuqhubeka komdlalo.
* uToronto: Isigebengu esasisebenzisana noMthofi.
* uMfundisi: Nguyena owabulawa nguSonto ngenhloso yokuthola imali yokukhokhela
uMthofi.
* uMaNsibande: Omunye wamalungu ebandla osekomidini lezimali kanye noSonto.
6

* uNhleko: Umseshi ophenya icala lokubulawa komfundisi.


* uNtshangase: Ummeli kaMbhele.
* uDlamini: Umakhelwane kaMbhele.
* Unesi: Wayesebenza esibhedlela okwakulaliswe kuso umfundisi.

4. Izinhlobo zabalingiswa nokwethuleka kwabo:

Ummeleli: uSonto ngoba


* Wethulwa ekuqaleni komdlalo nesisusa sodweshu (inkinga abhekene nayo).
* Izigameko zendaba zizungeza kuyena.

Imbangi: uMthofi ngoba


nguyena ophazamisa ukuphila kamnandi kukaSonto emzini wakhe ngokulokhu
ezomsabisa efuna imali amkweleta yona.

Umqhathi: Imali uSonto ahluleka ukuyikhokhela uMthofi.


USonto waqasha uMthofi ukuba abulale unkosikazi kaMbhele waqhubeka
wabulala noMbhele kodwa manje useyahluleka ukumkhokhela.
Umlamuli: uNtshangase ngoba
nguyena ovikela ifa likaMbhele ngokuthi uma eshone ngokubulawa, imali
ingaphumi kuze kutholakale ababulali.

Isakhiwo somdlalo:

5. Isethulo/isingeniso: * Umbhali usethulela ummeleli uSonto kanye nesisusa sodweshu


(inkinga bhekene nayo).
* Sethula isizinda somdlalo lapho kwenzeka ubugebengu bamanje
ezindaweni zasemadolobheni nesimo senhlalo esingesihle
ngoba kunabantu abaqashwa ukubula abanye.

6. Ukubhebhetheka kodweshu:

Udweshu olusuke esethulweni luyakhula luthatha amazinga ahlukahlukene kanje:


* USonto udubula umfundisi ngenhloso yokuthola imali yokukhokhela uMthofi.
* Udweshu phakathi kukaSonto noMthofi lubuya kaninginingi ngoba uSonto akanayo
imali yokumkhokhela.

7. Ukujeqeza emuva:
Sithola ukuthi uMthofi wahlala iminyaka eyi-15 ejele ngoba wabulala inkosikazi kaMbhele
eqashwe uSonto.

8. Isixakaxaka:

Ziningi izigameko ezenzekayo endabeni ezenza sigcine singasaqondi ukuthi indaba


izophetha kanjani. Ngabe uzobanjwa uSonto emacaleni akhe noma uzophumelela agcine
eyitholile imali yefa likaMbhele?
7

Ukuvela kwendaba yokuthi uMbhele wasayina iwili equkethe ukuthi ifa lakhe lingabelwa
muntu kuze kucace ngababulali bakhe kuqala uma efa ngokubulawa.
Ukufika kukaSonto kunina ezoshiya uZinhle kanti kuzofika uNhleko ezombopha.

9. Uvuthondaba:
Ukufika kukaMthofi noThoronto ebusuku bezofuna uSonto kanti kuzoqhamuka uNhleko,
bakhipha ingonyuluka kwabe sebeyaboshwa njalo.

10. Isiphetho:

Ukuboshwa kukaSonto nokugwetshwa udilikajele ngamacala obugebengu.

11. Imiyalelo yokwenzeka enkundleni yokudlalela (stage directions):

Siyayithola ngasekuqaleni kwezigcawu zonke zomdlalo.


Sethulelwa abadlali abatholakala kuleso sigcawu, abaxoxa ngakho kanye nesimo sonke
sendawo abatholakala kuyo. Lokhu kubandakanya izimpahla kanye nezinto ezitholakala
khona.

12. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile:

Lokhu kusho izigameko ezithile ezifihlekayo kumlingiswa othile ikakhulukazi ummeleli


ngenhloso yokuba indaba iqhubeke, kudaleke uchungechunge lwezigameko ezizokhulisa
indaba. Lokhu kuvama ukuba kube isigameko esingumgogodla wendaba esiyingxenye
yenkinga yomlingiswa omkhulu (ummeleli) okungathi uma sambuleka kuye, indaba
iphazamiseke kumbe ivele iphele nya.

Izibonelo zezigameko ezifihlelwe abalingiswa kulo mdlalo:

Ukubulawa kukankosikazi kaMbhele nguSonto sifihlakele kuMbhele. Ukuba sisheshe


sambuleka kuyena, indaba ibingaphazamiseka kumbe iphele kanjalo.

Ukuhletshelwa kukaMbhele nguDlamini ngemikhuba eyenzeka kwakhe uma engekho


ngabafana abafika kwakhe bephethe izibhamu. Ukwambuleka kwalesi sigameko
kwakungasho ukuphazamiseka kwendaba kumbe ukuphela nya kwayo.

13. Isizinda:

Isizinda sihlukaniswe kathathu: indawo, isikhathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni).

Indawo: Kusedolobheni,

Sithola ukwakhelana ngokusondelana kwemizi njengoba uDlamini wayekwazi ukubona


konke okwenzeka kaMbhele.
Amahhovisi abameli, uMbhele wafika ezobona ummeli wakhe uNtshangase kanti noSonto
waya kobheka ukuthi kuhamba kanjani ngencwadi yefa.
8

Indawo enemigwaqo eminingi uMbhele alokhu ejika kuyona, athole ukuthi imoto
yezigebengu iyamlandela kanye nezimoto eziningi ezedlulayo.

Isikhathi/Inkathi:
Esamanje ngoba:
Sithola izimoto, izindlu zesimanje ezinamakamelo, ubuningi bezibhamu emphakathini,
izitolo, abameli, izibhedlela nokunye.

Isimo senhlalo:

Isimo senhlalo asisihle, kunobugebengu obenzeka ngisho emini njengoba uMbhele


wabulawa eya emsebenzini.
Kunesihluku njengoba uSonto adubula umfundisi ngisho emncenga ukuthi akangambulali.

14. Inkulumo-mpendulwano:

Isiza ukusethulela abalingiswa ngoba abanye bavezwa indlela abaphendulana ngayo bese
sibona ubunjalo bakhe umlingiswa.

INOVELI: ITHEMBA LAMI

B. IZIMPAWU ZEMIBHALO YOBUCIKO: UMDLALO

1. Indikimba

Indikimba umqondo jikelele noma yilokho ekhuluma ngakho ngegama elilodwa kumbe
ngebinzana yamagama
Indikimba yale noveli: ISIFO SENGCULAZI/ INGCULAZI ngoba phela indaba yonke
ikhuluma ngokugula kukaSandanezwe okusolakala ukuthi uphethwe isifo sengculazi.

2. Udweshu:

Kukhona izinhlobo zodweshu ezimbili:

Olwangaphakathi: Imicabango yomlingiswa enokushayisana mayelana nenkinga noma


isimo esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo ngaso.
Isibonelo: USandanezwe ucabanga ngokujulile ngengoduso yakhe uNokulindela

Olwangaphandle: Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono phakathi kwabalingiswa


ababili noma ngaphezulu okungaba ngamazwi futhi okungagcina ngesinye isikhathi
kuholele ngokubambana ngezandla.

Isibonel: Inkulumo-mpendulwano phakathi kukaSandanezwe, unina kanye noyise,


beshayisana ngemibono mayelana nokuthi yikuphi lapho okwakufanele uSandanezwe aye
kofuna usizo khona phakathi kwasezinyangeni nakubathandazi.
9

3. Abalingiswa:
Abalingiswa yibona abaqhuba indaba ngokubamba iqhaza elithile.
Bahlukaniswe ngezinhlobo ezimbili: ababalulekile nabangabalulekile.

3.1 Abalingiswa abathola kule noveli ngokwezinhlobo zabo:

Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye endabeni:


uSandanezwe – Indodana kaMkhumane eyayigula kakhulu, ingelapheki.
uMkhumane – Ubaba kaSandanezwe
unina kaSandanezwe
uNokulindela – Ingoduso kaSandanezwe
uMaZikalala – Unina kaNokulindela
uMchunu – Uyise kaNokulindela
uNonkamfela Mbeje – Inyanga yaseMacekane eyayelapha uSandanezwe
uZondiwe – Umzala kaSandanezwe
uZabalaza – Imbangi kaSandanezwe kuNokulindela
uNomgedla – Iqhikiza likaNokulindela elingukanina kaZabalaza
uMzungezi Jiyane – Inyanga kaZabalaza
uMbuyisa – Inyanga yakwaCeza okwayiswa kuyona uSandanezwe ngoba esehlulekile
uNonkamfela.
uNomkhizo – Udadewabo kaSandanezwe

3.2 Abalingiswa abangabalulekile neqhaza abalibambile ngamunye endabeni:

uNtshingila – Indoda eyayisebenza kubangcwabi.


uFohlela- udibi lukaNonkamfela wamukela uSandanezwe uma efika kwaNonkamfela.

3.3 Ukuvezwa kwabalingiswa:


Ziningi izindlela zokuvezwa noma zokwethulwa kwabalingiswa.
Kukhona abavezwa yinkulumo-mpendulwano- njengoZabalaza ekhuluma amagama
anokudelela kuSandanezwe.
Baziveza bona ngezenzo zabo:
Isibonelo: umzala kaSandanezwe uZondiwe ngenkathi emvakashela enyangeni,
Lokhu kukhombisa ukuthi ungumlingiswa onothando nozwelo.
Bavezwa ngokulandela amagama abo:
Isibonelo: uNokulindela walinda uSandanezwe eyosebenza eThekwini nangesikhathi egula.

3.4 Izinhlobo zabalingiswa:

Omkhulu/osemqoka/oqavile:
Isibonelo: uSandanezwe ngoba wethulwa ekuqaleni kwenoveli nesisusa sodweshu (inkinga
abhekene nayo).
Izigameko zendaba zizungeza kuyena.

Oyisicaba: Ozenzo zakhe aziguquguquki kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.


10

Isibonelo: uZabalaza, uSandanezwe, uNokulindela nabanye.


Oyindilinga: Lona ozenzo zakhe ziba nokuguquguquka zihambisane nesimo azithola
ekusona.
Isibonelo: UNonkamfela ngoba ubenethemba lokuthi uzokwazi ukulapha uSandanezwe
kodwa wagcina esebonile ukuthi angeke akwazi, isifo asilapheki.

4. Umsebenzi/ iqhaza lomlandi

Umlandi angathatha isimo somuntu wokuqala lapho simthola khona ekhuluma


ngezigameko ezithinta yena ngqo, naye abe yingxenye yabalingiswa bendaba. Kuvama
ukuba kusetshenziswe izivumelwano zomuntu wokuqala, u(ngi-/ si-) ezilandisweni zemisho
kanye nezabizwana ezithi mina/ thina njengenhloko yomusho. Inkinga ngale ndlela ukuthi
kuyenzeka umlingiswa angazi ngezigameko ezenzeka kwenye indawo lapho asuke engekho
khona.

Kungenzeka futhi ukuba umlandi athathe isimo sokuba ngumuntu wesibili lapho
esethulela indaba sakukhuluma nomuntu othile. Lapha-ke kuvame ukusebenza
kwezivumelwano (u-/ ni-) ezilandisweni zemisho kanye nezabizwana zomuntu wesibili
(wena/ nina) njengenhloko yomusho.

Enye futhi indlela okuyiyona eyejwayeleke kakhulu yileyo umlandi ethatha isimo somuntu
wesithathu lapho umlandi engusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzekayo endabeni
ngoba phela umi eceleni, akazitholi eyingxenye yabalingiswa bendaba naye. Lapha-ke
kuvame ukusebenza kwezivumelwano zomuntu wesithathu okungu-(u-/ -ba-) kanye
nezabizwana zomuntu wesithathu (yena/bona) njl.

Isibonelo: Umlandi kule noveli ungumuntu wesithathu. Usilandisa indaba kusukela ekuqaleni
kuze kube sekugcineni. Iso lakhe libona yonke indawo (ungusazikonke). Usethulela
okwenzeka kuSandanezwe ekhaya kubo, enyangeni uNonkamfela, nakuzo zonke izindawo.
Siyazithola futhi izivumelwano zomuntu wesithathu okungu(u-/ ba-) zisetshenzisiwe kakhulu
endabeni.

5. Isizinda:

Isizinda sihlukaniswe kathathu: indawo, isikhathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni).

5.1 Indawo: Kusemakhaya


Sithola uNokulindela eyokha amanzi emfuleni, amaqhikiza aluleka izintombi, ukweshela
kwezinsizwa emfuleni (uZabalaza eshela uNokulindela),isiqhimuqhimu somuz
kaNonkamfela owakhiwe ngolawondi botshani nezindlu zokhethe njalonjalo.

5.2 Isikhathi:

Isikhathi samanje lapho abantu bengakafundiseki ngesifo sengculazi.


Isibonelo: USandanezwe wathi kubazali bakhe odokotela abaphumeli obala ukuthi uphethwe
yini.
11

5.3 Isimo senhlalo:

Isimo senhlalo asisihle, uSandanezwe uyagula futhi akasindi.

6. Isakhiwo senoveli:

Lokhu kusho ukuhleleka kwezigameko ngendlela enokuxhumana ngokwembangela


nomphumela kusukela esingenisweni kuze kuyofika esiphethweni sendaba.

Isakhiwo sale noveli sinamabanga amathathu alandelayo:

6.1 Isingeniso:
Lapha sethulelwa umlingiswa omkhulu nenkinga abhekene nayo kanye nabanye
abalingiswa abaqavile ababambe iqhaza ngokwahlukana kwabo.
Isizinda naso siyavela kuleli banga.

Isibonelo: Esingenisweni sale noveli sethulelwa umlingiswa osemqoka/omkhulu


onguSandanezwe eseMpangeni nenkinga yakhe yokugula.

6.2 Umzimba:

Umlingiswa omkhulu simthola ezama ukuxazulula inkinga yakhe yokungasindi ekuguleni.


Usephumile esibhedlela, uyaqhubeka uyofuna usizo kubathandazi, inyanga uNonkamfela,
naye wahluleka ukumsiza. Isifo siyaqina.

6.3 Isu lokujeqeza emuva nelokubikezela:

Umbhali usebenzise leli su lokujeqeza emuva ukuze sizwe imbangela yokuthi uSandanezwe
ukugula wakuthola ngenxa yokuziphatha kabi kwakhe ngesikhathi esebenza emkhunjini.

6.4 Ukubikezela

Ukubikezela kusho ukwethulwa kwesigameko noma kwemininingwane ephathelene


nokusazokwenzeka ngaphambili ngenhloso yokuheha nokuvusa ilukuluku lokufunda indaba.

6.5 Isixakaxaka:

Izigameko ziyakhula ngoba abalingiswa banemibono ehlukene nekamlingiswa omkhulu bese


kuba khona ukungezwani, izinkinga ziyaqhubeka.
Isibonelo: USandanezwe esagula uZabalaza washela ingoduso yakhe wagcina esemdelela
nezinsizwa zangakubo, waqhubeka futhi wacela uNomgedla ukuthi afakele uNokulindela
umuthi okwacishe kwambulala. Inyanga inenkinga yokuthola isitho somuntu wesifazane
okuzokwenziwa ngaso umuthi.
12

6.6 Uvuthondaba:

Isifo sikaSandanezwe asilapheki.

6.7 Isiphetho:

Indaba iphela kuvuthondaba ngoba yilapho uSandanezwe etshela unina ukuthi isifo
asilapheki.

6.8 Isakhiwana:

Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane esiba


ngumxhantela wesakhiwo esikhulu sendaba.
Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane ethile ngomlingiswa othile endabeni
nokubambezela ukukhula ngokushesha kwesakhiwo sendaba ukuze ingasheshi iphele.
Isakhiwana siba nomlingiswa omkhulu othile nesigameko esakhelwe phezu kwaso
kanye nala mabanga atholakala esakhiweni esikhulu: isingeniso, umzimba nesiphetho.

Isibonelo: Isakhiwana kule noveli


Isigameko lapho uZabalaza ethatha uhambo eya enyangeni uJiyane eyofuna umuthi
wokuthambisa uNokulindela ukuba athobele umthetho wakhe kuze kuyofikwa lapho kugula
khona uNokulindela.
Le ndatshana inomlingiswa omkhulu okunguZabalaza ebhekene nenkinga yokweshela
uNokulindela isikhathi eside kepha lutho ukumnqoba.
13

IZINDABA EZIMFUSHANE

IZINYEMBEZI ZOTHANDO: Umhleli: D.B.Z. NTULI


Nazi izindaba ezimfishane ezimiselwe ukufundwa ebangeni le-12:

ISIHLOKO SENDABA UMBHALI


1. Wakubona Wakubeletha M.T. Mkhize
1. Uxolo Secelo Zimema
2. Inja Nengalo N.A.P. Khumalo
4. Noma nini N.E. Mensa
5. Amathunzi Ezintaba N.A.P. Khumalo
6. Insimbi Edla Ezinye M.J. Mngadi
7. Ingcebo Yezicebi Nezimpofana M.J. Mngadi
8. Umakhonya Sakhile Bhengu

UKUHLUZA INDABA EMFISHANE.

1. Imigomo Yendaba Emfishane:

a) Indaba emfishane iba nendikimba eyodwa.


b) Abalingiswa abeqi kwabahlanu.
c) Yenzeka endaweni eqoqekile.
d) Yenzeka esikhathini esifishane.

QAPHELA: Kuyenzeka enye indaba emfishane ibe nesikhathi esilulekile futhi ibe
nezindikimba ezingaphezulu kweyodwa.

2. Isethulo/Isingeniso:

a) Sethula umlingiswa omkhulu/oqavile/osemqoka nenkinga abhekene nayo/isisusa


sodweshu .
b) Siveza isizinda (indawo, isikhathi nesimo senhlalo).
c) Siveza uheho.

3. Umzimba:

Umlingiswa omkhulu simthola ezama ukuxazulula inkinga abhekene nayo.


14

Isu lokujeqeza emuva nelokubikezela:

Umbhali usebenzisa isu lokujeqeza emuva ukuze indaba ihlangane uma kukhona
okwenzekile ngaphambilini okungaba wumthelela walokhu okwenzeka endabeni.

4. Ukubikezela:

Ukubikezela kusho ukwethulwa kwesigameko noma kwemininingwane ephathelene


nokusazokwenzeka ngaphambili ngenhloso yokuheha nokuvusa ilukuluku lokufunda
indaba.
Ukubikezela kuyenzka futhi kube isimo sophawu.

5. Isixakaxaka:

Izigameko ziyakhula ngoba abalingiswa banemibono ehlukene nekamlingiswa omkhulu


bese kuba khona ukungezwani, izinkinga ziyaqhubeka.

6. Uvuthondaba:

* Indaba isuke isifike esicongweni, umfundi usuke esethathekile engasakwazi ukuyibeka


phansi.
* Kwesinye isikhathi kusuke sekuvela amaqiniso/izimfihlo.
Omunye umbhali indaba yakhe uyiphetha kulesi sigaba sovuthondaba.

7. Ibohlololo:

Izigameko zisuke seziya ngokwehla/zibohla.

8. Upholavuthondaba

Lapha kusuke sekuvela umphumela emva kwesigameko ebesibeke indaba esicongweni.

9. Udweshu:

Kukhona izinhlobo ezimbili zodweshu:


Olwangaphakathi: Imicabango yomlingiswa enokushayisana mayelana nenkinga noma
isimo esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo ngaso.

Olwangaphandle: Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono phakathi


kwabalingiswa ababili noma ngaphezulu okungaba ngamazwi futhi okungagcina ngesinye
isikhathi kuholele ngokubambana ngezandla.

10. Isiphetho:

Umbhali angayiphetha indaba emfishane ngezindlela ezehlukene:


15

Isiphetho esivulekile: Lapha umbhali ushiyela abafundi nemibuzo mayelana nokuthi


izigameko ziphethe kanjani.
Isiphetho esivalekile: Lapha umbhali ushiya yonke imibuzo iphendulekile, kungabi bikho
ukudiddeka ngokuthi kugcine kwenzekeni.
Isiphetho esiyingwijikhwebu: Lapha umbhali uphetha indaba ngokuthi eveze
obekungalindelekile.

IZIBONELO ZEZINHLOBO ZEMIBUZO.

Uhlobo Lombuzo Izibonelo


Kwenzekani emva koku…? Ungasho igama lalo … chaza
Edinga ulwazi ukuthi kwenzekani … ubani owakhuluma no…? Yini incazelo
yalokhu ..?
Edinga ukuqondisisa Ubani owabe engumlingiswa omkhulu …? Unganika isibonelo
salokhu …? Ungachaza ngamagama akho ….?
Edinga asebenzise ulwazi Ungacabanga okunye...kuphi lapho ….? Uyakhumbula ukuthi
analo sibheka isingathekiso - ungasichaza uthini isingathekiso kulo
musho?
Edinga ukuhlaziya Lokhu kufana ngani nalokhu …? Lokhu kwehluke ngani
kulokhu …? Iyini indikimba …? Kungani ucabanga ukuthi …?
Edinga ukuhlela imiqondo Sifunde umehluko izinto ezahlukene ngoRomeo - ungakubeka
konke ndawonye bese uchaza ubunjalo bakhe? Uwuhlobo
olunjani lo muntu?
Edinga ukuhlolisisa Kunamisebenzi mini ……? Ungacabanga indlela engcono
yoku ….? Iyiphi indaba emfushane oyikhethayo phakathi
kwalezi ezimbili ? kungani?
16

IZINDABA EZIMFUSHANE:

1. Wakubona Wakubeletha: M.T. Mkhize

Indaba ngokufinqiwe

Umbhali usethulela umlingiswa omkhulu onguBekezela Zulu. Inkinga kaBekezela Zulu


ukuthi wayethole incwadi yocingo evela eKing Edward VIII Hospital ngalolu suku.
UBekezela Zulu wayezibuza eziphendula ukuthi ngabe yisiphi lesi sihlobo sakhe
esasigulela esibhedlela saseKing Edward VIII. Wagcina eyivulile incwadi yocingo. Le
ncwadi yayimazisa ngokudlula emhlabeni kukaMlahleni Cele. Incwadi yayikuveza
ukuthi ngokwamabhuku asesibhedlela uMlahleni Cele walethwa nguBekezela
esibhedlela ngakho-ke kwakumele kube nguye olanda isidumbu sikamufi esibhedlela.
Le ncwadi yamsanganisa uBekezela Zulu ngoba yena wabe engamazi ngisho ukumazi
igama lakhe lo muntu okwase kufanele amngcwabe. Yena wayemazi njengoMnuzane
Cele ngesikhathi esahlala eMzimkhulu. UBekezela Zulu waphinde wahlangana
noMnuzane Cele ngesikhathi esehlala eThekwini. Langa limbe uZulu ezihambela
eThekwini wabona uCele ehlezi eceleni komgwaqo, ecela imali. Kwathi lapho uZulu
esaxoxisana noCele, wavele wawa waquleka. UZulu wathatha uCele ngemoto yakhe
wamyisa esibhedlela.
Ekufikeni kwakhe ekhaya, uBekezela watshela umkakhe ngale ndaba yencwadi
yocingo. UMaKhumalo, umkaZulu wamgxeka kakhulu ngalesi senzo sakhe sokusiza
abantu angabazi. UBekezela wachazela uMaKhumalo ukuthi yena wabe emazi kudala
uCele esengumnuzane ohloniphekile. Kwammangaza-ke uBekezela ukubona uCele
esahlala emgwaqeni engasenabani. UBekezela nomkakhe bagcina bevumelene
ngokuthi uBekezela aye esibhedlela ayobachazela ngokwazana kwakhe noCele.
UBekezela wahamba nomkakhe ngesikhathi eseya esibhedlela.
UBekezela wafika esibhedlela waxoxela abezenhlalakahle ukuthi waqala ukwazana
noCele besahlala eSayidi. UCele wayengusomabhizinisi, wayenesitolo kanye
namabhasi amabili. Kwakuthi lapho oBekezela bezokuba nekliniki engumahamba
nendlwana esitolo sikaCele, uCele wayeyeka yonke imisebenzi yakhe azosiza
oBekezela. Phela wayengafuni ukuthi oBekezela njengabantu bakaHulumeni
bangaphatheki kahle uma befike esitolo sakhe. Babethola ngisho okuya ngasethunjini
uma besebenzela esitolo sikaCele.
Usonhlalakahle watshela uBekezela ukuthi ngokombiko wabahlola isidumbu sikaCele
bathola ukuthi wabulawa ukuphuza kakhulu isipirithi kanye nendlala. UBekezela
wayesola sengathi uCele waqala ukuphuza utshwala emva kokulahlekelwa
amabhizinisi kanye nomndeni wakhe.
Usonhlalakahle watshela uBekezela ukuthi kunamaphepha amaningi ayetholakale
kumufi. UCele wabhala incwadi ngempilo yakhe ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.
Wayilanda-ke indaba kaCele usonhlalakahle eyifunda phansi kuleli pheshana
elalishiywe nguCele. Ngokwencwadi eyayishiwe nguCele, umnumzane lo wadayisa
wonke amabhasi akhe kanye nesitolo ngoba enenhloso yokuthenga ipulazi. Kwathi
17

engakalithengi ipulazi wavelelwa yingozi walaliswa esibhedlela izinyanga


eziyisithupha. Ngesikhathi uCele esesibhedlela umndeni wakhe awuzange
umvakashele uzombona. UCele waphuma esibhedlela esehamba ngesihlalo
esinamasondo.
Ekuphumeni kwakhe esibhedlela uCele wazama ukuthola umndeni wakhe kodwa lutho
ukuwuthola. Emva kokulifunda lonke ipheshana elalilandisa ngempilo kaCele,
usonhlalakahle wabuza uBekezela ukuthi wayengakwazi yini ukuthwala izindleko
zokungcwaba uCele. Kwavunyelwana ngokuthi uBekezela athole incwadi evela
emaphoyiseni ukuze abe negunya lokumngcwaba uCele. Yize kwakunezinkinga
wagcina efihliwe uCele. Inkonzo yomngcwabo yayiphethwe nguMfundisi Sokhela
owayesonta nabo oBekezela. Isibalo sabantu ababekhona enkonzweni sasisincane.
NgoMsombuluko uBekezela waphindela esibhedlela eseyonikeza usonhlalakahle
izindleko zakhe.
Usonhlalakahle watshela uBekezela ukuthi incwadi kaCele akabafundelanga yonke
ngesikhathi befike okokuqala ehhovisi lakhe. Usonhlakahle watshela uBekezela ukuthi
ezimpahleni zikaCele kwatholakala upulasitiki owawunemali eningi. Encwadini
eyayibhalwe nguCele esaphila kwakubekwe umbandela wokuthi leyo mali
yayiyotholwa ngumuntu owayezomhlenga futhi amngcwabe ngendlela ehloniphekile.
Usonhlalakahle watshela uZulu ukuthi odokotela bayibale imali yahlangana
izinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu amarandi. Yonke le mali
yayizotholwa nguZulu ngenxa yesihe sakhe.

Isihloko
Isihloko sale ndaba siyahambisana nayo ngoba umbhali uyasivezela ukuthi kungani
eyinikeze isihloko esithi: Wakubona Wakubeletha. Lesi saga esithi, “Wakubona
Wakubeletha,” sichaza ukuvelelwa yinkinga enkulu okungelula ukuyixazulula. Kuyavela
ukuthi umlingiswa omkhulu wahlangabezana nezinkinga eziningi ngesikhathi sekumele
athwale izindleko zokufihla uMnumzane Cele. Ngakolunye uhlangothi uMnumzane Cele
wagcina esehlala emgwaqeni ngenxa yokuthi wedukelana nomndeni wakhe emva
kokuquleka isikhathi eside ngesikhathi elaliswe esibhedlela.
Isingeniso
Siyamveza umlingiswa omkhulu kanye nenkinga abhekene nayo. Esingenisweni sithola
umlingiswa onguBekezela ebhekene nenkinga yencwadi yocingo eyayivela e-King Edward
VIII. Umbhali uphinde asinikeze imininingwane yesizinda okwenzeka kuso indaba.
Siyathola ukuthi le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni. Isingeniso sale ndaba
siyaheha, senza uzibuze imibuzo ngaye umlingiswa omkhulu ukuthi uzosizakala kanjani
ekugcineni. Esingenisweni kumele kuvele nesisusa sodweshu. Umbhali ubuye aveze
nabanye abalingiswa abanokuhlobana okuthile nomlingiswa omkhulu.
Indikimba
Kule ndaba sithola ukuthi indikimba ubuntu. UCele wenza isenzo sobuntu ngesikhathi esiza
uBekezela ngokumboleka imali. Ngelinye ilanga wayengaholanga uBekezela ngesikhathi
esasebenzela uHulumeni. UCele akabuzanga mibuzo wavele wamnika imali ephindwe
kabili kuleyo ayeyicelile. UBekezela naye wasiza uCele ngesikhathi sebehlangana
edolobheni eThekwini.
18

Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba inesizinda esiqoqekile ngokwendawo. Izigameko eziningi kule ndaba zenzeka


eThekwini. Le ndaba ayiqoqekile kahle hle ngokwesikhathi ngoba kuthatha izinsukwana
ngaphambi kokuba ifike esiphethweni sayo.

Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali ulisebenzise kahle isu lakhe lokusivezela abalingiswa kule ndaba. UBekezela
umveze ekhuluma yedwa ebalisa emva kokuthola incwadi yocingo embizela esibhedlela.
UMaKhumalo uvezwe ngedlela esamdlalo, simuzwa ekhuluma nomyeni wakhe
UBekezela. UCele akukho lapho ekhuluma khona kule ndaba, kodwa uBekezela uyena
ositshela kabanzi ngomnumzane Cele.

Abalingiswa abaveziwe:
l uBekezela Zulu - umyeni kaMaKhumalo
l uMaKhumalo - unkosikazi kaZulu
l uMlahleni Cele - owayengusomabhizinisi
l uMbonambi - usonhlalakahle
Isiphetho
Umbhali uyiphethe kahle le ndaba yakhe. Akasishiyanga nemibuzo eminingi
engaphendulwanga. Kuleli zinga kuhlala obala konke ebesikade singakuqondi ukuthi
kuzophetha kanjani. Kule ndaba emfushane uBekezela ugcina ethole imali enkulu
ayeyishiyelwe nguCele. Inkinga esithulelwe yona esingenisweni iyaxazululeka.
19

1. Wakubona Wakubeletha - M.T. Mkhize

1.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela

“Impela lokho nami ngiyakuzwa MaKhumalo, kodwa manje lokhu kukaCele khona
kwabe kwehlukile ngoba uCele ngabe ngimaze kudala esengumnumzane
ohloniphekile. Kodwa ngethuswa yisimo ayesekuso sempilo. Angithi uyabona nje
lapha kule ncwadi-lucingo MaKhumalo ukuthi abayiphathi indaba yokuthi angase
angcwatshwe nguHulumeni uma ngingamlandi, kodwa bakhuluma indaba yokuthi
bazongibopha. Mina-ke sengincamela khona ukuba ngiboshwe.”
“Uma-ke uboshwa yise kaNomasonto thina ebese sisala nobani lapha ekhaya?”
ebuza ngokwehlisa umoya uMaKhumalo.
“La madoda anemizi ahlale eboshwa imihla namalanga wona kuye kwenzeke kanjani
emizini yawo?”
“Phela kusuke kuyizigemegeme eziwaqhamukele engalindele, kanti wena uzifakile
kulolu taku.”
“Usho ukuthi MaKhumalo le ncwadi ifika nje bengivele ngiyilindele?”
“Kanti wena wathi uma umfaka esibhedlela lowo Cele wakho wathi uyokhokhelwa
ngubani imali yokungeniswa esibhedlela? Kuzodingeka ukuba uyithwale yonke-ke
imiphumela yesihe sakho esikhulu.”
“Mina ngangizama ukusindisa umphefumulo. Engingase ngikwenze nje manje ukuba
ngizame ukuthola izihlobo zikaCele.”
“Usho ukuthi uzokuya le eMzimkhulu manje uyofuna izihlobo zikaCele?” kubuza
uMaKhumalo.
“Angeke ngize ngiye eMzimkhulu ngoba sengathi wathi abasekho khona, kodwa
ngingakhipha isaziso eMsakazweni nasemaphephandabeni ukuze bazi ngoba noma
ngubani uyazidinga izihlobo zegazi uma eseshonile, hhayi abangane nje kuphela.”

Phendula imibuzo elandelayo.

1.1.1 Ngubani ingane kaMaKhumalo? (1)


1.1.2 Wayithola kanjani uBekezela indaba yokudlula emhlabeni kukamnumzane
Cele? (1)

1.1.3 Ngokwalesi siqeshana yini eyayizokwenziwa nguBekezela ukuzama


ukuthola izihlobo zegazi zikaMnumzane Cele? (1)
1.1.4 Yisiphi isizathu esenza ukuthi uMaKhumalo athi kuZulu, kanti wena
uzifakile kulolu taku? (1)
20

1.1.5 Caphuna okwashiwo nguMaKhumalo ngesikhathi uZulu esho lamazwi


alandelayo: “…Mina-ke sengincamela khona ukuba ngiboshwe.” (1)
1.1.6 Fingqa kafushane okwenzeka esiphethweni sale ndaba. Bhala amaphuzu
AMABILI. (2)
1.1.7 Nikeza indikimba yale ndaba bese usekela impendulo yakho ngephuzu
ELILODWA. (2)
1.1.8 Isingeniso sale ndaba sihle. Sekela lesi sitatimende ngamaphuzu (2)
AMABILI.
1.1.9 UMaKhumalo ungumuntu onjani? Sekela impendulo yakho. (2)
1.1.10 Le ndaba inomoya oxubile. Fakazela lesi sitatimende ngamaphuzu (2)
AMABILI.
1.1.11 Ngabe umbhali ukwazile yini ukulandela umgomo omayelana nokuqoqeka
kwabalingiswa endabeni emfushane. Sekela impendulo yakhe
ngamaphuzu AMABILI. (2)
Izimpendulo ezilindelekile
1.1.1 UNomasonto. ü (1)
1.1.2 Ngencwadi-yocingo. ü (1)
1.1.3 Wayezokhipha isaziso eMsakazweni kanye nasemaphephandabeni. ü (1)
1.1.4 UMaKhumalo wayebona sengathi uBekezela wazilethela yena inkinga
ngokuthatha umnumzane Cele amyise esibhedlela. ü (1)
1.1.5 “Uma-ke uboshwa yise kaNomasonto thina ebese sisala nobani lapha
ekhaya?” (1)
1.1.6 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:
• Usonhlalakahle watshela uZulu ukuthi incwadi kaCele
wayengazange aqede ukubafundela yona mhla befike ehhovisi
lakhe okokuqala. ü/
• Incwadi kaCele uma isiphelele yayiveza ukuthi kwakunemali aze
washoha eyibhince emzimbeni wakhe.. ü/
• Incwadi yayikubeka kucace ukuthi oyoba nesihe angcwabe uCele
ngendlela enesizotha nguye owayezothola imali. ü/
• UBekezela wathola imali eyizinkulungwane eziyikhulu namashumi (2)
amahlanu amarandi. ü
1.1.7 Ubuntu ü
Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:
• Kule ndaba sithola ukuthi uCele wenza isenzo sobuntu ngesikhathi
esiza uBekezela ngokumboleka imali. ü/
21

• Ngelinye ilanga wayengaholanga uBekezela ngesikhathi


esasebenzela uHulumeni. UCele akabuzanga mibuzo wavele
wamnika imali ephindwe kabili kuleyo ayeyicelile. ü/
• UBekezela naye wasiza uCele ngesikhathi sebehlangana(2)
edolobheni eThekwini. ü
1.1.8 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:

• Siyamveza umlingiswa omkhulu kanye nenkinga abhekene


nayo. ü/
• Esingenisweni umbhali uphinde asinikeze imininingwane yesizinda
okwenzeka kuso indaba. Siyathola ukuthi le ndaba yenzeka
endaweni yasedolobheni. ü/
• Isingenisi sale ndaba siyaheha, senza uzibuze imibuzo
ngomlingiswa omkhulu ukuthi uzosizakala kanjani ekugcineni
• Esingenisweni kuvele isisusa sodweshu. ü/
• Umbhali ubuye asivezele nabanye abalingiswa abanokuhlobana
okuthile nomlingiswa omkhulu. ü (2)

1.1.9 UMakhumalo ungumuntu onolaka. ü


UMaKhumalo kwathi akamudle amfele uBekezela ngesikhathi emtshela
ngendaba yencwadi yocingo eyayivela esibhedlela. ü
NOMA
UMakhumalo ungumuntu ongenaso isineke. ü
Ngesikhathi uBekezela esamxoxela ngendaba yencwadi yocingo wavele
watshela umyeni wakhe ukuthi uyalunga. ü (2)
1.1.10 • Le ndaba inomoya oxubile ngoba esingenisweni sithola uBekezela
esenkingeni emva kokuthola incwadi yocingo imbikela ukuthi kumele
alande isidumbu sikaCele esibhedlela. ü/
• Kule ndaba sithola uBekezela esenkingeni ngenxa yomshikashika
wokwenza imizamo yokufihla uCele ngesizotha. ü/
• Kuphinde kusifikisele ngosizi ukufunda ngesimo sikaMnumzane
Cele ngesikhathi esehlala emgwaqeni. ü/
• Le ndaba iphela sekumnandi ngoba uBekezela ugcina ethole imali
eyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu amarandi. ü (2)

1.1.11 Yebo ukwazile, indaba emfushane kuye kuncomeke ukuthi ibe


nabalingiswa abahlanu. Kule ndaba sithola abalingiswa abathathu okungo:
Bekezela, MaKhumalo kanye noMbonambi. Umnumzane Cele kanye
noNomasonto kuyaxoxwa ngabo kodwa akukho lapho bezikhulumela
khona bona ngqo. üü (2)
22

2. INJA NENGALO: N.A.P. Khumalo

Indaba ngokufinqiwe

Le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni elokishini eMpithi. Esingenisweni sale


ndaba sethulelwa umlingiswa omkhulu uJoana. UJoana wayeziphilisa ngokudayisa
inyama ngasemgwaqeni. UJoana sithola ukuthi wayeshadele kwaDludla.

Umngane omkhulu kaJoana kwakunguGrace. UJoana noGrace bakhulele ndawonye,


babebizana ngamagama esilungu besafunda, kwathi noma sebephumile esikoleni
babelokhu bebizana ngawo. Babengasawafuni amagama abo esiZulu, uJoana
nguStofu, kanti uGrace yena nguNtombise.

Umbhali usitshela ukuthi uJoana noGrace bakhulela esigodini saseZigele. Kwathi-ke


uma sebeshada, baganela elokishini laseMpithi bobabili. Omunye umlingiswa
esethulelwa yena kule ndaba nguBhekani. UBhekani wayedayisa ngobisi kule ndawo.
UBhekani wayehamba ngebhayisikili lakhe elinesigadla uma edayisa ubisi. Isigadla
sebhayisikili sasithwala ikani lobisi.

Ngesimanga sokuthi abathengi babengasayithengi inyama eyayidayiswa nguJoana,


waphoqeka ukuba abonane nenyanga. Inyanga osibongo sayo singuNgema yayalela
uJoana ukuba athole ikhanda lenja ayezolisenzisa ukumthakela umuthi wenhlanhla.

UJoana wathola inja lapho kulahlwa khona izibi. Esefikile nayo, inyanga yanquma
ikhanda lenja yabe isiyalela uJoana ukuthi alifake ngaphansi kwendishi yenyama
ngoba yilo elalizodonsa abathengi. Isidumbu senja uJoana wasithatha wahamba naso
wafike wasihlinza kahle, wasisika wabe esehlanganisa nenye inyama.
Umbhali wendaba usitshela ukuthi ngalolu suku uJoana wayezihlalele noSofu
emgwaqeni lapho eyedayisela khona inyama. Kwathi besazixoxela kwafika uBhekani.
UJoana wathenga ubisi kuBhekani waluphuzela khona lapho emgwaqeni. UBhekani
wamisa ibhayisikili ngezinsimbi zokulimisa wabe esethenga inyama kuStofu. Wayosela
khona lapho emgwaqeni wayidla yedwa ngoba uJoana noGrace babonga bathi
abayithandi inyama.

Kwathi besazihlalele kanjalo oJoana, uGrace noBhekani, lawa ibhayisikili likaBhekani.


Ikani lobisi lawa kwavuleka nesivadlwano salo, kwachitheka ubisi kwanjeya,
kwaqhasha nengalo yengane ekanini yayophoseka laphaya! UStofu kanye
noNtombise bamthethisa uBhekani. Babebabaza nalesi sibindi sikaBhekani sokudlisa
abantu amanyala. Kusenjalo kwaqhamuka amaphoyisa. UStofu wawaqhweba
amaphoyisa. Kwaba ukufika kwawo nje amaphoyisa, UStofu noNtombise bawabikela
ukuthi uBhekani uphethe ingalo yengane ekanini lobisi aluthengisayo.

Kwenzeka konke lokho nje uBhekani usebuqamama nendawo yesigameko.


23

Amaphoyisa aphuthuma ngokushesha ambamba, amfaka ngemuva evenini


nebhayisikili lakhe. Abuyela kuStofu ngokushesha. Amaphoyisa abe ukufika nje
kuStofu afuna ukubona ukuthi yini le eyayisendishini yakhe. Athi lapho ehlolisisa
endishini athola ikhanda lenja phezu kwenyama ayeyidayisa. Amaphoyisa
awachithanga sikhathi amfaka evenini uStofu amvalela.

Isihloko

Isihloko sale ndaba siyahambisana nalokhu indaba ekhuluma ngakho. Umbhali


uyasivezela ukuthi kungani indaba eyinikeze isihloko esithi: Inja Nengalo. Kule
ndaba sithola ukuthi uJoana waya enyageni eyofuna umuthi wenhlanhla. Inyanga
yamyalela ukuba athole ikhanda lenja eyezolisebenzisa ekuthakeni umuthi
wenhlanhla. Leli khanda lenja wayezolifaka ngaphansi kwendishi yenyama
ayidayisayo. Ngakolunye uhlangothi uBhekani wayefake ingalo yengane ekanini
lobisi ayeludayisa. Le mikhuba yalaba balingiswa ize ivele esiphethweni sendaba.

Isingeniso

Siyamveza umlingiswa omkhulu kanye nenkinga abhekene nayo. Esingenisweni


sithola umlingiswa onguJoana ebhekene nenkinga yokuthi abathengi
abasayithengi inyama ayidayisayo. Umbhali uphinde asinikeze imininingwane
ephathelene nesizinda. Le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni, elokishini
eMpithi.
Indikimba

Indikimba ubuqili. Inyanga yakhohlisa uJoana ukuthi izomenzela umuthi


wenhlanhla ozoheha abathengi. Lo muthi wenhlanhla wawuzothakwa nekhanda
lenja okuyinto engemukelekile. UJoana wahlanganisa inyama yenja kanye
nenyama yenkomo eyayizodayiselwa abantu. UBhekane wafaka ingalo yengane
ekanini lobisi ayeludayisela abantu.

Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba inesizinda esiqoqekile ngokwendawo nesikhathi eyenzeka ngaso.


Yenzeka endaweni yasedolobheni. Umbhali ukwazile ukulandela umgomo
wokuqoqeka kwesikhathi endabeni emfushane. Le ndaba ithatha usuku olulodwa
vo.

Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali ulisebenzise kahle isu lakhe lokusivezela abalingiswa kule ndaba.


UJoana umveze ngendlela yokuthi simuzwe ekhuluma yedwa ebalisa. UGrace
uvezwe ngedlela esamdlalo, simuzwa ekhuluma nomngane wakhe uJoana.
24

UBhekani sivezelwa yena ekhuluma noJoana kanye noGrace.


Abalingiswa abaveziwe:
• uJoana (Stofu) - udayisa inyama emgwaqweni
• uGrace (Ntombise) - umngane kaJoana
• uBhekani - udayisa ubisi
• uZondo noDube – amaphoyisa
• uNgema - inyanga

Isiphetho

Isiphetho sisethulela ingwijikhwebu, besingalindele ukuthi umlingiswa omkhulu agcine


eseboshiwe.
Umbhali akasishiyanga nemibuzo eminingi engaphendulwanga. Kuleli zinga kuhlala obala
konke ebesikade singakuqondi ukuthi kuzophetha kanjani. Kule ndaba emfushane abenzi
bobubi bagcina beboshiwe. Nokho-ke singaveza ukuthi inkinga yomlingiswa omkhulu
yagcina ingaxazululekanga, kepha sibona isimo esibi sibhebhetheka siya phambili.
25

2. Inja Nengalo : N.A.P. Khumalo

2.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela

Kuselokishini eMpithi. Seliphakeme ilanga. Uhlezi uJoana ngasemgwaqeni. Eceleni


kwakhe kukhona indishi enkulu empunga, igcwele inyama. Uyayithengisa omdala.
Kukhona nembawula yamalahle akhethekile. Phela ofuna ukuba inyama yosiwe,
uyoselwa. Kukhona-ke nesigubhu sotshwala. Akuthandabuzwa-ke ukuthi ewuJoana
iyazifela ngamanzi amponjwana. Imicabango ifika iyadedelana nje njengoba ehlezi 5
engaxoxiswa muntu. Nokunguyena muntu amlinde ngamnyama namuhla, uBhekani,
akakaqhamuki. Mhlawumbe useyoziqhamukela ngesakhe nje isikhathi sekwaba
ntambama. Nokukhwehlela akusamnike thuba ngempela. Nokho kubuye kuthi damu
isikhashana.
Dukuduku kuqhamuke uGrace umngane wakhe omkhulu. Amomotheke yedwa uJoana 10
lapho embona umngane wakhe eqonde ngqo kuye. Ubesefile nayisizungu, nakhu-ke
umhlobo wakhe esezomxoxisa. Nokungafiki kukaBhekani lokho ngeke kusaba yinto
emhlupha kakhulu kangako.
OGrace noJoana bakhule ndawonye bentanganye. Babebizana ngamagama abo
esilungu besafunda, kwathi noma sebephumile esikoleni babelokhu bebizana kanje. 15
Phela benza njalo nje ngoba abasawafuni onkabi awesiZulu amabizo, uJoana
nguStofu, uma wazi isitofu lesi esibaswayo. UGrace yena nguNtombise
ongathandabuzwa. Esigodini saseZigele lapho bakhulela khona, baziwa ngisho
yingane encane ngala magama abo. Kuthe-ke noma sebeshada, baba nenhlanhla,
baganela elokishini laseMpithi bobabili uStofu wendela kwaDludla, uNtombise 20
wathathwa nguMfaba. Bahlangana lapha emgwaqeni nje sebeminyaka isemashumini
amane nanhlanu.

Phendula imibuzo elandelayo.

2.1.1 Yini le edayiswa nguJoana emgwaqeni? (1)


2.1.2 Ngubani umlingiswa owayedayisa ngobisi? (1)
2.1.3 Nikeza indawo okwenzeka kuyo le ndaba emfushane. (1)
2.1.4 Yini umsebenzi womlandi/umxoxi kulesi siqeshana esingenhla. (1)

2.1.5 Bhala isizathu esenza ukuthi uJoana aye ukuyobona inyanga. (2)
2.1.6 Khetha impendulo efanele kwezilandelayo:
Lesi simo sokukhuluma esithi: Kuselokishini eMpithi. Seliphakeme ilanga,
sichazani kulokhu?
A Isikhathi sasemini.
B Isikhathi santambama.
26

C Isikhathi sentathakusa.
D Isikhathi sasebusuku. (1)
2.1.7 Chaza lesi simo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kuleli binzana
elilandelayo:
Akuthandabuzwa-ke ukuthi ewuJoana iyazifela ngamanzi amponjwana. (1)
2.1.8 Lutholakala kuphi uvuthondaba kule ndaba? (2)
2.1.9 Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukwembesa umuntu inkunzi yejazi? (2)
2.1.10 Yini ekhombisa ukuthi uJoana ungumlingiswa ongenandaba nempilo
yabathengi ayebathengisela inyama? Bhala amaphuzu AMABILI (2)
2.1.11 Bhala inhloso yombhali yokusibhalela le ndaba emfushane. (2)

2.1.12 Uphumelele yini umbhali ukusivezela umlingiswa omkhulu kule ndaba?


Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA. (2)
Izimpendulo ezilindelekile
2.1.1 Inyama. ü (1)
2.1.2 UBhekani. ü (1)
2.1.3 Elokishini eMpithi. ü (1)
2.1.4 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:
• Usichazela kabanzi ukuthi indaba yenzeka kuphi. ü/
• Usichazela ngomlingiswa osemqoka. ü/
• Usilandisa ukusuka nokuhlala ngokwenzeka kulesi siqeshana. ü/
• Usilandisa ngemvelaphi kaJoana noGrace. ü (1)

2.1.5 Wayefuna ukuthi inyanga imthakele umuthi wenhlanhla ukuze ezoheha


abathengi. üü (2)
2.1.6 A √/ Isikhathi sasemini. ü (1)
2.1.7 Utshwala. ü (1)
2.1.8 Ngesikhathi uBhekani noJoana sebeboshwa ngamaphoyisa emva kokuba
kuvele obala ukuthi badlisa abathengi imikhiqizo engahlanzekile. üü (2)
2.1.9 Kusho ukudlisa umuntu umuthi wentando ozomenza akuthande kakhulu futhi
aphenduke isithithithi esilalela yonke into oyishoyo. üü (2)

2.1.10 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:


• Wayedayisela abathengi inyama yenkomo exutshwe nenyama yenja.
ü/
• Inyama ayeyidayisa wayeyingayifaki esiqandisini ukuze ingonakali. ü/
• Inyama ayeyidayisa yayingamboziwe, izimpukane zazizibhuzela.ü/
27

• Yayingekho imfologo yokuthi umthengi ahlabe inyama ayifunayo uma


ethenga, umthengi wayeyibamba ngesandla inyama uma ethenga. ü (2)

2.1.11 Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:


• Umbhali uhlose ukuxwayisa abafundi ngobungozi bokusebenzisa
izindlela ezisheshayo ukuze umuntu azuze impumelelo. üü/
• Umbhali lapha usivezela ukuthi kuyingozi ukuthenga into edliwayo
emgwaqeni. üü/
• Umbhali uhlose ukusikhombisa ukuthi ingalo yomthetho ifinyelela kuzo
zonke (2)
• izindawo. üü
2.1.12 Yebo uphumelele, umlingiswa omkhulu kule ndaba uJoana. ü

Iphuzu ELILODWA kwalandelayo:


• UJoana utholakala indaba iqala ize iyofika ekugcineni. ü/
• Uyena obhekene nenkinga kule ndaba. ü/
• Udweshu kanye nezigameko eziningi zithinta yena. ü/
• Indaba ingaye, ngakho-ke ibingeke iqhubeke ngaphandle kwakhe. ü (2)
28

3. Indaba ngokufinqiwe

Isihloko: UXOLO
Umbhali: Secelo Zimema

Esingenisweni sale ndaba sethulelwa umlingiswa onguMtolo, UMtolo wayesuke


ekhaya ngalolu suku enenhloso yokuzoxolisa kuS’kebhe. Ngesikhathi esefikele emzini
kaS’kebhe kwase kumsinda ukufeza le njongo ayeyizele lapha ekhaya. Wayesesaba
ngisho ukungqongqoza.

UMtolo wayefuna ukuxolisa kuS’kebhe Dludla. US’kebhe wayedume ngokuthenga


amatekisi abomvu kuphela. Kwathi lapho uS’kebhe esezitshale yonke imizila izimoto
zakhe, wasuka umona kwabanye osomatekisi. Abanye osomatekisi bagcina bethathe
isinquma sokuwashisa wonke amatekisi akhe.

Emva kokushisa amatekisi akhe bazama kaninginingi ukumbulala uS’kebhe kodwa


behluleka. Wayekhona naye uMtolo ngenkathi kuboshwa lolu zungu. Emva kokusha
kwezimoto zakhe wanyamalala uS’kebhe kwangaziwa ukuthi washona kuphi. Kwathi
emva kwezinsuku ezine enyamalele uS’kebhe, uMtolo nabanye osomatekisi babona
isimanga sezimanga elenki. Bathi sebethi bazoqala umsebenzi, bafica kulengiswe
izinkukhu ezimnyama kulezi zigxobo ezinamagama ezindawo lapho izimoto zilayishela
khona.

Aliphelanga isonto emva kwalesi sigameko, kwaqala kwafa abantu. Babefa isonto
nesonto abantu. Kwakufa umnikazi wetekisi noma umshayeli wayo. Baze baba
bahlanu abantu befa ngokulandelana. Ngenxa yovalo olwase luhlasele wonke umuntu,
uMtolo waya kumuntu obonayo. Umuntu obonayo wafike wanuka uS’kebhe.

Ngalolu suku uMtolo wagcina ezijubile wangqongqoza endlini ehlala uS’kebhe.


US’kebhe wavula emnyango wayalela uMtolo ukuba angene. UMtolo watshela
uS’kebhe ukuthi wayezozilahla kuye njengomunye wabantu abamonayo. UMtolo
watshela uS’kebhe ukuthi waphoqwa isimo sokuthi iningi losomatekisi lase livumelene
ngento eyodwa yokuthi kushiswe izimoto zakhe.

US’kebhe watshela uMtolo ukuthi yena ufuna abuyise yonke impahla yakhe
ngaphambi kokuba bakhulume ngokwenza uxolo. Emva kwale nkulumo uS’kebhe
wasukuma wangena kwelinye ikamelo. Wabuya emva kwemizuzwana uS’kebhe
esephethe iheheba le phepha. US’kebhe watshela uMtolo ukuthi leli phepha labe
linamagama abo bonke abantu abake bazama ukumbulala. Uhla lolu uS’kebhe
walunikeza uMtolo ukuze azibone ukuthi yena wayengunombolo bani.

Waluthatha uhla uMtolo wabona ukuthi abahlanu bokuqala kulolo luhla base beshonile.
Igama likaMtolo lalikunombolo ye-17. US’kebhe watshela uMtolo ukuthi uma efuna uxolo
29

kwakuzomele ashaye amakhanda asasele. UMtolo kwakumele akhethe phakathi kokushaya


amakhanda asasele noma akhokhe yonke impahla kaS’kebhe. UMtolo waphuma kuleyo
ndlu ikhanda liduma. Indaba ize iphele uMtolo esadidekile ngokumele akwenze ukuze kube
noxolo phakathi kwakhe noS’kebhe. Wayeludinga yena uxolo, kodwa akucaci ukuthi
wagcina ethathe siphi isinqumo mayelana nendlela ayezoyisebenzisa ukuzuza uxolo.

Isihloko

Isihloko sale ndaba siyahambisana nalokhu indaba ekhuluma ngakho. Kusukela


esingenisweni sendaba siyathola ukuthi uMtolo wasuka ekhaya waya emzini kaS’kebhe
ngenhloso yokuyicela uxolo. Siphinde sithole nesizathu esenza ukuthi uMtolo abone kufanele
ukuthi acele uxolo kuS’kebhe. Yize uS’kebhe ayezimisele ukuxolela uMtolo kodwa lolu xolo
lwaluhambisana nemibandela enzima.

Isingeniso

Isingeniso sihle, ngoba umbhali usethulela umlingiswa omkhulu okunguMtolo, okunguyena


obhekene nenkinga yokuzocela uxolo kuS’kebhe. Sithola ukuthi kwathi noma esefikile emzini
kaS’kebhe kwabanzima ukuthi azilahle akukhulume konke okwenzeka. Siyayithola
nemininingwane emayelana nesizinda. Sithola ukuthi le ndaba yenzeka esikhathini samanje
ngoba sekukhona udlame lwamatekisi.
Indikimba

Sithola ukuthi indikimba umona: Osomatekisi bahlangana bakha isu lokushisa amatekisi
kaS’kebhe ngenxa yokuthi babenomona ngempumelelo yakhe. Sithola ukuthi abagcinanga
ngokushisa impahla yakhe nje kuphela, kodwa bazama kaningi ukumsoconga kepha
behluleka.
Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba iqoqekile ngokwendawo, ngoba konke kwenzeka emzini kaMtolo. Lezi ezinye
izigameko abalingiswa basuke becabanga noma bekhuluma ngazo. Umbhali usebenzise isu
lokujeqeza emuva ukusivezela okwenzeka ngaphambi kokuba uMtolo azocela uxolo
kuS’kebhe.
Ukwethulwa kwabalingiswa

UMtolo sethulelwa yena ecabanga izinto abazenza kuS’kebhe ehlangene nabanye


osomatekisi. Siphinde sethulelwe yena ngezenzo zkhe ngesikhathi engabaza kaningi
ukungqongoza endlini kaS’kebhe, lokhu kusikhombisa ukuthi wayengumuntu ongenaso
isibindi, sokumelana nemiphumela yezenzo zakhe. US’kebhe uvezwe ngendlela esamdlalo,
ngoba simthola ekhuluma noMtolo. Le nkulumo yabo iyasivezela ukuthi uS’kebhe ungumuntu
onjani.
Abalingiswa abaveziwe:
• uMtolo - usomatekisi
30

• uS’kebhe Dludlu - onamatekisi amaningi


• Osomatekisi
Isiphetho

Isiphetho sale ndaba asiyixazululanga inkinga yomlingiswa omkhulu, uxolo ayelufuna


kuS’kebhe, lwaluhambisana nemibandela enzima. Yingakho-ke indaba ize iphele
singatholanga ukuthi uMtolo wagcina ekwazile yini ukuhlangabezana nale mibandela
eyayibekwe nguS’kebhe. Isiphetho sale ndaba sisishiya nemibuzo eminingi engaphenduleki,
asazi ukuthi kwagcina kwenzekeni ngomlingiswa omkhulu.

3. Uxolo - Sicelo Zimema

3.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela

Ungabaza ukungqongqoza nje akazenzi. Akuyona into elula ukuhlambuluka,


ikakhulu kubantu abaziphakamisile. Kuyaye kwale noma umuntu esevaleleke
endaweni ebucayi kangakanani, sekusele into eyodwa engamsindisa, ukuxolisa
kodwa umuntu athi uncama ukufa. Hhayi, enye inhlobo yenkani le. Omunye
umuntu uze ancame ukuzigwema izinto nezindawo abezithanda ngenxa yokuthi
kukhona isitha sakhe ngalapho.
UMtolo uze ame lapha phambi komnyango nje, uze kuS’kebhe wakwaDludlu.
US’kebhe wodumo lwamatekisi abomvu. Kwathi lapho US’kebhe esezibone
ekhululekile, izimoto zakhe esezitshale yonke imizila, wasuka umona
kozakwabo. Bezike zingene zilandelana lapha elenke ezakwaDludlu.
Wayewuthandile umbala obomvu umfo lo. Bathe bangabona ozakwabo ukuthi
umsebenzi omningi uthathwa yizimoto zayo le ndoda, bazama isu
lokumkhinyabeza. Omafikizolo njalo labo ababenaleyo ngqondo. Babefuna
ukuceba ngosuku olulodwa. Bagcina ngokunquma ukuthi bamkhinyabeze
ngokuwashisa wonke amatekisi akhe.
Bawashisa wonke baze babhansela ngokushisa nebhasana lakhe bandla
elihambela le emakhaya.
Base bezame kaninginingi ukumsoconga uS’kebhe kodwa behluleka.
Wayekhona naye uMtolo ngenkathi kuboshwa lelo tulo lokubulala uS’kebhe.
Okusho ukuthi yayiziqinise ngempela le ndoda. Abafo babejika bengakasondeli
nakusondela kuyona.
Kwathi emva kokuba sebezishisile izimoto zikaS’kebhe, wanyamalala
izinsukwana, wangaziwa ukuthi washona kuphi. Kwathi emva kwezinsuku ezine
enyamalele, oMtolo nabanye osomatekisi babona into ababengakaze bayibone.
31

Phendula imibuzo elandelayo.

3.1.1 Ngubani umlingiswa omkhulu kule ndaba? (1)

3.1.2 Bhala isizathu esasenza umlingiswa omkhulu angabaze ukungqongoza


ngalolu suku. (1)

3.1.3 Khetha impendulo eyodwa kulezi ezilandelayo:


Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile esigabeni sesi- 4 sichaza
ukuthi:

A. Kwakhiwa icebo.
B. Kwakhiwa indlu.
C. Kuhlelwa isithombe.
D. Kuhlelwa umcimbi (1)
3.1.4 Yini eyayifunwa omafikizolo ngokwalesi siqeshana? (2)

3.1.5 Umbhali wale ndaba usihlele kahle isingeniso sakhe. Fakazela lesi
sitatimende ngamaphuzu AMABILI. (2)

3.1.6 Phawula ngesizinda ngokwesikhathi/ngokwenkathi kule ndaba. Bhala (2)


amaphuzu AMABILI.

3.1.7 Izenzo zomlingiswa onguS’kebhe, zimveza njengomuntu onenhliziyo


elukhuni. Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI. (2)

3.1.8 Phawula ngendikimba yale ndaba. Bhala ngephuzu ELILODWA (2)

3.1.9 Ukube wena wawunguMtolo wawungavuma yini ukuzifaka enkingeni


yokucekela omunye umuntu phansi? Fakazela impendulo yakho
ngamaphuzu AMABILI. (2)

3.1.10 Isiphetho sale ndaba siyayixazulula yini inkinga yomlingiswa omkhulu.


Bhala amaphuzu AMABILI. (2)

Izimpendulo ezilindelekile

3.1.1 NguMtoloü (1)

3.1.2 Wayesaba ukuzohlambuluka kuS’kebhe. ü (1)

3.1.3 A/ Kwakhiwa icebo. ü (1)

3.1.4 Babefuna ukuceba ngosuku olulodwa ü (1)


32

3.1.5 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:


• Isingeniso sihle, ngoba umbhali usethulela umlingiswa omkhulu
okunguMtolo, okunguyena obhekene nenkinga yokuzocela uxolo
kuS’kebhe. ü
• Sithola ukuthi kwathi noma esefikile emzini kaS’kebhe kwabanzima
ukuthi azilahle akukhulume konke okwenzeka. ü
• Siyayithola nemininingwane emayelana nesizinda.ü
• Sithola ukuthi le ndaba yenzeka esikhathini samanje ngoba
sekukhona udlame lwamatekisi. ü (2)

3.1.6 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:


• Le ndaba yenzeka esikhathini/enkathini yamanje ngoba sekukhona
udlame lwamatekisi. ü/
• Sekunalenke lapho amatekisi elayishela khona abagibeli. ü/ (2)

3.1.7 • Uxolo lukaS’kebhe, lwaluhambisana nemibandela enzima


okwakungelula ukuthi uMtolo ayilandele ukuze asizakale. ü/
• Imbandela ayibekile uS’kebhe wayazi kahle ukuthi angeke aze
ayilandele/ ayifeze uMtolo ü (2)

3.1.8 Indikimba yale ndaba umona ü


• Osomatekisi bahlangana bakha isu lokushisa amatekisi
kaS’kebhe.ü/ (2)
• Osomatekisi bazama ukumsoconga uS’kebhe. ü
3.1.9 Izimpendulo ziyokwehluka
Abathi babengeke bavume bayothi;
• Ngangingakhetha ukuziqhelanisa nabantu abanomona. ü
• Ngangingazama ukumqwashisa uS’kebhe ndlela thize. ü
• Ngangingacela amasu awasebenzisile ukuze afinyelele kuleli zinga
akulo lokuceba. ü
• Ngangingahamba endaweni ngingaziwa, ukuze ngigweme ukuzifaka
enkingeni. ü

Amaphuzu AMABILI kwangenhla.

NOMA
Abathi babengavuma bayothi:
• Ngangingakhetha ukuhambisana nombono weningi ukuze ngivikele
impilo yami.ü
• Ngangingavuma ukuze ngivikele ibhizinisi lami nabanye ozakwethu. (2)
ü
3.1.10 Asiyixazululanga inkinga yomlingiswa omkhulu ngoba uMtolo wagcina
engalutholanga uxolo ayeluhambele ku S’kebhe. ü
Kusala imibuzo engaphenduleki kithina njengabafundi ukuthi uMtolo
wagcina enzenjani ngale mibandela eyayibekwe nguS’kebhe. ü (2)
33

4. Noma nini : N.E. Mensa

Indaba ngokufinqiwe

Esingenisweni sale ndaba sethulelwa umlingiswa omkhulu uMaShandu. Ngalolu suku


uSithole, umyeni kaMaShandu, wayezobuya ekhaya evela eCape Town. Nabantwana
babezovashela ekhaya ngale mpelasonto. UMaShandu wayematasatasa ekhishini
epheka ukudla kwakusihlwa ngalolo suku.

Omunye umlingiswa esimtholayo kule ndaba ngumkhokheli wasesontweni


okwakukhonza kulo abakwaSithole, umama uDuma. Umama uDuma wayevamisile
ukuvakasha kulo muzi wakwaSithole. Umama ozala uMaShandu wayehlala kuwo lo
muzi wakwaSithole. Phela ugogo lo washonelwa umyeni wakhe. Emva kokushona
komyeni wakhe, wabe eselandela indodakazi yakhe, nakhu phela yayinguzinyobulala.

Ngalolu suku umkhokheli wayevakashele kwaSithole njengenhlalayenza. Umkhokheli


waqaphela ukuthi uMaShandu wayengakhululekile. UMaShandu watshela umkhokheli
ukuthi wayehlushwa yiphupho.

Kwathi besaxoxa oMaShandu nomama uDuma kwangena uMphiwa, indodana yalapha


ekhaya ilandelwa umakoti wayo uDelisiwe. Ngemuva kwabo babelandelwa yizingane
zabo ezimbili. Umkhokheli wavalelisa wahamba. Kwathi lapho umkhokheli esephuma
kwaSithole wahlangana no-Apple Face. Phela u-Apple Face ndini lo isiyabhuyabhu
sendawo.
U-Apple Face wabikela uSizani ukuthi wayenesifiso sokukhuluma noMaShandu ukuze
amtshele ngendodakazi yakhe. USizani walandula wathi uMaShandu wayexakekile
ngoba wayenezivakashi ngalolo suku. Wavalelisa u-Apple Face wahamba.

Nebala wagcina efikile uSithole. Phela njengoba iphalamende lalisazovalwa


isikhashana nje, nabo babezothola ithutshana lokuba sekhaya. Nanxa kwakumnandi
ekhaya kodwa uDelisiwe kanye noMaShandu babengakhululekile. Kwathi emva
kokuba sekudliwe ukudla kwakusihlwa, uMphiwa wabika indledlana ephuthumayo
okumele ayithathe. UMphiwa watshela abazali bakhe ukuthi kunombiko ayefuna
ukuwudlulisela kumngane wakhe uZazi ohlala eMbilo.

Ngesikhathi sekuzolalwa ngalolu suku uSizani watshela uMaShandu umyalezo


ayewutshelwe ngu-Apple Face emini. Lwamuthi heqe uvalo uMaShandu emva
kokuzwa lo myalezo ophuma ku-Apple Face. Wayezibuza eziphendula ukuthi ngabe
wazi ngani u-Apple Face ukuthi yena wake waba nengane.

Lo myalezo ka-Apple Face wenza ukuthi uMaShandu akhumbule okwenzeka


eminyakeni engamashumi amabili edlule. UMaShandu wake wakhulelwa ngesikhathi
34

esemncane. Ngemuva kokusifihla isisu ayesikhulelwe, kwaze kwafika isikhathi


sokubeletha. Intombazane yakhe yayinomkhango omhlophe phezu kweso layo
langakwesobunxele. Wayeyithanda ingane yakhe kodwa wayengeke akwazi
ukuyigcina. Unina noyise babeyombulala nya. UMaShandu wayekhumbula nokuthi
wayisonga kahle ingane yakhe ngaphambi kokuba ayoyibeka lapho kwakuzodlula
ngakhona amasistela. Wayehlose ukuthi ingane itholwe amasistela maqede ayikhulise
kahle. UMaShandu akabange esathola ezinye izingane ngesikhathi eseshade
noSithole. Emva kokulahla indodakazi yakhe uMaShandu waziqoqa waze washada
noSithole owayeshonelwe ngunkosikazi.

Kwathi lapho umkhokheli esozofika ekhaya ngalolu suku wabona u-Apple Face eza
kuye ngelikhulu ijubane. U-Apple Face waxoxela umkhokheli ukuthi uMaShandu
unendodakazi esiyaba umhlengikazi kwaKhangela. U-Apple Face wathi wayeyazi
kahle le ngane ngoba nguye owabelethisa uMaShandu. Wathi unesiqiniseko sokuthi
uMaShandu wayilahla le ngane noma wayishiya esibhedlela ePiet Ritief.

Kwaze kwacishwa izibani kwaSithole kwalalwa engabonakali uMphiwa. Kwathi


besalele abakwaSithole bavuswa izinja zalapha ekhaya sezikhuza ubungqayingqayi
esangweni. Bathi uma bebheka esangweni babona imoto yamaphoyisa.
Amaphoyisa abikela umndeni wakwaSithole ukuthi uMphiwa ushayise nemoto.
Amaphoyisa ababikela ukuthi le ngozi yenzeke e-Clairwood. Baphuma abakwaSithole
baphuthuma eKhangela la kwakulaliswe khona oMphiwa. Ekufikeni kwabo esibhedlela
bathola ukuthi uMphiwa wayelimele kakhulu ekhanda. Wayopha kakhulu ekhanda,
kodwa kwakubukeka sengathi wayezosheshe alulame ngoba wayekhuluma kahle
kuzwakale.

Owesifazane owayehamba noMphiwa wayephuke imilenze yomibili, ikhanda


lingenalutho. UMaShandu wayemgonile lowo wesifazane owayesemotweni noMphiwa.
Lo wesifazane wayenomkhango phezu kweso langakwesobunxele. UMaShandu
wayelokhu ekhale njalo ngengane yakhe.
Isihloko
Lesi sihloko siyahambisana nendaba, siqonde ukuthi noma nini izimfihlo ziyavela
ngeke zihlale zicashile. UMaShandu wathola ingane yentombazane esemncane,
wayilahla enethemba lokuthi imfihlo yakhe angeke ize ivele. Sithola ukuthi
wayezitshela ukuthi akekho umuntu owaziyo ngemfihlo yakhe, kodwa sithola
ukuthi u-Apple Face uhlanya lwendawo, wayeyazi le mfihlo.
Isingeniso
Umbhali ukwazile ukulandela imigomo emayelana nokubhala isingeniso.
Esingenisweni siyamthola umlingiswa omkhulu onguMaShandu. Siyayithola futhi
nenkinga abhekene nayo. Umbhali uphinde asinikeze nemininingwane
ephathelene nesizinda. Le ndaba yenzeka esikhathini samanje ngoba siyathola
35

ukuthi umyeni kaMaShandu usebenza eCape Town ePhalamende, siyasithola


futhi nesisusa sodweshu okuyiphupho elalihlupha uMaShandu.
Indikimba
Indikimba yale ndaba izimfihlo: Umbhali uyasikhombisa ukuthi akukho okufihliwe
okungasoze kwavela, futhi uyasicacisela ukuthi inhliziyo enecala ayikutholi
ukuphumula.
Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo
Umbhali ukwazile ukulandela umgomo omayelana nokuqoqeka kwesikhathi
kanye nendawo okwenzeka kuyo indaba. Le ndaba yenzeka endaweni eyodwa.
Ayithathi isikhathi eside iqala ngezikhathi zantambama ize iyophela ngakusasa
entathakusa, ngesikhathi umndeni wakwaSithole usuyobona indodana yawo
uMphiwa esibhedlela.
Ukwethulwa kwabalingiswa
Umbhali uba nesu elicacile asivezela ngalo abalingiswa ukuze sibaqonde kahle.
UMaShandu simthola evezwa ngemicabango yakhe, izenzo kanye nendlela
esamdlalo ngesikhathi ekhuluma nomkhokheli wakhe wasesontweni. U-Apple
Face umbhali usivezela yena ekhuluma nabanye abalingiswa aphinde amchaze
ukuthi uyisiyabhuyabhana sendawo. Abalingiswa abaningi kule ndaba bavela
bekhuluma nabanye abalingiswa.
Abalingiswa abaveziwe:
• uMaShandu - unkosikazi kaSithole
• uSithole - umyeni kaMaShandu
• U-Apple Face - owake waba ngunesi
• uMphiwa - indodana kaSithole
• uDelisiwe - unkosikazi kaMphiwa
• Umam’uDuma - umkhokheli
Isiphetho
Isiphetho sale ndaba sihle ngoba umbhali akasishiyanga nemibuzo eminingi
engaphenduleki. Siyathola ukuthi kwagcina kwenzekeni kumlingiswa omkhulu
onguMaShandu. Imfihlo yakhe yeminyakanyaka yagcina ivelile. Ingane yakhe
yentombazane eyakhuliswa amasistela yagcina imtholile umama, okunguyena
uMaShandu. Isiphetho sale ndaba sifushane, siqoqekile umbhali
akathemelezanga emuva kovuthondaba.
36

4 Noma nini : N.E. Mensa

4Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela


.
1

Ngapha kwaSithole kuze kucishwa izibani lutho ukubuya uMphiwa. Yilowo nalowo
ungene embhedeni edla amathambo ekhanda. USizani yena wazitshela ukuthi nje u-
Apple Face uyazihlanyela njengenjwayelo. Ingani ngenye imini watshela umama ukuthi
yena wabe engusigaxamabhande kanesi, futhi uyamazi umama kudala. Habe,
nangalelo langa wakhombisa ukuthuka kabi. Namuhla ucishe waphahlaza inkomishi
phansi.
Ugogo uzilalele nje yena kuhle kudelile. Futhi uthi uyokhohlwa yini yinhlanhla aba nayo?
Nanxa uzinyobulala wakhe engazalanga, angathi ufunani? Intombazane yakhe
yaziphatha kahle yaze yazitholela uSithole efelwe umfazi. Umntwana wakhe umphathe
kahle uSithole nabantabakhe ngendlela ngendlela emangalisayo noSithole
isimangaliso somnumzane naye wamamukela lapha ekhaya ngendlela emangalisayo
noSithole isimangaliso somnumzane naye wamamukela lapha ekhaya ngendlela
emangalisayo. Umuntu owona umdlalo sekuwuyena uMphiwa. Kodwa bazobonisana
kahle sebebobabili ngomuso. Uyazi ukuthi uyazithatha izeluleko zakhe.
USithole noMaShandu bagcine bezokhuluma ngephupho baze bazunywa ubuthongo.
USithole ubuyekeze izehlakalo zantambama kwaze kwaba yindaba. Ubezimisele
ukumlinda lo Mphiwa aze ambone ukuthi ufika nkathini. UMaShandu ziyime
emthumeni ukuthi nxashana eyiqala eyephupho uzoma lapho isikuphi. U-Apple Face
kumele ambone kahle ngomuso, bakhulume. Izoze ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka.
Yeka intombazanyana yakhe ayilahlayo! Mhlawumbe ukuba wayigcina ngabe akunje
namuhla. Uthando luyisimanga. Aluzwakali ukudepha kuze kube mhla sekwahlukwana.
Kuzofuneka aphindele ePiet Ritief ayoqala amfune umntanakhe. Pho lokhu
nasesibhedlela wayebhalise ngegama elingekho nje?

Phendula imibuzo elandelayo.

4.1.1 Shono igama lomlingiswa osemqoka kulesi siqephu. (1)

4.1.2 Chaza kafushane isimo senhlalo emzini wakwaSithole. (2)

4.1.3 Nikeza okufanayo phakathi kwezenzo zika MaShandu kanye noMphiwa (2)

4.1.4 Chaza kafushane iphupho elalihlupha uMaShandu ngokwale ndatshana. (2)

4.1.5 Khetha impendulo eyodwa kwezilandelayo.

Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile esiqeshini sichaza ukuthi:


A. Ukuphelelwa amazwi
37

B. Ukuphelelwa umdlandla
C. Ukuphelelwa uthando
D. Ukuphelelwa isineke (1)
4.1.6 Chaza udweshu olutholakala kumlingiswa ongu MaShandu. (2)
4.1.7 Ngokucabanga kwakho lalibikezelani ibala elalisebusweni bengane
kaMaShandu ayilahla? (3)
4.1.8 Ucabanga ukuthi kwabangelwa yini ukuthi uMaShandu engabe esazithola
ezinye izingane emuva kokulahla ingane yakhe yokuqala? Sekela impendulo (2)
yakho.
4.1.9 Phawula ngengwijikhwebu etholakala esiphethweni sale ndatshana. (2)
Izimpendulo ezilindelekile
4.1.1 UMaShandu. √ (1)

4.1.2 Isimo senhlalo sasingesihle ngoba uSithole wayesebenzela kude eCape Town
umkakhe ehlala enomzwangedwa. √Izingane zithe uma sezivakasha uDelisile
kanye nomyeni wakhe uMphiwa nabo isimo sabo singesihle ngoba uMphiwa
ubesenobudlelwane bezothando nomunye umuntu wesifazane. √ (2)
4.1.3 Izenzo zabo ziyafana ngoba abathembekile kubantu abashade nabo. √
UMaShandu ufihle ukuthi walahla ingane kanti uMphiwa ufihlela umkakhe (2)
ukuthi uneshende. √
4.1.4 UMaShandu wayephupha ingane yentombazane ekhala kube sengathi neke
isathula. Kuthi mayevuka naye uMaShandu azizwe esenesibibithwane. √√ (2)
4.1.5 A/ Ukuphelelwa amazwi √ (1)
4.1.6 Udweshu lwangaphakathi ngoba wayengakutholi ukuphumula edlinza
ngengane yakhe yentombazane ayilahla ngesikhathi esanda kuyibeletha. √√ / (2)
wayezibuza eziphendula ukuthi uzomxoxela kanjani umyeni wakhe ngendaba
yephupho elalimhlupha.√√ / wayecabanga ngendlela yokuvimba u-Apple Face
ukuthi indaba yengane yakhe angayidluliseli phambili. √√
4.1.7 Lalibikezela ukuthi ilona elizosiza umama wayo ukuthi ayibone isindala ngoba
wayeyilahle isencane ngakho layenza yahluka kunabanye abantu. √√ (2)
4.1.8 Ngicabanga ukuthi mhlawumbe wayephiwe ingane eyodwa kuphela enzalweni
yakhe ngoba waba naye umyeni kodwa wangabe esayithola ingane. √√
(nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2)
4.1.9 Ingwijikhwebu etholakala esiphethweni sale ndatshana ukuthi uMphiwa
atholakale esengozini yemoto nomuntu wesifazane athandana naye oyingane
kaMaShandu ayilahlayo. √√ (2)
38

5. Amathunzi Ezintaba : N.A.P. Khumalo

Indaba ngokufinqiwe

Le ndaba ikhuluma ngomlingiswa onguSiziba Ndlela, isithandwa sakhe ogama laso


kunguNomkhosi Mpanza. Basebethandane isikhathi eside eseze walungisela nokuyilobola.
USiziba ubonakala emile eqeleni ejulile ngemicabango, ugqolozele lapho kuphephuka
khona utshani, kuvele igqunyana elilokhu lisithwa utshani bubuye buphephuke livele igquma
elimzwisa ubuhlungu ngoba yiyona ndawo ababevame ukuhlanganela kuyo nesithandwa
sakhe. Uzibona elahlekelwe yikho konke empilweni ngenxa yokwedlula emhlabeni
kwesithandwa sakhe uNomkhosi. Lokhu okwenzekayo emile ebuka, ucabanga ngezinto
ezinhle ababezixoxa noNomkhosi bekhombisana nothando. Ufikelwa iminjunju uma ebuka
izinkomo ayohlawula ngazo kubo kaNomkhosi ngenxa yephutha alenza. Ukuphuma kwalezi
zinkomo zingasayi ukuyolobola, kwenza ukuthi acabange emuva ngesikhathi uNomkhosi
esaphila.

UNomkhosi wayengumuntu onovalo, esaba, ethuswa nayinto encane. USiziba noNomkhosi


babevame ukuhlangana ndawana thize ngasemthonjeni. Kwesinye isikhathi babehlanganela
egqumeni eliphakeme babuke ubuhle bezwe bebona nemvelo sengathi iyalubona uthando
lwabo oluvutha amalangabi. Njalo uma behlangana uNomkhosi wayekhombisa izimpawu
zokwesaba, kangongoba ngelinye ilanga waze wethuswa ngumebuzo wenyoka.

Ubuqotho bukaNomkhosi yibo obenza uSiziba wagcina esefisa ukumsondeza eduze


kwakhe. USiziba wayesehlele ukuthumela abakhongi kubo kaNomkhosi. Yize uSiziba
wayenenhloso enhle ngoNomkhosi, kodwa le ndaba yaphela ngezinyembezi. UNomkhosi
wamshiya kabuhlungu emhlabeni uSiziba ngoba ngosuku ababezohlangana ngalo
waqhamuka evunule econsa uSiziba, ezifihle ubuso ngoboya besilwane, lokhu kwenza
ukuthi uNomkhosi ethuke kakhulu nokwaholela ekutheni awe, adlikize aphelele khona
lapho.

Namhlanje-ke uSiziba uzibuza uyaziphendula ngokwenzeka ngosuku okwashona ngalo


uNomkhosi. Ukubuka kuyinto angeke ayilibale empilweni yakhe ukudlula ngaloluya hlobo
kukaNomkhosi, wayethi uzama ukudlisela kuye, kanti uzombulala yena uqobo
ngokumethusa ngendlela ayevunule ngayo. Kunezinto angazi ukuthi uzoziphendula kanjani
uma engabuzwa ngomunye umuntu ngalolu suku okwehla ngalo isigameko esamephula
umoya, samehlukanisa nesithandwa sakhe.

Isihloko

Isihloko sale ndaba siyahambelana nayo ngoba umbhali uyasivezela ukuthi indaba ikhuluma
ngawo amathunzi ezintaba. Kuyavela ukuthi abalingiswa babehlangana endaweni
eyizintaba, enezihlahla eziletha amathunzi. Lokhu kusiveza kahle isithombe sakho konke
okukhulunywa ngakho endabeni.
39

Isingeniso

Siyaheha, siyamveza nomlingiswa omkhulu. Senza uzibuze imibuzo ngaye umlingiswa


ukuthi uzosizakala kanjani ekugcineni. USiziba umbhali umveza ebhekene nenkinga
yokubuya kwayo yonke imicabango yakho konke okwenzeka. Lapha uvezwa enodweshu
lwangaphakathi ngoba ubuka lezi zinkomo ezimfikisela umunyu/ usizi lokuthi ngabe lezi
zinkomo ziyilobola, kodwa manje ziyohlawula ngesigameko esibi azifaka kuso yena.
Esingenisweni sivezwe kahle isizinda sayo le ndaba, ngoba yenzeka emakhaya. Isingeniso
senza ukuba sisheshe siyiqonde indaba ukuthi ikhuluma ngani.

Indikimba

Indikimba yale ndaba uthando. Umbhali usethulela indlela uSiziba ayemthanda ngayo
uNomkhosi. Noma kwakukhona ukwesaba ukuthi umphakathi nabasekhweni bazombuka
kanjani emva kwesigameko sokufa kukaNomkhosi, kodwa waqhubeka walukhombisa
uthando ngokuhlawula ngezinkomo ezazifuneka. Nakuba kwase kuphele izinyanga
eziyisithupha kwehla leli fu, kodwa uthando lukaNomkhosi lusekhona enhliziyweni yakhe.
Uze athi ‘Ngiyomthathaphi omunye uNomkhosi?”

Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba inesizinda esiqoqekile ngokwendawo nesikhathi ngoba yenzeka endaweni


eyodwa ngesikhathi esifushane.
Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali ulisebenzise kahle isu lakhe lokusivezela abalingiswa kule ndaba. USiziba
uvezwe ngemicabango yakhe ezikhulumela yedwa ezibuza eziphendula. UNomkhosi
uchazwa ngumbhali njengomuntu ozesabelayo wesaba ngisho nomebuzo wenyoka.

Abalingiswa abaveziwe:
• uSiziba Ndlela - isoka likaNomkhosi
• uNomkhosi Mpanza - intombi kaSiziba
• uNozungeza, uQolotha noShikisha - ababeqhuba izinkomo bezisa kwaMpanza

Isiphetho

Umbhali uyiphethe kahle le ndaba. Ekugcineni kuyavela ukuthi uyazisola uSiziba


ngalokho okwenzeka phakathi kwakhe nesithandwa sakhe, nokwaholela ekutheni size
sidlule emhlabeni. Indaba iphetha esabalisa uSiziba ngesithandwa sakhe nokwenza thina
njengabafundi sizibuze ukuthi ngabe welapheka yini emphefumulweni emva kwesikhathi.
Yize kunjalo abanye abafundi bangaba nomqondo wokuthi isiphetho asisihle ngoba
inkinga yomlingiswa omkhulu yagcina ingaxazululekanga.
40

5. Amathunzi Ezintaba : N.A.P. Khumalo

5.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela

Achobozele uNomkhosi, okomakoti egoyile, akhe umsingizane awufake emlonyeni.


Kwedlula isikhashana sibambane, kungekho okhulumayo. Mhlawumbe kwase kufike
lapho amazwi esehluleka khona ukuchaza ubungako befindo lothando lwethu.
Sabelokhu sizwa izinyoni zicula emagatsheni emithi. Zaqhaqhaza izintethe zisuka
zihlala. 5

Ngathatha emva kwesikhashana ngathi, ”Nginenjongo enkulu engifuna ukukwethulela


yona namuhla Nomkhosi. Sesiside kakhulu isikhathi sithandana.Iminyaka emihlanu
ayidlali. Akukho engingabe ngisafuna ukukwazi ngawe. Akukho engingabe ngisafuna
ukukwazi ngawe. Ngithi ngigculisiwe nguwe, Mntakwethu.”
“Ngiyethemba awuphindi amazwi osewawaphinda izikhathi eziningi Siziba. Uma
kunjalo, yazi ukuthi awasanambitheki, aseyalumela.” 10

“Ungangilumi ulimi Nomkhosi. Namuhla-ke ngedlulela ekuthini sewulithemba lami


lokugcina. Ngakho-ke ngithanda ukuthumela abakhongi kubazali bakho. Ngivumele
Nomkhosi, lokhu ngikwenze zingakedluli izinsuku ezinhlanu kusukela namuhla.”
Kuke kuthuleke isikhathi eside. Mhlawumbe uNomkhosi wayesetshisa amazwi ami, 15
mhlawumbe wayengazikholwa izindlebe zakhe, mhlawumbe kwakungokunye.
Ngelikade waphendula,”Ngiyezwa mfoka Ndlela. Amazwi akho anzima, ngoba
ngiyazithandela ikhaya likababa.”
“Ikhaya lakini alisona isiphetho sakho Nomkhosi. Ngakho-ke uyokwehlukana nalo
noma kunini. Sesifikile-ke isikhathi sokuba wehlukane nalo.”
“Nakuba la mazwi akho ehlaba Siziba, kepha ayilona iqiniso. Phakathi kuwona 20
kukhona umpe olwakha uju. Ngalokho-ke ngithi nje ngiyabonga kakhulu Mntakwethu.”
Sabambana kwaze kwaphela isikhathi eside. 23

Phendula imibuzo elandelayo.

5.1.1 Bhala igama elisesiqeshini elisho okufanayo nokuba namahloni ? (1)

5.1.2 Ngubani igama lensizwa eyisoka likaNomkhosi ? (1)

5.1.3 Caphuna ibinzana lamagama asesigabeni sokuqala asitshela ukuthi


kule ndawo abakuyo kunezihlahla. (1)

5.1.4 Yisiphi isizathu esasimenza abize uNomkhosi ngalolu suku? (2)

5.1.5 Chaza kafushane ngesigameko esaholela ekufeni kukaNomkhosi.


Bhala amaphuzu AMABILI (2)
41

5.1.6 Chaza leli binzana lamagama elibhalwe ngokugqamile ngendlela


asetshenziswe ngayo esiqeshini (2)
“Uma kunjalo, yazi ukuthi awasanambitheki, aseyalumela.”

5.1.7 Phawula ngodweshu olutholakala kulesi siqeshana. Bhala iphuzu (2)


ELILODWA

5.1.8 Chaza ngendikimba yale ndaba. Bhala indikimba bese usekela (2)
impendulo yakho ngephuzu ELILODWA.

5.1.9 Nikeza isifundo esitholakala kule ndaba. Bhala amaphuzu AMABILI (2)

5.1.10 Isenzo somlingiswa onguSiziba sokuthusa uNomkhosi samukelekile


yini kuwe? Sekela impendulo yakho ngephuzu ELILODWA. (2)

IZIMPENDULO EZILINDELEKILE

5.1.1 Achobozele√ (1)

5.1.2 NguSiziba √ (1)

5.1.3 Sabelokhu sizwa izinyoni zicula emagatsheni emithi √ (1)

5.1.4 Wayenenjongo enkulu ayefuna ukumethulela yona√√ (2)

5.1.5 USiziba wayezobonana noNomkhosi endaweni ababevame


ukuhlangana kuyo, wavunula waze weqisa ngokufaka intshebe
esabisayo ebusweni, wazibhixa ubuso nekhala ngemibala ehlukile√
Waqhamuka uNomkhosi njengenjwayelo, uSiziba wamnyonyobela
ngemuva, kanti uzothuka kakhulu ngenxa yokwesaba, awe aphele
khona lapho√ (2)

5.1.6 Angisawathandi asengiphatha kabi√√ (2)

5.1.7 Udweshu lwangaphakathi√


UNomkhosi wetshisa amagama kaSiziba uthule nje ucabanga ukuthi
ngabe uqinisile ngempela yini kwakushoyo kokuthumela abakhongi.√ (2)

5.1.8 Indikimba yale ndaba uthando√ Umbhali usethulela indlela uSiziba (2)
ayemthanda ngayo uNomkhosi, noma kwagcina sekumuncu
bengasashadanga√

5.1.9 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:


l Uma umuntu umthanda kumele uhloniphe izinto azishoyo
42

ngempilo yakhe, uSiziba wakushaya indiva ukwesaba


kukaNomkhosi.√/
l Akukuhle ukuzicabangela wena wedwa, uSiziba akazange
amcabangele uNomkhosi ngenkathi evunula ngezinto ezisabisayo
nezazizomethusa.√/
l Kuhle ukumela iqiniso noma libaba, uSiziba akazange alibalekele
iqiniso lokuthi uyena owaba imbangela yokufa kwesithandwa (2)
sakhe, wayikhokha inhlawulo. √

5.1.10 Cha, asemukelekile.


Abantu ababuthaka bathuswa ubala, ngakho-ke akumele badlaliswe
ngezinto ezizobenza basheshe bathuke.√√ (2)

6. INSIMBI EDLA EZINYE : M.J. Mngadi

l Indaba ngokufinqiwe

Le ndaba ikhuluma ngokufa kukamama wekhaya lakwaMbulwana, uMaSangweni, ebulawa


izigebengu ezingaziwa eMlazi. Lo mama wayengumfelokazi. Lokhu kusukumisa
wonke umndeni kuze kuqashwe nomseshi womshuwalense ukuze uphenyo luhambe kahle
asheshe, atholakale noma batholakale abenzi bokubi. Kuyavela ekuqaleni kwendaba ukuthi
umama lona ubehlala yedwa ekhaya lakhe, zonke izingane zakhe sezaba nemizi yazo
ziganiwe ezinye ziganile.

Wayekuncamela ukuzihlalela yedwa esithabathabeni somuzi womyeni wakhe, abantu


babebuza ukuthi akalethelwa ngani abazukulu azohlala nabo nokwakukhalisa abaphenyi
becala. Ngosuku lokubulawa kwakhe intokazi eyayimsiza, bayibamba bayivalela endlini
yangasese. Abagcinanga ngokuyivalela bayihlohla izindwangu emlonyeni, bayibhandisha
umlomo, ayangakwazi nokukhala. Abaseshi babebathathu abaphenya leli cala, omunye
wabo wayeqashwe nguSiphiwe, indodana yalapha ekhaya ngoba ethenjiwe ukuthi amacala
afana nalawa akawabheki.

USiphiwe, oyindodana kaMaSangweni wabafica sebehilizisana abaphenyi becala endlini


kwabo. Akumphathanga kahle lokho ngoba ngokwakhe wayelindele ukuthi basebenze
ngokubambisana ukuze kutholakale ababulali. Kulaba baseshi, kukhona ungqondongqondo
ozazi ukuthi yena alikho icala elimehlulayo, useke waphenya inqwaba yamacala
ngempumelelo. Nalona womshuwalense naye akazibekile phansi ufuna kucace ukuthi uzele
umsebenzi awaziyo Kuningi akujahile ukuthi kwenzeke, kanti laba abanye bashaya
ngonyawo lonwabu. Lona ongumphenyi womshuwalense uzethembile ukuthi uzowuzuza
umklomelo obekwe nguSiphiwe, ngoba uzethembe ngokweqile.

Inkinga enkulu isivela lapho sekutholakala ugolokoqo lommese onegazi, indandatho


endala,umgexo owawunesiphambano kanye newashi lasesihlakaleni. Konke kwakunegazi.
Kule moto okutholakala kuyo lezi zinto kwakungeyomunye wabaseshi. Kwabadida ukuthi
43

kutholakala kanjani izinto ezinjena emotweni yomuntu womthetho. Nokho-ke kwashintsha


konke sekuvela amaqiniso ngakho konke okwakwenzekile.

Lwaqhubeka uphenyo sekungenelele nofokisi bakaHulumeni, lagcina livelile iqiniso


ngokwenzeka ngosuku lokubulawa kukaMaSangweni. UDukuza owayengumphenyi
womshwalense nguyena owayebulale uMaSangweni. Ubufakazi bavezwa ukuthi abaseshi
basebenze ngokwehlukana, lokho kwasiza ukuthi kubonakale ukuthi u-Andile wayesebenza
buthule nokwalekelela ekutheni kuphume amaqiniso.

Isihloko

Siyahambelana nale ndaba ngoba ikhuluma ngensimbi edla ezinye, okuchaza ukuthi laba
ababesebenza leli cala kwakukhona ukusebenza ngobuchule kwabaseshi ababephenya
icala. Owayezitshela ukuthi ungungqondongqondo, kwagcina kunguye ozithola eseboshwa
ozankosi basebenza kuye. Umbhali ukwazile ukusiyamanisa isihloko nendaba yakhe. Kule
ndaba kwakushiyana ubuhlakani noma ubuchule.

Isingeniso

Siyaheha futhi siyayiveza inkinga zibekwa nje. Nakuba umlingiswa omkhulu engaveli
ekuqaleni, kodwa umndeni wakwaMbulawa, obhekene nenkinga yokulahlekelwa umama
wekhaya iyona eyenza sifise ukufunda siqhubeke. Singasho ukuthi umbhali akawufezanga
umgomo omkhulu wokubhala isingeniso ngoba akamvezanga umlingiswa omkhulu
esingenisweni sakhe. Umbhali usethulela nemininingwane emayelana nesizinda ngoba
siyathola ukuthi indaba yenzeka endaweni yasedolobheni eMlazi. Le ndaba yenzeka
esikhathini samanje ngoba sekukhona ubugebengu kanye nabasehsi abazimele. Isingeniso
siqoqekile umbhali usheshe angene emzimbeni wendaba.

Indikimba

Indikimba yale ndaba ubugebengu. Indaba ikhuluma ngobugebengu, kusukela indaba iqala
esingenisweni , ngoba kunophenyo oluqhubekayo lokubulawa kukaMaSangweni kusuka
indaba iqala ize iyophela.

Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba iqoqekile ngokwesikhathi nendawo ngoba yenzeka endaweni eyodwa


nangesikhathi esifushane. Konke okwenzeka kuyo kwenzeka endaweni eyodwa
okuyilokishi laseMlazi emzini wakwaMbulawa lapho kwenzeke khona isigameko
sokubulawa kukamama wekhaya.
44

Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali usethulele kahle abalingiswa bakhe ubachaza ngezindlela ezahlukene ,


ngemisebenzi abayenzayo kanye nendlela ababukeka ngayo. Uyisebenzisile
nenkulumo-mpendulwano lapho bephendulana khona.
Abalingiswa abaveziwe:
• uCebo Dlamini - intatheli yephephandaba
• U-Andile Buthelezi - umseshi ozimele
• uSphiwe Mbulawa - indodana endala kaMaSangweni
• uDukuza - umphenyi womshwalense
• uTholakele - isisebenzi sakwaMbulawa
• uZunyiwe - indodakazi kaMaSangweni eyayithandana noDukuza
Isiphetho

Le ndaba iphetha kahle siqoqekile isiphetho iphendulekile imibuzo ebesizibuza yona


ngophenyo obeluqhubeka ngokufa kukaMaSangweni.

6. Insimbi Edla Ezinye : M.J. Mngadi

6.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela


45

Bahlale bethi izinto zimane ukwenzeka nje, kepha yaba yinkinga eyayingejwayelekile
eyehlela abakwaMbulawa. Bathi sebeqashe nomseshi ozimele, eselekelelana
nowomshuwalense nokusho enkwalankwaleni yokubulawa kwenkosikazi yesigwili,
abeseshi bavele bakhohlwa ukuphenya icala, balibala ukuxabana bodwa. Umseshi
ozimele, u-Andile Buthelezi, njengoba umazi, benomngane wakhe, uCebo Dlamini
owayeyintatheli yephephandaba eyayiloba ikakhulukazi ngamacala egazi, babehlezi 5
sazintandanyana enomfononfweni yezihlalo ezazikulo muzikazi wesimanje
owawuselokishini eMlazi. Nakuba lapha ekhaya kwakunobuhle nobucwazicwazi
obabungandele bani, nabucwebecwebe lobo babungasancomeki.
Kwakumabhekedwane, kushweza umoya wosizi.
Inkosikazi yalapha ekhaya, uMaSangweni owayengumfelokazi, wayegcwelezwe
ngayizolo kunguLwesine emini. Wayetholakale ntambama esebanda, enqunyiswe
okwembuzi. Abaseshi bakwaHulumeni babefikile, babhala abakubhalayo, baqobela 10
phansi nemininingwane yezimpahla ezazebiwe, imigexo, amawashi, izindandatho
zamagolide namadayimane, omabonwakude nezidlalimakhasethi, nokunye okuningi.
Ekhishini, ngasefrijini, kwakumi ilambalidlile lensizwa eyayingamunwe, eyayishaye
ijakhethe nesicathulo okwakungokwesikhumba sezimali njengendwangu eyayibekwe
egazini. Lalimile, lihwaqabele, lidla imihlathi, lizikhotha lizikhothile izindebe. Ngemuva
kokulivula ifiriji lijamele ukudla okwakuphakathi elase likulambele ngempela, lalivala ,
lehla lenyuka phambi kuka-Andile, lifake izandla emakhukhwini. 15

“Andile,” kusho uCebo, “uhlala ubizelwa impicabadala yamacala, ngikufunde ngisho


ebusweni ukuzethemba onakho. Ngokokuqala ngqa namuhla, kulesi sifo sakwaMbulawa,
ngikubona ubhocobhele, ulishalashala, ungenakuzethemba. Ngempela kwenzenjani? 20
Ikuphi inkinga?”

Phendula imibuzo elandelayo.

6.1.1 Shono igama lomlingiswa osemqoka kulesi siqephu. Nikeza isizathu


sempendulo yakho. (2)

6.1.2 Nikeza isisusa sodweshu kule ndatshana. Sekela impendulo yakho


ngamaphuzu AMABILI. (3)

6.1.3 Chaza kafushane ukuthi isizinda sendawo siyahambelana yini nokwenzeka kule
ndatshana. (2)

6.1.4 Amagama abhalwe ngokugqamile esiqeshini achaza….

A Insizwa elambile.
B Insizwa edlile.
C Insizwa engenamkhaba.
D Insizwa enomkhaba. (1)

6.1.5 Qhathanisa izenzo zomseshi u-Andile Buthelezi kanye nezenzo zomseshi (3)
uDukuza.
46

6.1.6 Ngokucabanga kwakho kungani lesi sigebengu esiwuDukuza sanquma


ukugebenga umfelokazi? (2)

6.1.7 Uyazwelana yini nomlingiswa ongu Zunyiwe? Sekela impendulo yakho. (2)

6.1.8 Xoxa ngesifundo osithole ngemuva kokufunda le ndatshana. Sekela


ngamaphuzu AMABILI (3)

Izimpendulo ezilindelekile

6.1.1 U-Andile Buthelezi ngoba ubhekene nenkinga yokuthi uqashiwe kwaMbulawa


ukuthi azophenya ngokufa kukamama wakhona uMaSangweni kodwa
kuphenduka izinto sekuboshwa yena. √√ (2)

6.1.2 Isisusa sodweshu kwaba ukubulawa konkosikazi wakwaMbulawa


uMaSangweni owayengumfelokazi. √wabulawa wanqunyiswa okwembuzi wase
egetshengwa izinto eziwubukhazikhazi zemali eshisiwe. √ USiphiwe umfana
kaMaSangweni omdala waqasha umseshi ozimele ukuba aphenye ngokufa (3)
kukanina √

6.1.3 Lendaba yenzeka elokishini laseMlazi okuhambelanayo nendatshana ngoba


kuvamile ukuthi izindawo ezingamalokishi zibe nobugebengu. √√ (2)

6.1.4 C/ Insizwa engenamkhaba. √ (1)

6.1.5 Izenzo zalaba baseshi azifani umseshi u-Andile uqotho kanti umseshi uDukuza
uyisigebengu. √ u-Andile Buthelezi ubuqotho bakhe bumenze washesha
wasibamba isigebengu ngoba ube nobuchule obenze isigebengu sangabona
ukuthi sizifaka ogibeni√ kanti uDukuza wenze ubugebengu budlabha yingakho
amaqhinga akhe asheshe abanjwa ngoba ubejahe imali. √ (3)

6.1.6 Ngicabanga ukuthi yingoba uDukuza wayezitshela ukuthi uMaSangweni


unemali ayishiyelwa yindoda yakhe ngakho wayezohlomula okuningi
ngokumgebenga. √√ / uDukuza wayazi ukuthi uMaSangweni uhlala yedwa
ngakho-ke kwakuzoba lula ukumgebenga.√√ (2)

6.1.7 Ngiyazwelana ngoba wayezitshela ukuthi uthole umuntu amthandayo kanti


yisigebengu esizogcina sibulale umama wakhe. √√
Noma
Angizwelani ngoba unguthathekile wavumela umuntu angamazi ukuba amfake
umoya omubi wobugebengu okugcine kukhiphe isidumbu kubo. √√ (2)

6.1.8 Isifundo engisitholile ukuthi ayikho impunga yehlathi. √Ungabenza ubugebengu


ngobuqili kodwa ingalo yomthetho yinde. √Ekugcineni ugcina ulijezele icala (3)
olenzile.√
47

7. Ingcebo Yezicebi Nezimpofana : M.J. Mngadi

Indaba ngokufinqiwe

Le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni ehlala izimpunyela eMhlali. Esingenisweni sale


ndaba sethulelwa umlingiswa omkhulu uValerie Bennet. Ophathiswe okwendlovukazi
insizwa eyisicebi uDave McCall. Yize noma enzelwa konke uValerie akajabule ngoba yena
akabudingi ubukhazikhazi kodwa udinga uthando.

Umbhali usitshela ukuthi uDave McCall wayemkhonzile uValerie yingakho akhetha


ukumphathisa okwendlovukazi yakhe, yize babengenabo ubudlelwano kwezothando. Lokhu
kuphathiswa okweqanda kwakumzacisa uValerie ngoba kwakwenza azizwe engelutho.
Bonke ubukhazikhazi babungamuniki imfudumalo ayidingayo ngoba yena wayefuna
uthando lukaDave.

Ukukhathazeka kwakhe uValerie wayekukhombisa ngemvula yezinyembezi ngenxa yesililo


ayehlala esikhihla uma esenomzwangedwa. Usizi lwakhe wayeluthululela kuThokozile
owayeyisisebenzi esase sisebenzele uDave iminyaka eminingi. Okwakumxaka uValerie
ukuthi lesi sisebenzi sakuqinisekisa ukuthi umnumzane uDave akaganiwe ngoba akanaso
isikhathi somunye umuntu uhlezi ematasa edlondlobalisa amabhizinisi akhe, aphinde akhe
namanye amaqhinga okwenza imali.

Yize noma wayenganeme uValerie kodwa uDave wayezama ngakho konke ukuba ajabule
wayeseze wakha nebha yeqophelo eliphezulu wayiqamba ngoValerie. Konke lokhu
kwakungamjabulisi uValerie kodwa wagcina esezace wazigobhe ngenxa yokhwantalala
olwalumphethe lomzwangedwa.

Langa limbe uValerie waba naso isikhashana sokukhuluma noDave. Wamvulela isifuba
sakhe ngento eyayimuhlupha ngaphakathi neyayimenza abone sengathi impatho kaDave
iyisijeziso kuyena ngezinto uValerie azenza kubantu ababemthanda. Wamvezela inqwaba
yezitifiketi ezazikhombisa ukuthi uValerie wayefunde waze waba uPhrofesa. Engenasikhathi
samuntu ebheke umsebenzi wakhe kuphela njengoba uDave wayenza.

Ukuvulelana kwabo izifuba kwabasiza bobabili ngoba babona ukuthi ukucabanga ngomcebo
uze ukhohlwe abantu abakuthandayo akukuhle. Kukwenza ube nakho konke kodwa
inhliziyo yakho inganeliseki ngoba isuke ishoda ngokuthula, uthando kanye noxolo.
48

Isihloko

Siyahambelana nale ndaba ngoba le ndaba ikhuluma ngesicebi ebesipha abampofu imali
nobukhazikhazi bomcebo waso kodwa sihluleka ukubanika uthando nesikhathi saso. Yize
umcebo bekuba owaso nabampofu kodwa ubugcina uyize leze kwabampofu ngoba bona
bebedinga isikhathi, imfudumalo nothando kunezinto eziwubukhazikhazi.

Isingeniso

Siyaheha futhi siyayiveza inkinga zibekwa nje. Umbhali uyawaveza wonke amazinga avezwa
esingenisweni, Usethulela umlingiswa omkhulu uValerie Bennett. Inkinga abhekene nayo
eyisisusa sodweshu uhlaliswe emzini wesigwili uDave McCall omenzela konke umphathise
okwendlovukazi uqobo, kodwa konke lokho akumjabulisi uValerie ukunalokho kuyamzacisa
usuku nosuku. Usithulela nesizinda sendawo ukuthi le ndaba yenzeka endaweni yaseMhlali
okuyindawo egudle ulwandle ehlala izigwili.

Indikimba

Indikimba yale ndaba ingcebo. Indaba ikhuluma ngengcebo, kusukela indaba iqala
esingenisweni, le ngcebo iba yize uma ungenabuntu ngoba ayikulethi ukujabula empilweni
yakho.

Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba iqoqekile ngokwesikhathi nendawo ngoba yenzeka endaweni eyodwa


nangesikhathi esifushane. Konke okwenzeka kuyo kwenzeka endaweni eyodwa okuyiplazi
eliseMhlali emzini wakwaMcCall lapho kuhlaliswe khona uValerie Bennett.

Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali usethulele kahle abalingiswa bakhe ubachaza ngezindlela ezahlukene,


ngemisebenzi abayenzayo kanye nendlela ababukeka ngayo. Uyisebenzisile nenkulumo-
mpendulwano lapho bephendulana khona.
Abalingiswa abaveziwe:
• uValerie Bennett - owesifazane othanda uDave
• uDave McCall - usomabhizinisi waseMhlali
• uThulisiwe - isisebenzi seminyaka sakwaMcCall
• uThandekile - isisebenzi sakwaMcCall
• uMgcineni Mkhabela - isisebenzi sasengadini sakwaMcCall
49

Isiphetho

Le ndaba iphetha kahle, siqoqekile isiphetho iphendulekile imibuzo ebesizibuza yona


ngento ebihlupha uValerie emoyeni wakhe. UValerie ugcine ekhululekile okuze
kwakhululeka no Dave okade enganakile ukuthi akusizi ukuba nengcebo yonke
kodwa ube ungenakho ukujabula emphefumulweni.

7. Ingcebo Yezicebi Nezimpofana : M.J. Mngadi

7.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela

Lo mbuso ayesebusiswa ngawo uNkosazana Valerie Bennett iwona du


owawusumbibithekisa. Owayemkhiphe efulethini lakhe elalilincanyana libizwa
ngelezimpohlo wayemfake kulobu bucwebecwebe bendlu eyayiyisitezikazi esasiphezu
kolwandle eMhlali ngoba efisa ukumphathisa okwendlovukazi.
Nanso-ke indlovukazi yase iphenduke isimunyu esase sihlala simuncu.
Kwakusemini nje uValerie wayephenduphenduka embhedeni owawusekamelweni
owawungathi
lalingelayo impela indlovukai yenkosi eyinjinga. Wayebuka naphandle egqolozele
ulwandle ukucweba
kwalo okwakumbangela umzwangedwa. Waphuma ekamelweni wazula endlini.
Yayiyizulu elalinobucwebecwebe, iphithizela izisebenzi ezazididizela zimphathise
okweqanda, inayo yonke imishini nezimfanelo zenjabulo yesimanje. Phezu kwalokho
wayekhala. Wayezizwa efana no-Adamu owayebekwe ensimini yeseYideni kwathiwa
wayengazidla zonke izithelo ngaphandle kwesisodwa.
Waphuma endlini wayokuma phandle egcekeni elalinongwengwe nezimbali. Ebuka le
etsheni likaShaka. eShaka’s Rock, phakathi kwemizi emihle namahhotela ayephezu
kolwandle lavela lagqama igama lehhotela ayelikhonze kakhulu. Lalilotshwe
ngamagama amahle ukuthi, ‘McCall’s Haven’. lalingelesicebi uMnu. uDave McCall
owawungabe umethukile uma ungamfakile ezinombolweni ezisenhla ohlweni
lwezinjinga zase-Afrika. Wayeke ambone uDave McCall, emkhonzile enjalo nje, kepha
wayengenasikhathi samuntu. UDave wayecebe kangangokuba wayengaziwa nokuthi
wayehlalaphi. Wayebhaliwe ezincwadini zaseGoli ngomuzi, ngamahhashi
nangamasheya ezinkampanini eziningi. Wayaziwa eKipithawini ngomuzi, ngamahhotela
nangawo amahhaashi. EThekwini wayenehhotelakazi lodumo iMcCall Plaza.
Emaphethelweni edolobheni laseMhlali wayenepulazi lesimoba, efuye namahhashi,
hhayi omjaho, kepha okuzithokozisa. Kukuwo- ke lo muzi ayehlaliswe kuwo lapha
eMhlali uValerie. Nokho ayechake kakhulu ngakho uMcCall kwakuwumndeni.
Wayengabizwa ngangane nankosikazi.
50

Phendula imibuzo elandelayo.

7.1.1 Shono igama lomlingiswa osemqoka kulesi siqeshana. (1)

7.1.2 Sizathu sini esakhipha uValerie eflethini lakhe elincane ngokwalesi siqeshana? (2)

7.1.3 Nikeza isisusa sodweshu esikulesi siqeshana. Sekela ngephuzu elilodwa. (2)

7.1.4 Chaza kafushane isizinda ngokwenkathi/ isikhathi kulesi siqeshana. (2)

7.1.5 Hlobo luni lwesifengqo olutholaka emshweni obhalwe ngokugqamile esigabeni


sesi-2.
Khetha impendulo efanele kwezilandelayo:

A isingathekiso
B isifaniso
C ihaba
D isenzasamuntu (1)

7.1.6 Qhathanisa okufanayo phakathi kwezenzo zomlingiswa ongu Valerie kanye


nezenzo zomlingiswa onguDave. Sekela impendulo yakho ngamaphuzu (3)
AMABILI.

7.1.7 Ngabe isenzo sikaDave sokuqamba ibha yakhe ngoValerie imveza


njengomuntu onjani? Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI. (3)

7.1.8 Ucabanga ukuthi kwakubangelwa yini ukuthi abesifazane ababeba


nobudlelwano bezothando noDave babengahlali ngaphezu kwezinyanga
ezintathu? Sekela impendulo yakho. (2)

7.1.9 Xoxa ngesifundo osithole emuva kokufunda le ndatshana ubhekise empilweni


kaDave noValerie. (2)

Izimpendulo ezilindelekile

.7.1.1 UValerie Bennett. √ (1)

7.1.2 Isizathu kwakuwukuthi umnumzane uDave McCall wayefisa ukumphathisa


okwendlovukazi kodwa engenaso isikhathi ayengasichitha naye. √√ (2)

7.1.3 Isisusa sodweshu kwaba yindlela uValerie ayephethwe ngayo wayezibona


sengathi ufuyiwe kunokuthandwa uDave McCall owayengenasikhathi sakhe. (2)
√√

7.1.4 Isizinda ngokwenkathi/ isikhathi, le ndaba yenzeka enkathini yamanje lapho


kuphilwa khona impilo yobukhazikhazi. Kunezithabathaba zemizi, kuhanjwa
51

ngamabhanoyi, njl. √√ (2)

7.1.5 B/ isifaniso. √ (1)

7.1.6 Izenzo zalaba balingiswa zazifana √ ngoba bobabili babenenkinga yokuthanda


ingcebo nezinto eziwubukhazikhazi ukunokuthanda abantu, umndeni, izihlobo
kanye nabangani. √Nakuba babekuthola ubukhazikhazi kodwa kwakubenza
bengabi nokujabula kwakuba yize leze. √ (3)

7.1.7 Simveza njengomuntu onozwelo nophanayo√ nakuba wayengenaso isikhathi


sokuba sebudlelwaneni bezothando naye kodwa wamenzela izinto ezinhle
engabheke nzuzo nankokhelo. √√ (3)

7.1.8 Ngicabanga ukuthi babengakwazi ukubekezelela ukuhlala bodwa njengoba


uDave wayengenaso isikhathi asichitha nabo. √√ (2)

7.1.9 Ngithole isifundo sokuthi imali ayisoze yathenga injabulo yomuntu. UDave
noValerie babe nakho konke ubukhazikhazi kodwa akubanikezanga injabulo
ababeyidinga empilweni yabo. √√ (2)

8. UMAKHONYA: Sakhile Bhengu

Indaba ngokufinqiwe

Le ndaba ikhuluma ngomndeni wakwaMakhoba lapho ubaba wakhona engundlovu


kayiphikiswa. Zibekwa nje ekuqaleni kwayo umlingiswa omkhulu uvezwa engumuntu
ozicabangela yena kuphela. Lapha uMakhoba uvela nenkinga abhekene nayo yokuthi
indodana yakhe okungukuphela kwayo ifuna ukuyeka isikole. Umbhali usethulela kahle
uhlobo lwempilo ephilwa kuleli khaya, yokungabambisani, kunqakiswana ngamazwi.
Umama wekhaya uMaNdelu, uyazama ukwehlela ngezansi kodwa umyeni wakhe ubhoka
ngolaka. Uzibiza ngekhonde athi umkakhe umathananazane, kanti uMvuseni isajwana.
Ufuna indodana yakhe iqhubeke ifunde nakuba yayizibeka iziazathu zayo zokungabe
isasithanda isikole.
UMakhoba uyiqhathanisa nendodakazi yabo encane esafunda isikole uBusisiwe , uthi
mayingabuyeli esikoleni indodana yakhe uMvuseni, makahambe emzini wakhe.
UMakhoba uthi uMvuseni uzosebenza umsebenzi wabantu abangafundile uma eyeka
isikole engawuphasanga umatikuletsheni. UMvuseni alikho ikilasi abengaliphindi, yikho
nokumdikibalisayo aze akhethe ukuyeka isikole. Kuyacaca ukuthi umama wekhaya
uyehluleka ngoba uMvuseni ugcina ehamba ekhaya eyozifunela indawo yokuqasha
agcine esethola umsebenzi. UMakhoba kuyamcasula lokhu kodwa uMaNdelu
kuyamthokozisa ngoba uyafika indodana yakhe izombona imphathele nezintwanyana.
Omakhelwane –ke bayawufaka usawoti esilondeni ngoba bamtshela konke okwenzekayo
uMakhoba uma engekho esemsebenzini. Njengoba engasebenzeli eduze nasekhaya nje,
bamtshela ukuthi uyafika uMvuseni kwezinye izikhathi alale. Uma efika ekhaya uyayiwisa
52

nendlu ebilala uMvuseni, lokho kumphatha kabi uMaNdelu noBusisiwe.


Akumthokozisi lokhu uMakhoba ngoba uzibona edelelekile, ehlelwa nayisithunzi emzini
wakhe. Uze ahlele ukuthi uzomzuma uMaNdelu angamtsheli ukuthi uyeza ekhaya khona
ezombamba oqotsheni uMvuseni. Uyakuhlela konke azokwenza, uqasha imoto
azohamba ngayo aye ekhaya afike bengazelele ukuze amfice ekhona uMvuseni
amshaye amxoshe. Kuyavela ukuthi akazimisele ukuhlala nale ngane emzini wakhe,
ekhona engekho ekhaya akamdingi. Umntwana angamemukela nguBusisiwe osefundela
ubuthishela.
Esekuhlele konke wangena indlela esephikelele ekhaya, nebala wafika besalele kodwa
kukhanya ekamelweni likaBusisiwe. Acathame alunguze abone kunebhantshi eligaxwe
esihlalweni ekamelweni likaBusisiwe, kodwa akukho muntu endlini. Esacuthile ubona
isithunzi esiqhamuka ngasendlini encane, siza ngalapho ecuthe ngakhona. Azitshele
ukuthi nguye uMvuseni, akuphawulayo ukuthi usekhuluphele manje kusho ukuthi imali iza
kahle. Azihlele alungisele ukugadla ngewisa lakhe. Nangempela size isithunzi somuntu
size sifike eduze kwakhe, angabe esabuza agadle. Qhu! Khilikithi! Uma edonsa ithoshi
efuna ukubona ukuthi nguye ngempela uMvuseni, athole ukuthi nguBusisiwe indodakazi
yakhe.

Isihloko

Siyahambelana nale ndaba ngoba ubaba wekhaya uMakhoba uzibiza ngomakhonya uthi
nguye oshaya imithetho, nolawula leli khaya ngakho-ke kumele uMaNdelu nezingane
bezwe ngaye. Nebala ukhonye kwaze kwaba sekugcineni. UMakhoba
ungundlovukayiphikiswa akafuni ukulalela imibono yabanye abantu yingakho nje umbhali
anikeza le ndaba isihloko esithi Umakhonya.

Isingeniso

Siyaheha, inkulumo mpendulwano esekuqaleni ethinta umlingiswa omkhulu yenza sifise


ukuqhubeka sifunde ukuze sifinyelele esiphethweni. Umlingiswa omkhulu uvela kahle
nenkinga abhekene nayo. Unguzwilakhe, ungundlovukayiphikiswa nomuntu ozicabangela
yena yedwa.Isisusa sodweshu siyavela esingenisweni. Isisusa sodweshu
ukungaphumeleli kukaMvuseni ebangeni leshumi nambili.
Indikimba

Indikimba yale ndaba inkoleloze. UMakhoba uzibona engcono kunonkosikazi wakhe


ngenxa yokuthi yena engumuntu wesilisa. Kule ndaba kuyavela ukuthi umbhali
uyakucacisa ukuthi abanye obaba baseyibo ondlovukayiphikiswa. Abafuna kugcine elabo
izwi, bababukele phansi abesifazane nemibono yabo. UMakhoba kule ndaba
53

akamlalelanga uMaNdelu umkakhe, nelungelo lomfana wakhe lokuzikhethela ngafuna


ukukwenza, akalihloniphanga.
Ukuqoqeka Kwesikhathi Nendawo

Le ndaba iqoqeke kahle ngokwesikhathi nendawo ngoba yenzeka ekhaya


kwaMakhoba. Le ndaba iqoqekile ngokwesikhathi eyenzeka ngaso ngoba
izigameko senzeka ziphele ngezinsuku ezimbili kuphela.
Ukwethulwa kwabalingiswa

Umbhali ubethule kahle abalingiswa. UMakhoba simthola ekhuluma


noMaNdelu lokhu kwenza ukuthi simqonde kangcono ukuthi
ungundlovukayiphikiswa ongafuni ukulalela imibono yabanye abantu.
UMaNdelu wethulwe ngayo inkulumo-mpendulwano ngesikhathi ezama
ukubonisana nomyeni wakhe.
Abalingiswa abaveziwe:
• UMakhoba - ubaba wekhaya
• uMaNdelu - unkosikazi kaMakhoba
• uMvuseni - indodana kaMakhoba
• uBusisiwe - indodakazi kaMakhoba
Isiphetho

Umbhali uyiphetha kahle indaba yakhe isiphetho sayo sivulekile, sisishiya


nemibuzo yokuthi ingabe kwenzekani kuMakhoba esebonile ukuthi ubulale
indodakazi yakhe, hhayi uMvuseni. Siyazibuza futhi ukuthi uMaNdelu
waphatheka kanjani esebona indodakazi yakhe isidindilize phandle ekubeni
yena ubazi ukuthi umyeni wakhe usemsebenzini. Abanye abafundi bangaba
nombono wokuthi isiphetho asibhalekanga kahle ngoba inkinga esethulelwa
yona esingenisweni ayixazululekanga.

8. Umakhonya : Sakhile Bhengu

8.1 Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela


54

‘Yimina indoda MaNdelu. Uyangizwa? Ngithi yimina ikhonde. Wena


ungumathananazana, uMvuseni yisajwana, ngakho nina nizolandela ikhonde.
Nizokwenza okushiwo yikhonde. Elokugcina lami lithi uMvuseni akaphume aphele kulo
muzi wami ngoba usezibona ukuthi uyindoda!” Wayesedinwe kungqangqazela
amadevu uMakhoba ngesikhathi ethethisana nonkosikazi wakhe uMaNdelu. 5

Ingxabano lena isuka ngendodana, uMvuseni olanywa yintombazane, uBusisiwe. Uthe


angangaphumelela ebangeni leshumi uMvuseni, watshela abazali bakhe ukuthi
akasazimisele ngokuqhubeka nesikole. Wathi usefuna ukuyosebenza. Nalo ibanga leli
leshumi kube ngumqansa ukufika kulo, ngoba alikho ikilasi angaliphindanga selokhu
10
afika esikoleni esiphakeme. Okuyikona osekubangwa nguMakhoba nomkakhe ngukuthi
uMaNdelu uyahambisana nesinqumo esithathwe nguMvuseni, kuyilapho uMakhoba
akezwa nakuzwa ngomuntu ongafuni ukuqhubeka nemfundo yena esazimisele
ngokumfundisa. Uthi ngempela uma engavumela ingane yenze intando yayo ngabe
kusho ukuthi ubudoda bakhe akabumeli.
15
Wayesezame izikhathi eziningana uMakhoba ukubonisa indodana yakhe ngobuhle
bemfundo. Kwakumane kube sengathi uthela amanzi emhlane wedada nje ngoba
uMvuseni umane athi akasayingeni neze yena indaba yemfundo. Azame ukuyikhiphela
sonke isineke uMakhoba, indodana eyitshela ukuthi umsebenzi wabantu abangafundile
uya ngokuya uncipha, sekudingeka abantu abaqeqeshiwe emsebenzini. Abantu
abangeke babe nezinkinga zokumelwa emsebenzini njengabo oMakhoba abamelwa21
kuze kuyoshona ilanga.

Phendula imibuzo elandelayo.

8.1.1 Bhala amagama ezingane zakwaMakhoba. (2)

8.1.2 Wayecasulwa yini uMkhoba kangaka? (1)

8.1.3 Khetha impendulo efanele kulezi ezilandelayo.


Isimo sokukhuluma esikulomusho olandelayo sichaza ukuthini?
Nalo njalo ibanga leshumi kube ngumqansa ukufika kulo

A. Akuzange kube nankinga


B. Akuzange kube lula
C. Akuzange kumfundise
D. Akuzange kumphazamise (1)

8.1.4 Bhala izinto EZIMBILI ezazishiwo uMakhoba ezama ukugqugquzela


indodana yakhe ukuba iqhubeke nemfundo. (2)

8.1.5 Yisiphi isizathu esasenza uMaNdelu esekele indodana yakhe? (2)

8.1.6 Finggqa kafushane okwenzeka kulesi siqeshana. Bhala amaphuzu


AMATHATHU. (3)
55

8.1.7 Kwenzekani emva kokuba uMakhoba esetholile ukuthi umfana wakhe


usejwayele ukufika ekhaya ? Bhala amaphuzu AMABILI. (2)

8.1.8 Kwaba namphumela muni empilweni kaMvuseni ukuyeka isikole? (2)

8.1.9 Kubalulekile ukuthi uma ungumzali ungazikhethi izingane ngokwempatho


uzikhulise uzithande ngokulinganayo. Fakazela lesi sitatimende ngalokhu
okwenzeka kule ndaba. Bhala amaphuzu AMABILI. (2)

Izimpendulo ezilindelekile

8.1.1 UBusisiwe √ uMvuseni√ (2)

8.1.2 Wayecasulwa ukuthi uMvuseni usefuna ukuyeka isikole. √ (1)

8.1.3 B√ /Akuzange kubelula√ (1)

8.1.4 l Wayeyitshela indodana ukuthi umsebenzi wabantu abangafundile uya


ngokuya uncipha. √
l Eyitshela nokuthi sekudingeka abantu abaqeqeshiwe emsebenzini.√ (2)

8.1.5 Wayezama ukuthi ingabuzweli ubuhlungu bokungaphumeleli esikoleni


ayikhombise nothando√√ (2)

8.1.6 l UMakhoba uhilizisana nomkakhe kubangwa indaba yendodana yabo. √


l UMvuseni akasazimisele ukuya esikoleni nakuba engaliphasanga
ibanga leshumi. √
l UMakhoba akayizwisisi le ndaba ngoba ucabangela ikusasa likaMvuseni
ongezoba nawo umatikuletsheni.√ (3)

8.1.7 l Wenza izinhlelo zokuthi ambambe oqotsheni emzini wakhe√


l Wahlela ukumshaya ambulale uma emfica emzini wakhe ngendlela
ayengamfuni ngayo. √ (2)

8.1.8 Kwaba nomphumela omuhle ngoba wakwazi ukuthola umsebenzi


ongazange umfune imfundo noma iziqu zemfundo√√ (2)

8.1.9 Yebo kubalulekile:


l UMakhoba wayembandlulula uMvuseni ngoba engahambisani nalokho
akholelwa kukho. √
l Ukube wayengazibandlululi izingane zakhe ngabe akazange ambulale
uBusisiwe ehlose ukubulala uMvuseni√ (2)
56

IZINKONDLO:

AMAHLOKOHLOKO: EJ MHLANGA, JJ THWALA


IZINKWAZI ZOTHUKELA: LONDI P.M. MAKHANYA

Nazi izinkondlo ezimiselwe ukufundwa ebangeni le-12:

ISIHLOKO SENKONDLO IGAMA LOMBHALI


1 Kudla Fumuka Kudla Silaza F.F. Mbatha
2 Izimomondiya Z.B. Gama
3 Siphukuphuku Ndini L.M.M.S. Madondo
4 Sezibuya Inhlazane Sthembiso B Mlambo
5 Komile geqe L.M.M.S. Madondo
6 Nonkululeko Nomthandazo C Makhanya
7 Sthandwa Sami Thembinkosi B Qhawe
8 Yobe nsizw’enye Thembinkosi B Qhawe
9 Usiba Nomthandazo C Makhanya
10 Ingqalabutho D.W. Nxumalo

IYINI INKONDLO?
Inkondlo iyindaba exoxwayo kusetshenziswa ulimi lobunkondlo. Ingumbhalo omfushane noma
omude lapho imbongi isuke yeneka khona imizwa, imicabango, imibono yayo ngento,
ngomuntu, ngendawo, isimo esithile, ngenkolo, ngamasiko, ngemfundo njl. Umbhalo
wobunkondlo ubekwa ngolimi olunkondlozayo. Umyalezo wembongi ubekwa ngamabinza
(ngezindima).
AMASU OBUCIKO
Mfundi bheka nanka amasu obunkondlo angezansi azokusiza ekuqondeni kangcono
inkondlo ngamafuphi:

• Umqondo wenkondlo (osobala noma ocashile)

• Umoya wenkondlo

• Indikimba kanye nomyale

• Imifanekisomqondo

• Izifengqo
57

• Ukukhethwa kwamagama

• Ithoni

• Amasu obuciko

• Umoya wembongi

• Imigqa; amagama; amabinza

• Isigqi

• Ukuxhumana

• Imvumelwano

• Izimpawu zokuloba
IZAKHIWO ZENKONDLO
ISAKHIWO SANGAPHANDLE (UKUBUMBEKA ISAKHIWO SANGAPHAKATHI
KWENKONDLO)
Amabinza/izitanza Indikimba
Imiggqa (ivulekile, ivalekile, mide/ mifushane) Umqondo wenkondlo

Izimpawu zokuloba Umoya wenkondlo


Ukuxhumana Ithoni

Imvumelwano Imifanekisomqondo
Isizura/ Isikhawu Isigqi

Impindwa Imifanekiso (izinzwa)

Ukuphindaphinda Ukukhethwa kwamagama

I-enjambamenti Izifengqo

Ifanamsindo Impindamqondo
Uhlobo lwenkondlo

Umyalezo

Impindamqondo
Ifuzamsindo

UKUCHAZWA KWAMASU OBUCIKO


Amasuku obunkondlo asetshenziswa yimbongi ukugqamisa izinto eziningi enkondlweni.
Imbongi uma iqamba inkondlo isebenzisa izimpawu ezahlukene zamagama ukuveza imizwa,
58

nemicabango yayo. Lawo magama ewasebenzisayo kuthiwa izimpawu zenkondlo. Izimpawu


zenkondlo kumele zisetshenziswe ngobunyoninco ukuze kwakheke lokhu:

• Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo azwakale kahle ezindlebeni zolalele uma


ihaywa inkondlo.

• Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo akhe umqondo kolalele kumbe ofunda


inkondlo, kucace bha ukuthi inkondlo ikhuluma ngani.

• Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo ahlelwe kahle ukuze asize ekulandeleni


umqondo wenkondlo.

• Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo avuse ukujula komcabango, nemizwa.


Imifanekiso
Imifanekiso yilawo magama asetshenziswa yimbongi enkondlweni akhiwa izinzwa.

• Izinzwa: (eyokuthintekayo, eyokuhogelekayo, eyokunambithekayo, eyokubonakalayo


kanye neyokuzwakalayo)

• Izimo zokukhuluma: Izaga, izisho nezifengqo (isifaniso, isingathekiso,


ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, indida, i-okzimoroni njl). Zingamagama
akhombisa ubuciko bolimi asebenzisa igama noma inkulumo engaqondile ngqo
kulokhu ekushoyo.

• Ulimi/amagama acebile/olunothile: amagama/amabinzana abeka umlayezo


ngendlela ecashile. La magama Imbongi iwasebenzile ukuba kube nobuciko
bokugqamisa umqondo noma Indikimba yenkondlo, njl.

• Izinzwa: (eyokuthintekayo, eyokuhogelekayo, eyokunambithekayo, eyokubonakalayo


kanye neyokuzwakalayo)

• Izimo zokukhuluma: Izaga, izisho nezifengqo (isifaniso, isingathekiso,


ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, indida, i-okzimoroni njl). Zingamagama
akhombisa ubuciko bolimi asebenzisa igama noma inkulumo engaqondile ngqo
kulokhu ekushoyo.

• Ulimi/amagama acebile/olunothile: amagama/amabinzana abeka umlayezo


ngendlela ecashile. La magama Imbongi iwasebenzile ukuba kube nobuciko
bokugqamisa umqondo noma Indikimba yenkondlo, njl.
Indikimba
Indikimba ingumgogodla /ingqikithi/ umongo wenkondlo. Indikimba yenkondlo isethulela
umqondo ophelele wenkondlo. Indikimba isethulela isizathu sokubhalwa kwenkondlo. Iphinde
iphendule umbuzo othi inkondlo ikhuluma ngani. Ingaba igama elilodwa noma isigejana
samagama. Isibonelo; Uthando, Umlando weqhawe, Ezombusazwe, njl. Imbongi isebenzisa
amagama athile ekugqamiseni indikimba yenkondlo.
Umqondo Wenkondlo: Umqondo wenkondlo yilapho kusuke sekunabwa ngendikimba.
59

Inkondlo ingaba nomqondo osobala noma ibe nomqondo ojulile.


Umyayezo
Yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokubhala inkondlo yayo. Kungaya ngomfundi wenkondlo
ukuthi ngabe yena emuva kokufunda inkondlo yisiphi isifundo asitholile.
Imiyaleezo ingadlulisa lokhu okulandelayo:

• Isifundo okumele sitholakale ngemuva kokufunda inkondlo

• Ukudlulisa ulwazi

• Ukuxwayisa

• Ukuqwashisa

• Ukuncoma ,njl.
Umoya
Isimo imbongi esuka ikuso ngenkathi ibhala inkondlo. Imbongi iyaye isebenzise amagama
athile azokhombisa ukuthi lokho ekhuluma ngakho ikubona kanjani.
Ithoni
Ithoni iyisu lobuciko elivamise ukuhambisana nomoya. Ithoni enkondlweni kusuke kubhekwa
indlela imbongi ebuka ngayo lokho ekhuluma ngakho okungaba indikimba. Lokhu
kungaboniswa amagama akhethwe Imbongi ukuwasebenzisa enkondlweni. Leli su lobuciko
livamise ukusondelana kakhulu nomoya wenkondlo.

Izibonelo zethoni emibhalweni yobuciko:

• Ithoni ehambisana nomthetho nokuhlonipha. Isb: Mnumzane, Baba

• Ithoni engahambisani nomthetho nokuhlonipha. Isb: Sekuzongena isifundo


sikaHleziphi, (kusho abafundi kuthisha wabo)

• Ithoni yokungxama / yokuthukuthela: Awungiyeke phansi wena!

• Ithoni yokuhlekisa

• Ithoni yokubhuqa

• Ithoni yokwenama

• Ithoni yokusongela

• Ithoni yokuthemba okubi njalo

• Ithoni yokwethemba okuhle njalo

• Ithoni yokwesaba
60

• Ithoni yokushabasheka

• Ithoni yokukhathazeka

• Ithoni equkethe ubuwula

• Ithoni ekhomba ukuhlakanipha

• Ithoni ecoba amathambo/ eqeda amandla

Ukuxhumana
Ukusetshenziswa kwamagama/ isiqu noma umsuka ofanayo emgqeni emibili noma
ngaphezulu elandelanayo ngenhloso yokugqamisa umqondo othile enkondlweni. Sinezinhlobo
ezine zokuxhumana ezidalwa ukuthi amagama afanayo asetshenziswe kanjani emigqeni
yenkondlo. Imbongi isebenzisa ukuxhumana enkondlweni ukuze kuvele ukugcizelela okuthile
ekhuluma ngakho, emigqeni elandelanayo.
Izinhlobo zokuxhumana

• Ukuxhumana okusekuqaleni

• Ukuxhumana okumaphakathi

• Ukuxhumana sigcino

• Ukuxhumana okutshekele esandleni sokudla

• Ukuxhumana okutshekele esandleni sobunxele


Imvumelwano
Ukusetshenziswa kwamalunga afanayo emgqeni emibili noma ngaphezulu elandelanayo.
Ilunga kungaba ungwaqa nonkamisa noma unkamisa kuphela uma usekuqaleni. Ekugcineni
kuba ilunga lokugcina elifanayo. Imvumelwano iletha umgqumo omnandi osamculo
enkondlweni kanye nokugcizelela okuthile kulowo mIgqa esetshenziswe kuwo.
Izinhlobo zemvumelwano

• Imvumelwano siqalo

• Imvumelwano maphakathi

• Imvumelwano sigcino
Isigqi
Siqonde umgqumo olethwa umoya kanye nomqondo wenkondlo. Isigqi sakhiwa ukuhleleka
kwemisindo bemigqa, ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, ubude nobufushane bemigqa kanye
nezimpawu zokuloba. Isigqi senkondlo singashesha noma sinense. Isibonelo: inkondlo
enesigqi esinensayo kuvame ukuba kube yinkondlo yosizi noma kuchazwa okuthile kanti uma
isigqi sishesha kusuke kuyinkondlo enomoya wenjabulo.
Impindwa
61

Ukuphindeka komugqa noma isigejana samagama njalo emigqeni ehlukene. Kungenzeka


sikuthole ekuqaleni noma ekugcineni kwebinza. Lokhu kuphindaphindeka singakuthola
emabinzeni angafani.
Ukuphindaphinda
Ukuphindaphindeka kwamagama afanayo emgqeni owodwa. Kungenzeka alandelane noma
angalandelani inqobo nje uma esemgqeni owodwa.
Impindamqondo
Ukuphindaphindeka komqondo emigqeni elandelanayo ebinzeni elilodwa lenkondlo eyakhiwe
ngamagama angafani futhi aqukethe umqondo ofanayo. Impindamqondo kungenzeke
ivumelane noma iphikisane.
I-enjambamenti
Umqondo awupheleli emgqeni owodwa kepha uphelela emgqeni olandelayo. I-enjambamenti
yakhiwa umugqa ovulekile kanye novalekile.
Umsebenzi we-enjambamenti:

• Umqondo uphelela emgqeni olandelayo

• Yenza ukuba ofundayo afunde ngokushesha

• Yakha ilukluku kulowo osuke efunda ukuze ezokulangazelela ukufunda


Isizura/Isikhawu
Lo mugqa uba nophawu lokuloba maphakathi kwamagama emgqeni. Kungaba ukhefana,
umbuzi, umbabazi njl. Yilapho imbongi isuke ibala, ihlukanisa izinto ngokuhleleka kwazo noma
iveza imizwa ethile kuyona imigqa.

Ifanamsindo
Ukufana kwemisindo eminingana emgqeni owodwa enkondlweni. Isuke iletha umgqumo
omnandi ozwakala samculo kanye nokugcizelela okuthile okusuke kwethulwa yimbongi kulowo
mugqa. Ifanamsindo ihlukene kabili:
Ifanankamisa- Ukufana konkamisa abaningana emgqeni owodwa.
Ifanangqwaqa- Ukufana kongqwaqa abaningana emgqeni owodwa
Ifuzamsindo
Amagama asetshenziswa yimbongi enkondlweni aveza imisindo efuze ukwenzeka kwento
ethile. Isibonelo: Ngizwe ubumaye maye …….
62

Izinhlobo Zezinkondlo Kanye Nokuhluzwa Kwazo


Izinhlobo Zezinkondlo
UHLOBO INCAZELO
1. Ilirikhi Lolu hlobo lwenkondlo umbhali usuke edlulisa imizwa kanye
nemicabango yakhe. Empeleni yayidalelwa ukuba iculwe. Ibonakala
ngokusebenzisa isivumelwano somlandi wokuqala u ‘Ngi- .
2. Isonethi Yakhiwa yaba mfushane ngoba iba inkondlo ephelele evamise ukuba
nemigqa eyi-14.
Lolu hlobo lwenkondlo lwakheka ngezindlela ezintathu, kubhekwa
ukubumbeka kwamabinza:

• Indlela yokuqala iba namabinza amabili:

• Ibinza lokuqala liba nemigqa eyisi-8

• Ibinza lesibili liba nemigqa eyisi-6

• Indlela yesibili iba namabinza amathathu kanye nemigqa


emibili yokugcina:

• Amabinza amathathu okuqala aba nemigqa emine ibinza


ngalinye.

• Imigqa yokugcina mibili.


Ababhali abaningi bezinkondlo abavamile ukulandela lezi zinhlobo
ezingenhla zesonethi. Isikhathi esiningi sekuba inkondlo eyodwa
ephelele engenamabinza. Kuba kuye-ke umfundi wenkondlo ukubona
ukuthi le nkondlo inamabinza acashile noma nje umbhali umane
wabhala wahlanganisa.
3. Isathaya • Umbhali usuke egxeka ubuthakathaka obuthile, amaphutha
noma izigameko ezenziwa umuntu othile.

• Kungaba isehlo esithile endaweni ethile kokunye kugxekwe


isizwe esenza kabi ngezizathu ezithile.

• Amasu asetshenziswa ababhali ukudlulisa lo myalezo:

• Isu lokubhuqa

• Isu lokugxeka

• Isu lokuhlekisa- okungaba ngendlela eyakhayo

• Umbhali angasebenzisa izilwane azifake izimpawu zabantu


abaphilayo.
Inhloso yokubhala kwesathaya ukuzama ukulungisa isimo
63

esingemukelekile kumbe esigxekwayo.


4. I-eleji Umbhali kulolu hlobo lwenkondlo usuke elila ngoba elahlekelwe
umuntu amthandayo.

• Ukulahleka ngokuthi adlule emhlabeni


Umbhali walolu hlobo usuke ekhumbula izinsuku ezadlula ezingeke
zisabuyela emuva.

5. Inkondlo Lolu hlobo lwenkondlo luba indaba exoxwayo eba nesingeniso,


elandisayo umzimba kanye nesiphetho.

• Le nkondlo ivamise ukuba ibe nomlingiswa oqavile. Lo


mlingiswa angasuselwa ekhanda noma kube owake waphila
ngempela. Kwesinye isikhathi imbongi yiyo eba ngumlingiswa
kule nkondlo.

6. I-ephikhi Lena inkondlo eyindida. Kusuke kubhalwe ngento ephicayo,


engaqondakali kahle noma exakayo.

• Lolu hlobo kuvame ukuba kube indaba ende exoxwa ngolimi


lobunkondlo.

• Ixoxa ngezehlakalo zomlando weqhawe elithile lesizwe.

• Izehlakalo kulolu hlobo akuphoqelekile ukuba zilandelane.

7. IZIBONGO Inkondlo eveza umlando, ubuqhawe, amagalelo, ukuhlabana,


ZESIMANJE amagugu, njl. Umbhali walolu hlobo uvamise ukubhala izibongo:

• Zezinto

• Zabantu

• Izindawo
Lezi zinkondlo zixuba amasu okubhala kwezinkondlo zomdabu kanye
nalawo okubhalwa kwezinkondlo zaphesheya kwezilwandle.
64

UKUHLUZWA KWENKONDLO NGAYINYE


1. KUDLA FUMUKA KUDLE SILAZA - FF MBATHA
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
KUDLA FUMUKA KUDLE SILAZA-FF Mbatha

1 Sinizwa kahle zikhulumi,


2 Nithi asesule izinyembezi ezigelezayo,
3 Sikushaye indiva ukubalisa kwenhliziyo,
4 Sikholwe singakholwa yiqiniso –
5 Umfowethu uselifulathele elakwamhlaba.
6 Siyanizwa zikhulumi,
Nithi asigwiny' itshe singemifula,
7
Silalel' usizi lusijijimeza,
8 Lusijijimeza ngemicibisholo,
9 Ngemicibisholo yezinhlungu.
10 Bekufanele yini
11 Ukufa kumakhel' uzungu,
12 Kancane kancane kumcathamela,
13 Kumcathamele kumholele ophathe
14 Engazelele kumbhozomele kumjuqe?
15 Bekufanele yini
15 Ukufa kusine kuzibethele,
16 Iminjunju idlale ngaye
Izinhlungu zichachaze kuye.
17
Ubuhlungu bube buhlungu kabuhlungu?
18 Bekufanele yini
19 Impophoma yezinyembezi igobhoze,
20 Ithantala lezinyembezi ligeleze,
20 Ligeleze njalo lemuke nempilo,
21 Impilo okungukuphela kwayo?
22 Bekufanele yini
23 Injabulo nezifiso kungafezeki,
24 Ukufa kumhlwithe ngesidlozana?
25 Kufa awunanembeza,
26 Ngokudla fumuka udle silaza.
Siyanizwa baduduzi,
27
Nith'asigwiny'itshe sixole.
28 Nithi lena yingoma mtshelekwana,
29 Akukhethi bala nanyaka
30 Kudla fumuka kudle silaza
65

AMAGAMA ACHAZWAYO:
lusijijimeza - busidudula bungasinike thuba

ngemicibisholo uthi olucijile okucitshwa ngalo

kumcathamele kumnyonyobele
kumjuqe kumbulale
kumbhozomele kumbambe ngamandla engenze lutho
Iminjunju izinhlungu
Ithantala ichibi lamanzi
Kumhlwithe Kumthathe ngesihluku

ULIM OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENII:


• Kudla fumuka kudle silaza – ukufa kuthatha omdala nomncane

• Sikushaye indiva - singakunaki


• Uselifulathele elakwamhlaba.- useshonile/akasekho emhlabeni.

• Asigwiny' itshe – asibe nesibindi

• Ukufa kumakhel' uzungu, - kwenze icebo lokumlimaza

• Kumholele ophathe – ukuyengela engozini

• Kusine kuzibethele, - kuzitike

• Kumhlwithe ngesidlozana – kumthathe ngenkani

• Yingoma mtshelekwana- inkinga eyehlela noma ubani

• Akukhethi bala nanyaka – akukhethi muntu nasikhathi


Uhlobo Lwenkondlo:

I-Eleji ngoba imbongi iyalila ngokulahlekelwa isihlobo sayo. Kule nkondlo imbongi
izwakalisa imizwa yayo ngokufa kanye nokugula kabuhlungu kwesihlobo sayo
Umqondo Wenkondlo:
Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngokugula kabuhlungu kwesihlobo sayo. Iyazibuza
iyaziphendula ngokuthi kungani bekumele isihlobo sayo sihlukunyezwe ukugula isikhathi
eside, ngaphambi kokuba sidlule emhlabeni. Inhliziyo yembongi ayivumi ukuxola
nokwamukela isimo sokushiywa isihlobo sayo.
66

Indikimba:
Indikimba yale nkondlo ukufa – Imbongi ibalisa ngokudlula emhlabeni kwesihlobo sayo.
Umyalezo:

Ukufa akukhethi kuthatha omncane kuthathe nomdala akuyi ngeminyaka.


Isigqi:
Siyanensa ngoba imbongi ikhuluma ngesimo esingemnandi sokushonelwa isihlobo sayo
kabuhlungu. Imigqa eminingi yale nkondlo inezimpawu zokuloba ekugcineni, okwenza
isigqi sale nkondlo sinense.
Ithoni:

Iveza ukukhathazeka ngokungazi ukuthi kungani isihlobo sayo imbongi sihlukunyezwe


kangaka ukufa ngaphambi kokuthi sidlule emhlabeni.
Umoya Wenkondlo:
Umoya wokukhungatheka nokubalisa ngokuhanjelwa isihlobo.
I-enjambamenti:

Ibinza lesi-3 umugqa we-11 kuya kowe-12


Bekufanele yini
Ukufa kumakhel' uzungu,

Ibinza lesi-4 umugqa wama-16 kuya kowe-17


Bekufanele yini
Ukufa kusine kuzibethele,

Ibinza lesi-5 umugqa wama-27 kuya kowama-28


Bekufanele yini
Impophoma yezinyembezi igobhoze,
IMVUMELWANO SIQALO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-3 nowe-4


Sikushaye indiva ukubalisa kwezinhliziyo,
Sikholwe singakholwa yiqiniso
67

Imvumelwano Sigcino:

Ibinza loku-1 umungqa wesi-2 nowesi-3


Nithi asesule izinyembezi ezigelezayo,
Sikushaye indiva ukubalisa kwezinhliziyo,
Ibinza lesi-5 umugqa wama-22 nama-23
Impophoma yezinyembezi igobhoze,
Ithantala lezinyembezi ligeleze,
Ibinza lesi-5 umugqa wama-29 nama-30
Kufa awunanembeza,
Ngokudla fumuka udle silaza.
Ukuxhumana Siqalo:

Ibinza lesi-6 umugqa wama-32 nama-33


Nith'asigwiny'itshe sixole.
Nithi lena yingoma mtshelekwana
Umqondo Wenkondlo Ngamafuphi
Le nkondlo ikhuluma ngobuhlungu bokulahlekelwa yisihlobo. Imbongi inemibuzo eminingi
engakwazi ukuyiphendula mayelana nesimo umfowabo adlule kusona ngaphambi
kokuthi adlule emhlabeni.
PHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO.
1.1 Tomula umugqa otholakala ebinzeni loku-1 okhombisa ukuthi umfowabo (1)
wembongi ushonile.

1.2 Nikeza isibonelo semvumelwano sigcino etholakala ebinzeni loku-1. (1)

1.3 Gagula uhlobo nesibonelo sokuxhumana okutholakala ebinzeni lesi-2. (2)

1.4 Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi ingaduduzeki uma izikhulumi ziyiduduza
ngokwale nkondlo? Bhekisa impendulo yakho ebinzeni lesi-2 usekele
(3)
ngamaphuzu AMABILI.
1.5 Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-3 sichaza ukuthi . . .
A. singakunaki.
B. singakuthandi.

C. singakukhohlwa.
68

D. singakuzwa. (1)
1.6 Chaza umqondo owethulwa yimbongi ebinzeni lesi-3. Bhala amaphuzu
AMATHATHU.
(3)
1.7 Humusha umoya ovezwa yimbongi kule nkondlo. Sekela ngamaphuzu AMABILI. (3)
1.8 Uyavumelana yini namagama adwetshelwe emgqeni wama-29? Sekela
impendulo yakho.
(2)
1.9 Ncoma amazwi asetshenziswe yimbongi ebinzeni lokugcina. Sekela ngephuzu (2)
ELILODWA.
IZIMPENDULO EZILINDELEKILE

1.1 Umfowethu uselifulathele elakwamhlaba. √ (1)


1.2 Nithi asesule izinyembezi ezigelezayo.
Sikushaye indiva ukubalisa kwenhliziyo. √ (1)
1.3 Ukuxhumana okutshekile isb.
Silalel’ usizi lusijijimeza
Lusijijimeza ngemicibisholo. √√ (2)
1.4 • Yingoba akulula ukuthi balalele usizi olubajijimezayo lubajijimeza
ngemicibisholo yezinhlungu. √
(3)
• Lokhu kuchaza ukuthi ubuhlungu ababuzwayo bukhulu kakhulu.√

• Kubenza ukuthi bangabi nesibindi sokubhekana nesehlo esibehlele. √


1.5 A/ singakunaki. √ (1)
1.6 • Imbongi yethula umqondo wokuthi umfowabo ubenyonyobelwa ukufa
enganakile. √

• Kumnyonyobele kancane kancane ukugula enganakile,√


(3)
• Kwaze kwamanela ukufa engazelele.√
1.7 • Imbongi iveza umoya wokubalisa ngenxa yokushiywa umfowabo ozunywe
ukufa bengazelele. √

• Iphinde iveze umoya wokudideka ukuthi kungani umfowabo ezwe izinhlungu


ezingaka. √

• Iphinde ibalise ngokuthi bangakwemukela kanjani ubuhlungu bokushiywa


umfowabo kabuhlungu kangaka. √ (3)
1.8 Ngiyavumelana ngoba ukufa akunazwelo kufika noma nini noma kubani kubuya
69

kuphindelela. √√ (2)
1.9 Imbongi iwasebenzise kahle amazwi akhombisa ukuthi iyamukela ukuthi ukufa
kwehlela noma ubani akukhethi bala lamuntu. √√ (2)
2. IZIMOMONDIYA Z.B. GAMA

IZIMOMONDIYA Z.B Gama

1 Ngizibonile ezinhle kakhulu


2 Amalamb’edlile uqobo,
3 Omashayela phezulu boqobo.
4 Ngisho amankisimane ansundu
5 Akhuluma asikhiphe ngamakhala,
6 Izintombi zendlu empisholo.

7 Amakhanda agcwele ayachichima,


8 Ulwazi lobuchwepheshe besimanje,
9 Izimomondiya ezisebenza zihleli
10 Yeka iminwe ukuchofoza,
11 Iminwe egijima iye le,
12 Ibuye emuva, iye phambili.

13 Amehlo agqolozele ibhokisi,


14 Iminwe ichofoza amathambo,
15 Ngisho amathambo amhlophe,
16 Agqize ngomnyama umbala,
17 Okomfaniswano wezingane zesikole
18 Zigxumagxuma emabaleni.
19 Ngiyaseshwama isimangaliso seminwe
20 Egidagida phezu kwamathambo,
21 Ngisho amathambo amhlophe
22 Ibhale umlayezo wansondo
23 Yeka ubuciko bekhompuyutha,
24 Ubuciko bondlebe zikhanya ilanga.

25 Angiwubonaze umshini oyisimangaliso,


26 Umshini okhuluma buthule,
27 Umshini obuza buthule,
28 Yisimangaliso lesi sakobelungu.
29 Esifinyeza umsebenzi umkhulu
30 Isimangaliso ubaba nomama.
70

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Izimomondiya abantu besifazane abahle abanobuso
obusulekile.
Amankinsimane abelungu
Empisholo emnyama
Ukuchofoza ukucindezela izinkinobho
Emabaleni emagcekeni
Ngiyaseshwama ngiyasiqabuka / ngiyaqala ukusibona

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• Amalamb’edlile - abantu besifazane abanokhalo oluncane/ isisu esincane

• Omashayela phezulu – abahamba ngokuziqhenya

• Asikhipha ngamakhala - asikhuluma kahle isiNgisi

• Amathambo amhlophe – izinkinobho zekhompuyutha

• ondlebe zikhanya ilanga. – abelungu

• Okhuluma buthule – odlulisa umyalezo ngamagama kanye nezithombe

UHLOBO LWENKONDLO:
Uhlobo lwale nkondlo ilirikhi. Imbongi iveza imizwa yayo ngokuthuthuka
kwezobuchwepheshe lapho abantu sebekwazi ukwenza umsebenzi omningi
ngesikhashana esincane. Imbongi iphinde income izintokazi ezikwazi ukusebenzisa lolu
hlobo lobuchwepheshe ekhuluma ngabo.

UMQONDO WENKONDLO:

• Uma ubuka isihloko sayo inkondlo ungathi imbongi ikhuluma ngabantu besifazane
abahle. Endimeni yoku-1 imbongi incoma izintokazi ezinhle izibiza
ngamalamb’edlile akhuluma kahle isiNgisi.

• Imbongi imangazwa yibhokisi lezimanga elibizwa ngekhompuyutha,


kuyayimangaza ukubona umshini okwazi ukuxhumana nabantu buthule. Incoma
nendlela izintokazi ezikwazi ngayo ukugijimisa iminwe phezu kwezinkinobho
zekhompuyutha. Umbhali uyaqala ngqa ukubona isimanga esifana nalesi.
71

INDIKIMBA
Ezobuchwepheshe: Imbongi incoma ukuthuthuka kwezobuchwepheshe. Abantu
sebeyakwazi ukusebenzisa ezobuchwepheshe kwezokuxhumana futhi sebeyakwazi
ukuxhumana ngesikhashana nje. Imbongi kuyayithokozisa ukuthi nezintokazi ezimnyama
seziyakwazi ukusebenzisa lobu buchwepheshe.
UMYALEZO
Abantu kumele bahambisane nesikhathi bazifundise ukusebenzisa ubuchwepheshe
besimanjemanje ukuze bangasaleli emuva. Yonke into esikhathini samanje seyenziwa
ngamakhompuyutha.
ISIGQI
Siyashesha imbongi incoma imisebenzi yekhompuyutha kanye nezintokazi ezikwazi
ukuyisebenzisa. Imigqa eminingi mifushane.
ITHONI
Eyenjabulo. Imbongi ijatshuliswa yimisebenzi emihle eyenziwa amakhompuyutha kanye
nezintokazi ezikwazi ukuwasebenzisa.

UMOYA WENKONDLO

Umoya wokujabula. Imbongi izwakalisa ukujabula nokumangala


ngezobuchwepheshe osebaziwa izintokazi ezimpisholo/ ezinsundu.
ENJAMBAMENTI

Ibinza loku-1 umugqa woku-1 nowesi-2

Ngizibonile ezinhle kakhulu


Amalamb’edlile uqobo,

Ibinza lesi-3 umugqa we-17 nowe-18

Okomfaniswano wezingane zesikole


Zigxumagxuma emabaleni.
72

UKUXHUMANA SIQALO

Ibinza lesi-5 umugqa wama-26 nowama-27

Umshini okhuluma buthule,


Umshini obuza buthule,

UKUXHUMANA SIGCINO

Ibinza loku-1 umugqa wesi-2 nowesi-3

Amalamb’edlile uqobo,
Omashayela phezulu boqobo.

Ibinza lesi-5 umugqa wama-26 nowama-27

Umshini okhuluma buthule,


Umshini obuza buthule,

UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI

Imbongi ikhuluma ngezintokazi ezimnyama ezisebenza emahhovisi, ezikhuluma isiNgisi


sengathi zasincela ebeleni. Imangazwa ikhono lezintokazi ezimnyama lokusebenzisa
ikhompuyutha. Imbongi incoma indlela iminwe yezintokazi eshesha ngayo ngesikhathi
zisebenza ngamakhompuyutha.

Phendula imibuzo elandelayo.


2.1 Shono ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu. Sekela impendulo yakho. (2)

2.2 Tomula umugqa otholakala esigabeni sesi-2 okhombisa ukuthi izimomondiya


zenza umsebenzi ongagqilazi.
(1)
2.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU okuhle ngabantu abanconywa yimbongi.
Bhekisa impendulo yakho ebinzeni loku-1.
(3)
2.4 Umugqa obhalwe ngokugqamile emgqeni we-11, uyi….
A. sifaniso.
B. singathekiso.
C. senzasamuntu.
D. senzasasilwane. (1)
2.5 Chaza kafushane okushiwo yimbongi emgqeni we-19 kanye nowama-20. (2)
73

2.6 Ucabanga ukuthi achazani amagama asetshenziswe yimbongi emgqeni


wama-24. (2)
2.7 Uyavumelana yini nembongi ngamazwi ewasho emgqeni wama-28 kuya
kowama-29? Sekela impendulo yakho.
(2)
2.8 Phawula ngomqondo wale nkondlo. Bhala amaphuzu AMATHATHU. (3)
IZIMPENDULO EZILINDELEKILE
2.1 Le nkondlo iyiliriki√ ngoba imbongi iveza imizwa yayo incoma ubuhle
nobuhlakani bezintombi zendlu empisholo. √
(2)
2.1 Izimomondiya ezisebenza zihleli. √ (1)
2.3 Imbongi ithe lezi zintombi.
Zingamalamb’edlile uqobo. √
Zingomashayela phezulu boqobo. √
Zikhuluma isingisi zisikhiphe ngamakhala √ (3)
2.4 C/ senzasamuntu. √ (1)
2.5 Kule migqa imbongi igqamisa imisebenzi emangalisayo eyenziwa
ikhompuyutha kusetshenziswa iminwe. √√
(2)
2.6 Ngicabanga ukuthi imbongi ibichaza ukuthi ikhompuyutha yinto eyafika (2)
nabelungu. √√
2.7 Ngiyavumelana ngoba ikhompuytha iyakwazi ukufinyeza umsebenzi omkhulu
isb. esikhundleni sokuba nomhlangano nomuntu okude usungamthumela
umyalezo omfishane ngekhompuyutha osonga yonke ingxoxo ebenizoba nayo
mawumbona√√ (2)

2.8 l Imbongi imangazwa yibhokisi lezimanga elibizwa ngekhompuyutha,


kuyayimanganza ukubona umshini okwazi ukuxhumana nabantu buthule.
l Incoma nendlela izintokazi ezikwazi ngayo ukugijimisa iminwe phezu
kwezinkinobho zekhompuyutha.
l Imbongi iyaqala ngqa ukubona isimanga esifana nalesi.
(3)
74

3. SIPHUKUPHUKU NDINI - LMMS MADONDO


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Siphukuphukundini- LMMS Madondo


1 Siphuphutheki ndini ungisaphi?
2 Ungithubelezis’ okwenkomo yokwebiwa,
3 Kwenzenjani engqondweni yakho?
4 Ujezisa ilungelo owaliphiwa uMdali
5 Lokumelekelela ekudalekeni kwami,
6 Ungidlisa emadlelweni mbumbulu,
7 Uyambuluza ungifunze ubumbulu.
8 Siduphungandini ucabangani?
8 Uthini ngemvelaphi yami engingenakuyazi?
9 Ngendlela ongifihlele ngayo ukuyazi
10 Wangifunza obakh ubumpoqabulungu,
11 Ngidedele ngifund olwami ulimi,
12 Ngivumele ngiqonde elami isiko,
13 Ze name ngikhulise abami ngendlela.
14

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Siphuphutheki Into ekusa lapho ongazi khona
Ungithubelezisa Ungihambisa ngokucasha
Uyambuluza Wenza ubuxoki
Siduphunga Siphukuphuku/isilima
Ubumpoqabulungu Umuntu othanda ukulingisa abelungu.

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


Ungidlisa emadlelweni mbumbulu - Ungenzisa izinto ezingalungile
UHLOBO LWENKONDLO:
Le nkondlo iyisonethi : Le nkondlo inemigqa eyi-14.

UMQONDO WENKONDLO
Le nkondlo ikhuluma ngomzali ongayifaki endleleni eyiyo ingane yakhe, ayifundise isiko
kanye nosikompilo. Uyayiphoqa ingane ukuthi ilandele isiko lezinye izizwe futhi
ikhulume nolimi lwesiLungu.
75

INDIKIMBA

Indikimba yale nkodlo isiko: Imbongi ikhuluma ngokubaluleka kokuthi abazali bafundise
izingane ngamasiko nemvelaphi yazo.
UMYALEZO:
Abazali kumele babe abaholi abathembekile ezinganeni zabo bangadukisi izingane
ngokuzifunza isiko lezinye izizwe.
ISIGQI:
Siyanensa imigqa yakhona inezimpawu eziningi zokuloba/ zokubhala
ITHONI
Eyokukhathazeka imbongi ikhathazwa ukuthi umzali wayo uyifundisa isiko labezizwe. Umzali
wembongi akafuni ukuyifundisa indlela yesintu yokuphila.
UMOYA WENKONDLO

Umoya wokubalisa imbongi ibalisa ngokulahlekelwa yithuba lokuthola imfundo eyiyo yasekhaya.
I-ENJAMBAMENTI

Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 nowesi-5


Ujezisa ilungelo owaliphiwa uMdali
Lokumelekelela ekudalekeni kwami,
Ibinza lesi -2 umugqa we-10 nowe-11
Ngendlela ongifihlele ngayo ukuyazi
Wangifunza obakh’ ubumpoqabulungu,
IMVUMELWANO SIQALO

QAPHELA: IMVUMELWANO MAPHAKATHI

Kule migqa elandelayo kutholaka nemvumelwano maphakathi

Ibinza lesi-2 umugqa we-12 nowe-13


Ngidedele ngifund’ olwami ulimi,
Ngivumele ngiqonde elamiisiko,

IMVUMELWANO SIGCINO
Ibinza lesi-2 umugqa we-9 nowe-10
Uthini ngemvelaphi yami engingenakuyazi?
76

Ngendlela ongifihlele ngayo ukuyazi


UKUXHUMANA SIGCINO

Ibinza lesi-2 umugqa wesi-6 nowesi-7

Ungidlisa emadlelweni mbumbulu,


Uyambuluza ungifuze ubumbulu.
UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI

Le nkondlo ikhuluma ngomzali okhonze kakhulu ulimi kanye namasiko esilungu, lo mzali
uphoqa ingane yakhe ukuthi ifunde indlela yokuphila yabezizwe. Ingane ayilitholi ithuba
lokuthola imfundiso eyiyo ehambisana nesiko kanye nosikompilo layo. Lesi simo
siyayiphazamisa ingane ekukhuleni kwayo ngoba iyadinga ukwazi imvelaphi yayo. Lolu
lwazi ingaludlulisela nasezinganeni zayo.
Phendula imibuzo elandelayo.
3.1 Bhala umugqa osebinzeni loku-1 okhombisa ukuthi imbongi ikhuluma ngomzali
wayo kule nkondlo.
(1)
3.2 Tomula umbuzo-mbumbulu otholakala endimeni yokuqala. (1)
3.3 Bhala imigqa enokuxhumana endimeni yoku-1 bese udwebela amagama (2)
efanayo.
3.4 Fingqa ngamagama akho okushiwo yimbongi ebinzeni lesi-2. Bhala amaphuzu
AMABILI.
(2)
3.5 Chaza ukuthi umoya wale nkondlo unjani? Sekela impendulo yakho. (2)
3.6 Hlobo luni lwemvumelwano olutholakala ebinzeni lesi-2? Bhala isibonelo sayo
ngokubhala imigqa enemvumelwano.
(2)
3.7 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezilandelayo njengoba zisetshenzisiwe
enkondlweni engenhla:
3.7.1 Ungidlisa emadlelweni mbumbulu, (2)
3.7.2 Wangifunza obakh’ ubumpoqabulungu, (2)
3.8 Ngabe imbongi iphumelele yini ukwedlulisa umyalezo wale nkondlo? Sekela
impendulo yakho ngephuzu ELILODWA.
(2)
77

IZIMPENDULO EZILINDELEKILE.
3.1 Lokumelekelela ekudalekeni kwami, √ (1)
3.2 Siphuphutheki ndini ungisaphi? √/ Kwenzenjani engqondweni yakho? √ (1)
3.3 Ungidlisa emadlelweni mbumbulu, √ (2)
Uyambuluza ungifunze ubumbulu. √
3.4 Amaphuzu AMABILI kwalandelayo:
l Imbongi ibalisa ngokuthi ngeke iyazi imvelaphi yayo ngenxa yokuthi umzali
uyifundisa isiko labezizwe. √/
l Umzali uphoqa imbongi ukuthi ikhulume ulimi lwesilungu, ikhohlwe ulimi
lwesintu√/
l Imbongi ifisa ukuyazi imvelaphi yayo ukuze ifundise abayo abantwana. √ (2)

3.5 Umoya wokubalisa. √ Imbongi ibalisa ngokulahlekelwa ithuba lokuthola


imfundiso eyiyo yasekhaya. Ikhala ngokungalitholi ithuba lokwazi ngemvelaphi
(2)
yayo. √
3.6 Imvumelwano sigcino / siphetho. √
Uthini ngemvelaphi yami engingenakuyazi?
Ngendlela ongifihlele ngayo ukuyazi √
NOMA
Imvumelwano siqalo. √
Ngidedele ngifund’ olwami ulimi,
Ngivumele ngiqonde elami isiko, √ (2)
3.7.1 Ungenzisa into ezongisiza okwesikhashane bese iba inkinga kimi emva
kwesikhathi. √√ (2)
3.7.2 Wangifundisa ngenkani amasiko abelungu. √√ (2)
3.8 Yebo ngiyavumelana, imbongi isitshela ukuthi abazali kumele babe abaholi
abathembekile ezinganeni zabo bangadukisi izingane ngokuzifunza isiko
lezinye izizwe. √√ (2)
78

4. SEZIBUYA INHLAZANE - SB. MLAMBO

SEZIBUYA INHLAZANE - SB Mlambo

1 Sezibuy’ inhlazane
2 Sekugqigqwa namagula
3 Sekusikhathi sokukleza.
4 Kusesibayeni solwazi
5 Kusengwa amahinikazi
6 Kusengwa izigqala
7 Kuyaphithizela ubuyaluyalu
8 Ayagcwala amathanga kuyathululwa
9 Kwabanye ziwakhahlel’ egcwele.
10 Kusesibayeni solwazi
11 Sengathi ngumbondo neminjonjo
12 Bazozuza selithambama.
13 Asegcwalisile bayayikizela
14 Sebeyeke imiyeko yokunqoba
15 Imiyeko bayithole sebeqedile.
16 Izehluleki seziyabanyokoloza
17 Zibabeka izici bengenazo
18 Kuthiwaba yazidla!
19 Sebezizuzele izaqheqhe
20 Abasayikwephucwa muntu!
21 Yisinkwa sabo!
22 Nani enisashay’ umphehlu
23 Yalelani nabanye abantu
24 Ngamaqhing okusenga le nkomazi

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.


AMAGAMA ACHAZWAYO:
Sekugqigqwa Kwehliwa kwenyukwa
Amagula Izitsha zokufaka ubisi uma kusengwa
Ukukleza Ukusengela ubisi emlonyeni
Amahinikazi Izinkomo ezikhipha ubisi oluningi
Izigqala Izinkomo ezikhipha ubisi oluncane
Iminjonjo Utshwala obulethwa yizintombi lapho
zithanda/ziqome khona
Imiyeko Izinwele eziphothiwe zesangoma
79

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• Sezibuy’ inhlazane - Sezibuya emini yasekuseni

• Kusesibayeni solwazi - Kusesikoleni/Kusesikhungweni semfundo ephakame


UHLOBO LWENKONDLO:

Ilirikhi: Le nkondlo kugqama imizwa yembongi lapho ikhuluma ngemfundo.

UMQONDO WENKONDLO:
Lapha imbongi ikhuluma ngokubaluleka kwemfundo yasezingeni eliphezulu. Iyasichazela
ukuthi imfundo itholakala kanzima ngoba ababaningi abafunda baze bagogode. Umuntu
kumele asebenze iminyakanyaka ukuze azuze iziqu ezifanele. Kuvamisile-ke ukuba izehluleki
zibagxeke labo asebephumelele kwezemfundo.
INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo imfundo: Le nkondlo ikhuluma ngokubaluleka kokuthi, abantu bafunde
ukuze bazithuthukise bona, imindeni yabo kanye nesizwe jikelele.

UMYALEZO

Kumele abantu bafunde ukuze isizwe sethu sizophumelela siqhubekele phambili.


ISIGQI

• Siyashesha ngoba imigqa yakhona mifishane, eminingi yayo ayinazo iziphumuzi. Kule
nkondlo Imbongi ijabule ngoba kunobuhle okutholakalayo ngesikhathi sekujatshulelwa
ukuphumelela.

• Isigqi siyanensa ngoba uma umuntu elungiselela ukusenga kuthatha isikhathi,


akuphuthunywa. Kuyafana-ke nokufunda ukuthi kuba nesineke nokubekezela ukuze
uthole ulwazi oluyokuphumelelisa empilweni.
ITHONI
Ithoni yokushabasheka: Imbongi ikhuluma ngokuzikhandla kwabantu ukuze
baphumumelele kwabakwenzayo.
UMOYA WENKONDLO

Umoya wethemba: Imbongi igqugquzela ukuthi labo asebethole iziqu zemfundo


bahlalele ethembeni lokuthi bazothola imisebenzi, bekwazi nokuthuthukisa impilo
yabo. Bangayeki nokuhlomisa abanye ngokuzinikela emfundweni
IMVUMELWANO SIQALO

Ibinza loku-1 umugqa wesi-2 nowesi-3


Sekugqigqwa namagula
80

Sekusikhathi sokukleza.
IMVUMELWANO SIGCINO

Ibinza lesi-2 umugqa wesi-4 nowesi-5


Kusesibayeni solwazi
Kusengwa amahinikazi
UKUXHUMANA SIQALO

Ibinza lesi-2 umugqa wesi-5 nowesi-6


Kusengwa amahinikazi
Kusengwa izigqala
UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI
Le nkondlo ikhuluma ngokubaluleka kokuthi abantu bafunde ukubekezela bahlale
esikoleni baze baphothule izifundo zabo, baqhubekele nasezikhungweni zemfundo
ephakeme.
Phendula imibuzo elandelayo.
4.1 Ichaza ukuthini imbongi ngalo mugqa?
‘Sekusikhathi sokukleza.’ (1)

4.2 Iyiphi le ndawo imbongi eyibiza ngesibaya solwazi emgqeni wesi-3? (1)
4.3 Yisho ngamaphuzu AMABILI okushiwo yimbongi emgqeni we-16 kuya kowe -17. (2)

4.4 Bhala kabusha le migqa elandelayo bese udwebela izinhlamvu ezakha


imvumelwano
Kusesibayeni solwazi
(2)
Kusengwa amahinikazi
4.5 Bhala elinye igama ongalisebenzisa esikhundleni saleli elibhalwe ngokugqamile
kulo mugqa olandelayo.
Kuthiwa bayazidla!
(1)

4.6 Chaza ngomoya wale nkondlo. Bhala amaphuzu AMABILI. (3)

4.7 Ucabanga ukuthi uthini umyalezo owethulwa yimbongi kule nkondlo. (2)

4.8 Uyavumelana yini nokuthi imbongi ingumuntu oyithandayo imfundo? Sekela


impendulo yakho ngephuzu ELILODWA
(2)
81

4.9 Phawula ngolimi olusetshenziswe yimbongi kule nkondlo ubhekise kulo mugqa
olandelayo:
(2)
Yisinkwa sabo!

Izimpendulo ezilindelekile:
4.1 Sekuyisikhathi sokusenga√ (1)

4.2 Esikoleni/esikhungweni semfundo ephakeme. √ (1)

4.3 l Imbongi kule migqa ichaza ukuthi labo abangazimiseli bagcina beba
nomona uma sebebona impumelelo kulabo abafundile.√
l Bayabagxeka bababeke amabala ngempumelelo yabo.√
(2)
4.4 Kusesibayeni solwazi√
Kusengwa amahinikazi √ (2)
4.5 bayaziqhenya√ (1)
4.6 Umoya wethemba √
l Imbongi igqugquzela ukuthi labo asebethole iziqu zemfundo bahlalele
ethembeni lokuthi bazothola imisebenzi, bekwazi nokuthuthukisa impilo
yabo. √
(3)
l Bangayeki nokuhlomisa abanye ngokuzinikela emfundweni. √
4.7 Imbongi ithi kumele abantu bafunde ukuze isizwe sizophumelele, siqhubekele
phambili. √√
(2)
4.8 Yebo ngiyavumelana, kule nkondlo imbongi ayiyigxeki imfundo nalabo
asebefundile iyabancoma igqugquzele nalabo abangakaphumeleli.√√
(2)
4.9 Yifa labo laphakade abangeke balephucwe ngumuntu.√ (2)
82

5. KOMILE GEQE - LMMS MADONDO


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
KOMILE GEQE-L.M.M.S Madondo
1 Kungathi yiminyakanyaka,
2 Imvelo ithule ayithi nyaka,
3 Ugagane ungafunga lomile,
4 Isanqawe sokubingelela ngameva
5 Usondela ukusondeza ngameva
6 Konke kuthule kuthule cwaka.
6 Izinkomo yizimbanjana zimbuncene,
7 Kushayana amadolo ziqothukile,
8 Ukutanasa nokudishazela kuphelile,
9 Ukubhonsa nokubhonga kunyamalele,
10 Imvelo ilele notshani buhambile
11 Konke kwemukile kusikekile,
12 Inkemane imile iphango libhokile
13 Amaxoxo anyamalele kuthule cwaka
13 Izinhlanzi ungafa yizo kuphele ukugxuma,

14 Imfundamakhwela ayibonwa umdwebo do,


15 Ujekamanzi uzichome obhukwini wangena shi,
16
17 Abakonyoka bahulazele bayabhaca,
18
Isiziba sibe wubindiza zoma nke.
19
19 Yisikhathi esinzima sendlala
20
21 Indlala engahambi kuhamba inala,
22 Ukundansazela ngezisukazi ezicwebezelayo,
23
24 Kuphelile izisu zambaqana zasha,
25 Konke ngathi akuseyukubuya,
25
26 Usuku lude nga yiminyaka.

27 Ubingelelwa yimifantukazi eminkenke,


28 Umtshuzo wabafana bezinkomo uphelile,
29 Amandambi ajokole abuyela emafini,
30
Inyanga iyidedele imvula ayimumethe.
31
Ungqoqwane ugqogqe ngekhaza
32 Lwagqogqeka lonke uhlaza.
83

AMAGAMA ACHAZWAYO:
ugagane isihlahla esinameva
isanqawe isihlahla esisehlanzeni esinameva
usondela isihlahla esinameva
zimbuncene zizacile
ziqothukile ziphele uboya esikhunjeni
ukutamasa ukuhamba ngokuziqhenya ukhiphe izinqe /
ukubusa
ukubhonsa ukukhala kwezinkomazi
ukubhonga ukukhala kwezinkunzi
inkemane indlala
imfundamakhwela isilwanyana esimnyama esincane esindiza
phezu kwamanzi esikwazi ukufundisa ikhwela.
ujekamanzi isilwane esindiza sihlabe amanzi ngesisila saso
ubindiza udaka
ukundansazela ukuhamba ukhiphe isisu ngenxa yokusutha
zambanqana zaba ncane ngenxa yendlala
umtshuzo umdlalo wokungena emanzni ngekhanda kuqala
uhambe ngaphansi kwamanzi isikhashana
amandambi amanzi

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• Imvelo ithule ayithi nyaka –izihlahla aziqhakazi akukho moya namvula

• Indlala engahambi kuhamba inala – into embi ayisheshi ukudlula kanti le enhle isheshe
iphele emva kwesikhashana.

• Lwagqogqeka lonke uhlaza. – lwaphela lonke uhlaza

UHLOBO LWENKONDLO:

Ilirikhi imbongi yethula imizwa yayo ngesimo semvelo ngokomisa kwezulu.


84

UMQONDO WENKONDLO:

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngesimo sezulu esingesihle kahle. Isomiso sidlangile,
imvelo ibunile izihlahla zibunile, amahlamvu awohlokile ezihlahleni. Izinkomo ziswele
utshani, sezizacile. Amanzi aseyivelakancane abafana bezinkomo abasakwazi
ukubhukuda ngokukhululeka. Izilwane ezihlala emanzini ziphelelwe yindawo ngenxa
yalesi simo indlala ibhokile.
INDIKIMBA:

Indikimba yale nkondlo isimo sezulu: ukuguquguquka kwesimo sezulu kudala izinkinga
ezifana nesomiso. Isomiso sidala indlala sihlukumeze imvelo.
UMYALEZO:
Kubalulekile ukuthi siyinakekele imvelo, namanzi siwonge ngoba asinabo
ubuchwepheshe obungakhiqiza amanzi.
ISIGQI:

Siyanensa ngoba imbongi isitshela ngemizwa yayo yokuphatheka kabi ngenxa yosizi
oludalwa isomiso esizweni senkosi.

ITHONI:

Eyosizi ngoba imbongi ibalisa ngesimo sesomiso esihlasele endaweni.

UMOYA WENKONDLO:

Umoya wokuphatheka kabi ngoba ikhuluma ngesimo esibucayi esidalwa


ukusweleka kwemvula ezweni. Lesi simo senza ukuthi kube nendlala kanti futhi
nemvelo iya ngokuya ishabalala.
I-ENJAMBAMENTI:
85

Ibinza loku-1 umugqa woku-1 nowesi-2


Kungathi yiminyakanyaka,
Imvelo ithule ayithi nyaka
Ibinza lesi-2 umugqa wesi-7 nwesi-
Izinkomo yizimbanjana zimbuncene,
Kushayana amadolo ziqothukile,

IMVUMELWANO SIQALO:

Ibinza lesi-2 wesi-9 nowe-10

IMVUMELWANO SIGCINO:

Ibinza lesi-2 umugqa wesi-8 kuya kowe-13

Kushayana amadolo ziqothukile,


Ukutanasa nokudishazela kuphelile,
Ukubhonsa nokubhonga kunyamalele,
Imvelo ilele notshani buhambile
Konke kwemukile kusikekile,
Inkemane imile iphango libhokile.
IMVUMELWANO MAPHAKATHI:
Ukutanasa nokudishazela kuphelile,
Ukubhonsa nokubhonga kunyamalele,
Imvelo ilele notshani buhambile
UKUXHUMANA SIGCINO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 nowesi-5


Isanqawe sokubingelela ngameva
Usondela ukusondeza ngameva
86

UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI


Le nkondlo ikhuluma ngesimo sezulu esingesihle. Izulu lomisile lokhu kudala indlala
nemfuyo iyazaca ngenxa yesomiso. Izihlahla notshani komile amanzi asephenduke
udaka. Abafana abasakwazi ukuzithokozisa ngokubhukuda emfuleni onamanzi
ahlanzekile.
Phendula imibuzo elandelayo.
5.1 Bhala igama lesihlahla elitholakala emgqeni wesi-3 (1)
5.2 Nikeza elinye igama elisho ukutamasa. (1)
5.3 Chaza kafushane imigqa EMIBILI esebinzeni lesi-2 esitshela ukuthi imfuyo (2)
iyalamba.
5.4 Ucabanga ukuthi lesi sifengqo esitholakala kulo mugqa olandelayo siluhlobo
luni?
‘Imvelo ilele notshani buhambile’
(2)
5.5 Uyavumelana noma uyaphisana ukuthi Isigqi sale nkondlo siyanensa .? (2)
Fakazela lesi sitatimende ngamaphuzu AMABILI.
5.6 Chaza nge-enjambamanti ebinzeni lesi-2. (2)
5.7 Chaza ngendikimba yale nkondlo. Sekela impendulo yakho ngamaphuzu
AMABILI.
(3)
5.8 Khetha impendulo efanele kwezilandelayo:
Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kulo mugqa sichaza ukuthini?
Izinhlanzi ungafa yizo kuphele ukugxuma,
A. Ziningi kule ndawo.
B. Azikho nhlobo.
C. Zilele zizovuka.
D. Zisuthi kakhulu. (1)
5.9 Kubaluleke ngani ukuthi abantu bonge amanzi ngokwale nkondlo?
Bhala amaphuzu AMAMBILI. (2)
5.10 Ake uncome imbongi okushiwo yimbongi emgqeni wama-26 kuya kowama-27 (2)
Izimpendulo Ezilindelekile.
5.1 Ugagane√ (1)
5.2 Ukubusa√ (1)
87

5.3 Izinkomo yizimbanjana zimbuncene, √


Kushayana amadolo ziqothukile,√ (2)
5.4 Ukwenzasamuntu√√ (2)
5.5 • Imbongi isitshela ngemizwa yayo yokuphatheka kabi ngenxa yosizi
oludalwa isomiso esizweni senkosi. √

• Imigqa yale nkondlo mide. √


(2)
5.6 Imvelo ilele notshani buhambile
Konke kwemukile kusikekile, √√ (2)
5.7 Isimo sezulu √

• Ukuguquguquka kwesimo sezulu kudala izinkinga ezifana nesomiso√

• Isomiso sidala indlala sihlukumeze imvelo. √ (2)

5.8 B/Azikho nhlobo√ (1)


5.9 OKUBILI kwalokhu:

• Kubalulekile ukuze kusizakale imfuyo√

• Kubalulekile ukuze kusizakale abantu ezweni√

• Asikho isiqiniseko sokuthi imvula izona ngokushesha. √ (2)

5.10 Imbongi ikhuluma ngobubi obudalwa isimo sezulu elingasani kule ndawo.
√Isitshela ukuthi abafana abasakwazi ukudlala imidlalo abajwayele ukuyidlala
(2)
emanzini √
88

6. NONKULULEKO - NOMTHANDAZO C MAKHANYA

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.


NONKULULEKO-Nomthandazo.C. Makhanya
1 Nonkululeko ntokaz'enhle,
2
Kad'ufunwa nkalo zonke,
3
4 Imilomo ingavalwa ngawe,
5
6 Ufunw'ezintabeni nasemaweni,
6 Ufunw'emagqumeni nasezigodini,
7
8 Namhla ufunyenwe ntokazi enhle.

9
10 Nonkululeko ntokaz'enhle,
11 Ufunwe ngaphesheya nanganeno,
12
12 Wafunwa kuyo yonk'i-Afrika;
13 Wafunwa kuyo yonk'i-Eshiya;
14
15 Wafunwa kuyo yonk'iYurophu,
16
Wafunwa kuyo yonk'iMelika.
17
18 Nonkululeko siphalaphala sika-Afrika,
18
19 Ukufika kwakho kuletha intokozo,
20 Yesul'izinyembezi zeminyaka,
21
22 Namuhla sisin'umphiqilo,
23
Sishay'indlamu, sichway'umchwayo,
24
24 Sisin'umphendu, sisin'umqokozo.
25
26 Nonkululeko ntokaz'enhle
27 Ulindwe ngokukhul'ukubekezela,
28
29 Ulindw'abanewenu bozalo,
30 Baguquk'imilalandle kwezinye izinkalo,
30
31 Baqgqok'izinxibi kwamany'amagquma,
32
Baguquk'iziduli zaphakade kwelemiphafa.
33
34 Nonkululeko ntokaz'enhle,
89

35 Ukufika kwakho kufana


36
Nokuqhamuka kwenhlamvu yelanga,
37
38 Ewukukhanya kwaphakade.
39
40 Ubukhona bakho bash'ukuhlabana
41 Okuyosala kungumlando waphakade
42
Nonkululeko ntokaz'enhle,
Uzel'uNokuthula sethaba,
Wazal'uNtuthuko sethaba,
Wazal'uNobuhle sethaba,
Wazal'uNolubambiswano sethaba,
Phila njalo ntokaz'enhle.
Nonkululeko ntokaz'enhle,
Mana njalo kuleyo nqubo,
Qhubeka njalo kuleyo migomo,
UNolucwasano mfak'inhlanekela,
UNoluphithano mkhom'indlela,
UNomaqili mfundis'isifundo.

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Ufunyenwe utholakele
Siphalaphala umuntu wesifazane omuhle onamehlo
athandekayo
Umphiqilo uhlobo lokusina
Umchwayo uhlobo lokusina
Umphendu uhlobo lokusina
Umqokozo uhlobo lokusina
Indlamu uhlobo lokusina
Imilalandle abantu abahambe becela
Iziduli amagquma amancane
Kwelemiphafa uhlobo oluthize lwesihlahla / kwelemilahlankosi
90

sethaba sajabula
UNolucwasano ubandlululo
UNoluphithano ukudideka

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• Imilomo ingavalwa ngawe, - abantu bahlale bekhuluma ngawe

• Ubukhona bakho bash'ukuhlabana – busho impumelelo

UHLOBO LWENKONDLO:

Ilirikhi ngoba imbongi isivezela imizwa yayo kanye nalokho ekucabangayo


ngenkululeko.

UMQONDO WENKONDLO:

Osobala: Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngentokazi enhle ogama layo uNonkululeko.
Le ntokazi yahamba ekhaya ngakho-ke bonke abayizihlobo zayo bayayifuna kuzo
zonke izindawo. Manje uNonkululeko usebuyile ekhaya wonke umuntu usenokujabula
ngoba izinyembezi zeminyaka sezesuliwe. Imbongi isivezela imizwa yayo yothando
ngoNonkululeko.

Ocashile: Kule nkondlo imbongi isitshela ukuthi emazweni amaningi abantu


babelangazelela inkululeko iminyaka ngeminyaka bengayitholi. Abanye abantu baze
bahamba baya kwamanye amazwe befuna yona le nkululeko. Inkululeko iyigugu
elikhulu emhlabeni wonke jikelele. Manje abantu sebeyitholile inkululeko sebenethemba
lokuthi impilo yabo isizoshintsha ibe ngcono.
INDIKIMBA:

Indikimba yale nkondlo inkululeko: Imbongi ikhuluma ngokubaluleka kokuthi bonke


abantu emhlabeni baphile ngaphansi kwenkululeko, kuphele ukwesaba kanye
nokubandlululana.
UMYALEZO:
Uma ufuna into eyigugu kuwe uyayisebenzela futhi uyilwele ngawo wonke amandla
onawo, uma usuyitholile kumele uyiphathe kahle.
ISIGQI:
91

Siyashesha imbongi isitshela ngobumnandi bokuzuza inkululeko, iyasitshela ukuthi


inkululeko iletha ithemba nentokozo kubo bonke abantu. Imigqa eminingi kule
nkondlo mifushane.
ITHONI:

Itusa ubuhle obulethwa inkululeko kubantu abaningi abakade beyilangazelele.

UMOYA WENKONDLO:

Umoya wokujabula ngoba imbongi iveza imizwa yayo yokuthokoza ngenkululeko.


I-ENJAMBAMENTI:

Ibinza lesi-4 umugqa we-19 nama-20


Nonkululeko ntokaz'enhle
Ulindwe ngokukhul'ukubekezela,
Ibinza lesi-5 umugqa wama-26 nama-27
Ukufika kwakho kufana
Nokuqhamuka kwenhlamvu yelanga,

IMVUMELWANO SIQALO:

Ibinza lesi-3 umugqa we-17 nowe-18


Sishay'indlamu, sichway'umchwayo,
Sisin'umphendu, sisin'umqokozo.
Ibinza lesi-4 umugqa wama-22, -23 nowama-24
Baguquk'imilalandle kwezinye izinkalo,
Baqgqok'izinxibi kwamany'amagquma,
Baguquk'iziduli zaphakade kwelemiphafa.
Ibinza lesi-6 imigqa yama- 41 kuya kwama-42
UNoluphithano mkhom'indlela,
92

UNomaqili mfundis'isifundo.
IMVUMELWANO SIGCINO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 nowesi-5


Ufunw'ezintabeni nasemaweni,
Ufunw'emagqumeni nasezigodini,
Ibinza lesi-4 imigqa yama-21 nama-22
Ulindw'abanewenu bozalo,
Baguquk'imilalandle kwezinye izinkalo,
Ibinza lesi-6 imigqa yama-40 nama-41
UNolucwasano mfak'inhlanekela,
UNoluphithano mkhom'indlela,
UKUXHUMANA SIQALO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 nowesi-5


Ufunw'ezintabeni nasemaweni,
Ufunw'emagqumeni nasezigodini
Ibinza lesi-2 umugqa wesi-9 kuya kowe -12
Wafunwa kuyo yonk'i-Afrika,
Wafunwa kuyo yonk'i-Eshiya,
Wafunwa kuyo yonk'iYurophu,
Ibinza lesi-4 umugqa wama-20 nama-21
Ulindwe ngokukhul'ukubekezela,
Ulindw'abanewenu bozalo,
Ibinza lesi-6 umugqa wama-33 kuya kowama-35
Wazal'uNtuthuko sethaba,
Wazal'uNobuhle sethaba,
Wazal'uNolubambiswano sethaba,
UKUXHUMANA SIGCINO:
93

Ibinza lesi-6 umugqa wama-32 kuyakowama-35


Uzel'uNokuthula sethaba,
Wazal'uNtuthuko sethaba,
Wazal'uNobuhle sethaba,
Wazal'uNolubambiswano sethaba,
umugqa wama-36 kuya kowama-37
Phila njalo ntokaz'enhle.
Nonkululeko ntokaz'enhle,

UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI

Le nkondlo ikhuluma ngomshikashika wokufuna inkululeko, abantu bayaphoqeka


ukuthi bahambe ezindaweni ezahlukahlukene befuna inkululeko. Inkululeko iletha
ukujabula kanye namathuba. Abantu babuyelwa yithemba uma sebezuze inkululeko.

Phendula imibuzo elandelayo.

6.1 Bhala igama lendawo eyodwa lapho kufunwe khona inkululeko. (1)

6.2 Ukubizwa kukaNonkululeko ngesiphalaphala sika-Afrika kuletha muphi umqondo?


Sekela impendulo yakho.
(2)

6.3 Siwulolonga kanjani umqondo wenkondlo lesi sifenqo:


''Uzel'uNokuthula sethaba'' (2)

6.4 Shono ukuthi ukweqiwa konkamisa ebinzeni lesi-6 kuwulolonga kanjani


umqondo wenkondlo kuleli binza?
(2)

6.5 Kwenziwa yini ukuthi imbongi ifanise ukufika kukaNonkululeko nelanga? (2)

6.6 Ukuxhumana okusesigabeni sesi-6 kuveza muphi umqondo wenkondlo? (2)


94

6.7 Isho ukuthini imbongi uma ithi uNonkululeko ufunwe ngaphesheya nanganeno? (2)

6.8 Chaza ngomoya otholakala ebinzeni lesi-5. Sekela impendulo yakho


ngamaphuzu AMABILI.
(3)

6.9 Xoxa ngomyalezo odluliswa yimbongi ngale nkondlo. (2)

Izimpendulo ezilindelekile

6.1 Yi-Eshiya noma iYurophu noma iMelika noma i-Afrika √ (1)

6.2 Siwulolonga ngokuthi siveze injabulo yabantu base-Afrika ngokuzuza (2)


inkululeko. √√

6.3 Sisitshela kahle ukuthi inkululeko ilethela isintu ukuthula okuletha injabulo/
isizalele ukuthula okulethe injabulo esintwini. √√
(2)

6.4 Kuwulolonga ngokuthi isigqi siyashesha ngenxa yokuthi imbongi ijabulela izinto
ezinhle ezizuzwe yisizwe ngenxa yenkululeko √√
(2)

6.5 Ikufanisa nelanga ngoba uma ilanga livela liletha ukukhanya nemfudumalo
kanjalo nenkululeko iletha ukukhanya esizweni. √√
(2)

6.6 Kuveza umqondo wenjabulo elethwa yile nkululeko ethe uma itholakala yaletha
intuthuko, ubuhle, ukuthula nobambiswano. √√
(2)

6.7 Isho ukuthi ufunwe izindawo zonke kungaba phesheya kwezilwandle noma nganeno.
√√
(2)

6.8 Umoya otholakala kuleli binza, umoya wokuncoma/wokutusa. √


95

• Imbongi incoma ukufika kwenkululeko nezithelo zayo ezinhle. √

• Imbongi igqamisa ukuthi le nkululeko ezuziwe ayizojatshulelwa yilesi


sizukulwane kuphela kodwa nesizukulwane esilandelayo siyophumelela
(3)
ngenxa yayo.√

6.9 Imbongi idlulisa umyalezo wokuthi umuntu into ayithandayo nemphilisayo uyibamba
angayidedeli futhi angayifela nokuyifela. √√
(2)
96

7. STHANDWA SAMI - THEMBINKOSI B QWABE

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.


STHANDWA SAMI-Thembinkosi.B.Qwabe
1 Sengikhona ngingangawe.
2 Woza mnta kamama,
3 Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,
4 Lapho kushaya khona umoya opholile,
5 Lapho kuhlanganise khona umculo omtoti,
6 Wezinyoni ezicikoza kamtoti okokhokho bazo,
7 Nowezinyosi ezizingela impova namanz' oju.

8 Woza sithamundelane izindaba zothando,


9 Olumi ngezinyawo ludlula iziqongo,
10 Sixoxe kunganyakazi izindebe zomlomo,
11 Odlulayo nobukayo adabuke phakathi,
12 Engibuka angibone ngisenhlameni yenomfi,
13 Kanti ubuso bami nokuzithoba kwami,
14 Yikhona okumshaya ngemfe iphindiwe.

15 Woza s'thandwa senhliziyo yami,


16 Ngikugqolozele ungigqolozele ezinhlamvini zamehlo,
17 Ziphuphuma ukwethaba nothando olucwebile,
18 Oluyaye lushayelwe ubuwahlawahla behlombe,
19 Wulwandle ludlalisela phambi kwethu,
20 Luzibumbela imibimbi emihle ekhangayo,
21 Efa ivuke ngokuphazima kuhle okwedangabane.

22 Woza s'thandwa senhliziyo yami,


23 Ngikubambe ngqi ngikuwolele esifubeni,
24 Ucamele kusona sethabe othandweni olujulile.

25 Mina nawe sahlanganiswa kubuk'ilanga


26 Ngakukhipha ngikubambe ngesandla,
27 Usubavumile abakhwenyana basemzini,
28 Ngakubamba ngesandla usuya emzini
29 Ngafike ngakushiya ngezinyembezi ezazigeleza,
30 Ezazivovwa yinhliziyo yami eyayidangele,
31 Ngakushiya ngabuya ngingasakuphethe ngezandla,
32 Kepha sengikuphethe ngenhliziyo nengqondo.

33 Woza-ke s'thandwa senhliziyo yami,


34 Wena ungowami,
35 Nami ngingowakho,
36 Size sihlukaniswe ngukufa.
97

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Ethafeni endaweni eqondile
Omtoti omnandi
Ezicikoza ukukhuluma / ukucula ngobugagu
Sithamundelane sixoxelane
Iziqongo izicongo zezintaba
Yenomfi umuthi onamfuzelayo
Ngikugqolozele ukubuka umuntu isikhathi eside ungacwayizi.
Luzibumbela luzakhela
Imibimbi inyama eshwabene ebusweni bomuntu ekhombisa ukuguga
Ekhangayo ehehayo
Okwedangabane okomuthi othize
Sethabe sijabule
Eyayidangele eyayijabhile

ULIM OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENII:


• okumshaya ngemfe iphindiwe - okumkhohlisayo

• ungigqolozele ezinhlamvini zamehlo, - ungibuke ngqo emehlweni.

• lushayelwe ubuwahlawahla behlombe, - lushayelwe izandla futhi luthakaselwe abantu


abaningi.

• sengikuphethe ngenhliziyo nengqondo. – sengisalelwe inkumbulo kuphela wena


ungasekho
98

UHLOBO LWENKONDLO:

Eleji imbongi iyakhala ngokushiywa isithandwa sayo. Iveza imizwa yayo yokukhathazeka
ngokushiywa isithandwa sayo ebisithanda kakhulu.
UMQONDO WENKONDLO:

Kule nkondlo ezindemeni ezisekuqaleni imbongi ikhuluma ngesithandwa sayo, ikhumbula


izindawo ababehlala kuzona ngezikhathi zobumnandi. Kwezokugcina ibalisa
ngokulahlekelwa isithandwa sayo eyabe isithanda kakhulu. Imbongi iyasitshela ukuthi yize
isithandwa sayo sesadlula emhlabeni kodwa ayisoze yasilibala, siyohlala sisenhliziyweni
yayo.
INDIKIMBA:
Indikimba yale nkondlo uthando: Inkondlo ikhuluma ngothando kanye nobuhlungu
bokulahlekelwa ngumuntu omthanda ngayo yonke inhliziyo yakho.
UMYALEZO:

Uma sisothandweni kumele sikulindele ukuthi akuyuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi,
zibakhona izikhathi ezinzima kanye nezinkinga ezingasombululeki njengokudlula
kwesithandwa sakho emhlabeni.
ISIGQI

Siyanensa ngoba imbongi isebenzise imigqa emide futhi inezimpawu zokuloba


ekugcineni. Imbongi ikhuluma ngokulahlekelwa yisithandwa sayo, ngakho-ke isivinini
senkondlo siyanensa sihambisana nesimo imbongi eyayikuso.
ITHONI
Eyosizi ngoba imbongi ibalisa ngokulahlekelwa ngumuntu ebimthanda kakhulu.

UMOYA WENKONDLO

Umoya oxubile owokujabula nowokukhathazeka ngoba imbongi yayiphatheke kabi kakhulu


ngesithandwa sayo. Imbongi iqhathanisa ubumnnandi eyayibuzwa ngesikhathi isithandwa sayo
sisaphila kanye nobuhlungu eyabuzwa ngesikhathi isishiywe othandiweyo wayo.

I-ENJAMBAMENTI:

Ibinza lesi-5 umugqa wama-28 nowama-29


Ngakubamba ngesandla usuya emzini
Ngafike ngakushiya ngezinyembezi ezazigeleza,
99

IMVUMELWANO SIQALO:

Ibinza lesi-5 umugqa wama-28 nowama-29


Ngakubamba ngesandla usuya emzini
Ngafike ngakushiya ngezinyembezi ezazigeleza,
IMVUMELWANO SIGCINO:

Ibinza lesi-5 umugqa wama-27 nowama-28


Usubavumile abakhwenyana basemzini,
Ngakubamba ngesandla usuya emzini
Umugqa wama-33 nowama-34
Woza-ke s'thandwa senhliziyo yami,
Wena ungowami,
UKUXHUMANA SIQALO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-2 nowesi-3


Woza mnta kamama,
Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,
Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 nowesi-5
Lapho kushaya khona umoya opholile,
Lapho kuhlanganise khona umculo omtoti

UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI:

Izindima ezine zokuqala zikhuluma ngobumnandi obuba sothandweni, imbongi isitshela


kabanzi ngobumnandi eyayinabo ngesikhathi isithandwa sayo sisaphila. Kusukela endimeni
yesi-5 kuze kufike kweyesi-6 sithola imbongi isitshela ngobuhlungu eyabuzwa emva
kokushiywa isithandwa sayo.
Phendula imibuzo elandelayo.
7.1 Gagula uhlobo lwefanamsindo olubhalwe ngokugqamile emgqeni wokuqala. (1)
7.2 Shono uhlobo lokuxhumana olutholakala ebinzeni loku-1. (1)
7.3 Nikeza uhlobo nesibonelo sesifengqo esitholakala ebinzeni loku-1. (2)
7.4 Chaza kafushane ukuthi yikuphi okungajwayelekile okuzokwenzeka uma imbongi
ixoxa nesithandwa sayo ngokwale nkondlo? Bhekisa impendulo yakho ebinzeni
100

lesi-2. (2)

7.5 Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile emgqeni we-14 sichaza uku…


A. khuza.
B. khohlisa.
C. khungathetha.
D. khumbula. (1)

7.6 Humusha umqondo owethulwa yimbongi ebinzeni lesi-5. Bhala amaphuzu


AMATHATHU.
(3)

7.7 Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwamagama adwetshelwe enkondlweni


kukwelekelele kanjani ukuthi uqonde okushiwo yimbongi kule nkondlo.
(3)

7.8 Ucabanga ukuthi siyakholeka yini isitatimende esisetshenziswe yimbongi


emgqeni odwetshelwe kule nkondlo? Sekela impendulo yakho.
(2)

7.9 Phawula ngethoni esetshenziswe yimbongi ebinzeni lokugcina. (2)

IZIMPENDULO EZILINDELEKILE

7.1 Ifanangwaqa. √ (1)

7.2 Ukuxhumana okusekuqaleni. √ (1)

7.3 Isifaniso esitholakala emgqeni wesi-6, isb. wezinyoni ezicikoza kamtoti


okokhokho bazo. √√
(2)

7.4 Okungajwayelekile okuzokwenzeka ukuthi uma imbongi ixoxa nesithandwa sayo


ngeke kunyakaze izindebe zomlomo. √ Lokhu akujwayelekile ngoba uma
101

umuntu ekhuluma akwenzeki ukuthi kungavuleki umlomo √ (2)


7.5 B/ khohlisa. √ (1)
7.6 • Imbongi yethula umqondo wokuthi yagcina ukuhlangana nesithandwa
sayo ngosuku lomngcwabo. √

• Imbongi yayidabukile ivalelisa ngezinyembezi. √

• Kugcwele izihlwele ezazizobasingatha ngosuku lomngcwabo. √


(3)
7.7 Imbongi isebenzise impindwa ethi woza. √Egcizelelwa amazwi ashiwo yimbongi
incenga isthandwa sayo ukuthi asize ngoba iyasikhumbula kakhulu. √√
(3)
7.8 Asikholeki ngoba isithandwa sembongi asisaphili ngakho-ke angeke kwenzeke
ukuthi bagqolozelane naso emehlweni. √√
(2)
7.9 Imbongi iyisebenzise kahle ithoni yokuncenga. Iyasincengisisa isthandwa sayo
ithi asize-ke ukuze sibe nayo, kuze kube nayo imbongi iyadlula emhlabeni. √√
(2)
7. YOBE NSIZW’ENYE - THEMBINKOSI B QWABE
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
YOBE NSIZW’ ENYE - Thembinkosi B. Qwabe
1 Bese uzishaye zaphelela,
2 Usuzowakha umuzi kayihlo.
3 Esibayen sakho esichichimayo,
4 Uzishaye zonke ngemibala yazo,
5 Kwasala ezinye zisiqhumisa,
6 Lokhu zigcwele ziyagwazana,
7 Zigcwele njengothando lwakho ngaye.
8 Njengoba wakhetha wamehlula ngamazwi wavuma,
9 NoSiyafa isoka lamanyala elingehlulwa,
10 Limvimbezele ngengcwenga yamazwi wavuma,
11 Wabopha umphefumulo kuphela wemuka,
12 Lwaliphumela kuqala udwendwe,
13 Wena usakhomba izinsuku ezizayo,
14 Ezizofika zingasafumbethe lutho ngezandla zazo.
102

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Esichichimayo Esigcwele izinkomo
Ngengcwenga Ngapholile/amnandi
Udwendwe Umshado
Zingasafumbethe Zingasaphethe lutho

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• Uzishaye zaphelela-Ulikhokhe lonke ilobolo

• Isoka lamanyala-Umuntu wesilisa unezintombi eziningi

UHLOBO LWENKONDLO:
Isonethi : Le nkondlo inemigqa eyi-14.
UMQONDO WENKONDLO

Endimeni yokuqala neyesibili imbongi ikhuluma ngothando, kodwa uma sekufika endimeni
yesithathu, isimo siyashintsha ngoba ikhuluma ngokushona komuntu wesifazane
owayeselotsholiwe.
INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo uthando: Imbongi ikhuluma ngensizwa eyayisizishaye zonke
izinkomo ngethemba lokuthi izogcina ishadile nengoduso yayo, kodwa sithola ukuthi
ingoduso yahamba emhlabeni bengakalibophi ifindo lomshado.
UMYALEZO
Abantu kumele babaphathe kahle abalingani babo uma besaphila, bakuqonde ukuthi
basuke bengahamba noma inini emhlabeni. Impilo iyisipho esivela kuMdali esiphiwe sona
ngomusa, kodwa okubuhlungu ukuthi singathathwa noma inini.

ISIGQI
Sixubile: Indima yokuqala neyesibili inemigqa emifishane futhi ikhuluma ngothando.
Okwenza ukuthi isigqi sisheshe. Indima yesi-3 inemigqa emide futhi ikhuluma ngosizi
nokushonelwa umuntu omthandayo. Lokhu kwenza ukuthi sinciphe isivinini.

ITHONI
Eyokukhathazeka: imbongi ikhathazekile ikhombisa ukuphatheka kabi nokuzwelana nale
nsizwa ayabe isilobole yaqeda, kodwa yagcina ingashadanga ngenxa yokuthi ingoduso
yashona
103

UMOYA WENKONDLO

Umoya wokudumala imbongi ikhombisa ukudumala ngenxa yalesi sehlo esehlela


le nsizwa.
UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI

Le nkondlo ikhuluma ngobunzima bokushonelwa ingoduso yakho usulobole waqeda


sekusele ukuba kushadwe.
Phendula imibuzo elandelayo.
8.1 Hlobo luni lwenkondlo lolu? Usho ngani? (2)
8.2 Bhala ibinzana lamagama elitholakala esigabeni soku-1 elisho ukukhokha (1)
ilobolo.
8.3 Khetha impendulo efanele kwezilandelayo:
Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kulo mugqa sichaza ukuthini?
NoSiyafa isoka lamanyala elingehlulwa
A. Owesilisa ophuz kakhulu
B. Owesilisa oqonywa kakhulu
C. Owesilisa ogijima kakhulu
D. Owesilisa odelela kakhulu (1)
8.4 Chaza ngomoya wale nkondlo. Bhala iphuzu ELILODWA. (2)

8.5 Chaza ngendikimba yale nkondlo. Sekela ngamaphuzu AMABILI. (3)


8.6 Uyazwelana yini nale nsizwa imbongi ekhuluma ngayo kule nkondlo? Sekela
impendulo yakho ngephuzu ELILODWA.
(2)
8.7 Ithoni yale nkondlo eyokukhathazeka. Fakazela lesi sitatimende ngephuzu
ELILODWA.
(2)
8.8 Ngokucabanga kwakho ngabe uthini umyalezo owethulwa yimbongi kule (2)
nkondlo.
8.9 Phawula ngokushiwo yimbongi emgqeni elandelayo.
Wena usakhomba izinsuku ezizayo,
Ezizofika zingasafumbethe lutho ngezandla zazo. (2)
Izimpendulo ezilindelekile
8.1 Isonethi √ Inemiggqa eyi-14√ (2)
104

8.2 uzishaye zaphelela √ (1)


8.3 A.√/ Owesilisa oqonywa kakhulu√ (1)
8.4 Umoya wokudumala√
Imbongi ikhombisa ukudumala ngenxa yalesi sehlo esehlela le nsizwa. √ (2)
8.5 Uthando : √ Imbongi ikhuluma ngensizwa eyayisizishaye zonke izinkomo
ngethemba lokuthi izogcina ishadile nengoduso yayo. √ Sithola ukuthi ingoduso
yahamba emhlabeni bengakalibophi ifindo lomshado. √
(3)
8.6 Izimpendulo ziyokwehluka:
Iphuzu ELILODWA kwalandelayo
Abazwelana nayo bayothi
Yebo ngoba:

• Yayisilobolile isizishaye zonke kodwa yangashada. √/

• Kungenzeka ukuthi yayiyithanda kakhulu ingoduso yayo ingeke isathola


umuntu ezomthanda njengayo√/

• Kunzima ukuqokelela ilobolo, ngakho-ke kwakungelula ukuthi asheshe


alihlanganise.√
Abangazwelani nayo bayothi
Cha ngoba:

• Yazibambezela yona yangasheshisa ukucela ukuba kushadwe. √/

• Yahluleka ukuzikhulumela ekhweni ekubeni isilobolile ukuthi bayinikeze


usuku lodwendwe. √/

• Ayilisebenzisanga ithuba lokuthi abakhongi bayo bayilekelele. √ (2)

8.7 Imbongi ikhathazekile ikhombisa ukuphatheka kabi nokuzwelana nale nsizwa


ayabe isilobole yaqeda, kodwa yagcina ingashadanga ngenxa yokuthi ingoduso
(2)
yashona.√√
8.8 Abantu kumele babaphathe kahle abalingani babo uma besaphila, bakuqonde
ukuthi basuke bengahamba noma inini emhlabeni. Impilo iyisipho esivela kuMdali
2)
esiphiwe sona ngomusa, kodwa okubuhlungu ukuthi singathathwa noma inini. √√
8.9 Imbongi iqonde ukuthi insizwa yayisalibele ukuzibambezela isalubukela kude
usuku lodwendwe.√√
2)
105

9 USIBA - NOMTHANDAZO C MAKHANYA


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

USIBA Nomthandazo C. Makhanya

1 Usiba oluchanyiselw’ okwechwane


2 Ezinzulwini zoMgungundlovu,
3 Lwabhul’ amaphiko okokhozi,
4 Amaqaphelo luwakhomba magumb’ onke,
5 Lwandizel’emifuleni yesifundazwe
6 Luyodlisela ngombala luthib’ukoma
7 Lusingwe yiMfolozi yahalalisa,
8 Lwasingwa uThukela lwahalalisa,
9 Lwasingwa nguMngeni wahalalisa,
10 Lwasingwa nguMkhomazi wahalalisa,
11 Lwasingwa uPhongolo lwahalalisa.

12 Dlondlobala luSiba lwezifundazwe,


13 Bhula’amaphiko ezifundazwe.
14 Inyoni yezimangaliso engenamngcele
15 Eth’ikhonjwa kwelakwaMthaniya,
16 Ibe ikhonjwa koGauteng,
17 Ikhonjwa koMpumalanga,
18 Ikhonjwa koLimpopo,
19 Ikhonjwa koMpumalanga Kapa,
20 Ikhonjwa koFleyisitata.
21 Jubalala Makhonjwase wezimangaliso
22 Nyoni elandel’ izigi zeLembe.

23 Nyoni yezimangaliso
24 Bayajabul’ abangakuchaza uchazeke,
25 Nyoni engakhethi zilimela,
26 Nyoni engakhethi zindawo.
27 Nyoni eqhamuk’ehlanzeni
28 Amadlanga ahlokome!

29 Iqhamuk’emaweni
30 Amahlolamvula ahlokoma,
31 Iqhamuk’ezinkangala
32 Amahlalanyathi ahlokoma,
33 Iqhamuk’emihlangeni
34
35 Imizwilili yahlokoma,
36 Iqhamuk’ emasimini
Izintaba zahlokoma.
37
38 Ndiza nyoni yezimangaliso!
39 Usingw’ezizalelweni zeGwa,
40 Usingw’ezingonini zeSangqu,
106

41 Usingw’ezizizibeni zoBhalule
42 Usingw’emaxhaphozin’ eTshwane,
43 Usingw’ezinkalweni zoMgwenya.
44 Dlondlobala nyoni yezimangaliso,
45 Nyoni engagcwalelwa yimifula,
46 Nyoni elandel’imikhondo
47 Yezigi zelemb’eleq’amanye.

48 Nyon’eyelusw’ichanyuselwa,
49 Yanakekelw’okwezaMantungwa
50 Ngamahlahlandlela kwezosiba,
51 ONkwali yenkosi kuManyembezi
52 OMphemba kuMabhele,
53 OSikhangane kuMathiyane,
54 OThabizolo kuMasimango.
55 Dlondlobala njalo lusiba
56 Oluxhumanis’izinkalo zezwe
Lwaxhumanisa abanambith’eLembe

AMAGAMA ACHAZWAYO:
Usiba ipeni lokubhala
Oluchanyiselwe Oluqale
Ezinzulwini phakathi nobusuku
Amaqaphelo amehlo
Lusingwe lubonwe
Dlondlobala khula njalo
Engenamngcele engakhethi muntu
kwelakwaMthaniya kwelakwaZulu
izilimela Amasimu amaningi ndawonye
Amadlanga Amanqe
Imizwilili abantu abanamaphimbo amnandi okuhlabelela

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENII:


• luthib’ukoma - Ukuqeda ukoma

UHLOBO LWENKONDLO:

Izibongo zesimanje: Imbongi incoma ababhali bosiba okuyinhlangano yababhali ehlanganisa


abantu abanamakhono ehlukene okubhala.
107

UMQONDO WENKONDLO

Kule nkondlo imbongi incoma umsebenzi owenziwa ababhali bezincwadi zesizulu. Imisebenzi
yabo isiyaziwa ezweni lonke. Imisebenzi yababhali bezincwadi zesizulu iyaluthuthukisa ulimi
kanye nokuhlonishwa kwalo.

INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo ikhono lokubhala. Imbongi incoma imisebenzi eyenziwa ababhali
bezincwadi zesizulu. Imisebenzi yabo yenza ukuthi izilimi zomdabu ziqale ukuthathelwa
phezulu futhi zihlonishwe.

UMYALEZO
Umbhali uqhakambisa ukuhlonishwa kwezilimi zomdabu. Ugxile kakhulu ekuncomeni ababhali
bolimi lwesizulu ngoba yilo olukhulunywa kakhulu eNingizimu Afrika.

ISIGQI
Siyashesha imbongi incoma imisebenzi yababhali bosiba. Imigqa eminingi mifushane futhi
ayinazo iziphumuzi.

ITHONI
Itusa umsebenzi omuhle owenziwa ngababhali bezincwadi zesiZulu.

UMOYA WENKONDLO

Umoya wokujabula ngoba imbongi ithokozile ngemisebenzi eyenziwa ngabanye ababhali abasabalalisa
ulwazi ngolimi lwesiZulu.

I-ENJAMBAMENTI

Ibinza loku-1 umugqa woku-1 nowesi-2


Usiba oluchanyiselw’ okwechwane
Ezinzulwini zoMgungundlovu,

IMVUMELWANO SIQALO

Ibinza loku-1 umugqa wesi-6 nowesi-7


Luyodlisela ngombala luthib’ukoma
Lusingwe yiMfolozi yahalalisa
108

UKUXHUMANA SIQALO

Ibinza loku-1 umugqa wesi-8 kuya kowe-11


Lwasingwa uThukela lwahalalisa,
Lwasingwa nguMngeni wahalalisa,
Lwasingwa nguMkhomazi wahalalisa,
Lwasingwa uPhongolo lwahalalisa.

Ibinza lesi-5 umugqa wama-38 kuyakowama-40


Usingw’ezizalelweni zeGwa,
Usingw’ezingonini zeSangqu,
Usingw’ezizizibeni zoBhalule

UKUXHUMANA SIGCINO

Ibinza loku-1 umugqa wesi-7 nowe-11


Lusingwe yiMfolozi yahalalisa,
Lwasingwa uThukela lwahalalisa,
Lwasingwa nguMngeni wahalalisa,
Lwasingwa nguMkhomazi wahalalisa,
Lwasingwa uPhongolo lwahalalisa.
Ibinza lesi-2 umugqa we-12 nowe-13
Dlondlobala luSiba lwezifundazwe,
Bhula’amaphiko ezifundazwe.

UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI :

Inkondlo ikhuluma ngenhlangano yababhali bezincwadi zolimi lwesiZulu, imbongi incoma


umsebenzi omuhle owenziwa ile nhlangano ekuthuthukiseni ababhali abasafufusa kanye
nokuthuthukisa ulimi lwesiZulu. Le nhlangano iyalekelela ekusabalaliseni ukufundwa kanye
nokukhulunywa kolimi lwesiZulu kuzo zonke izifundazwe. Baphinde balekelele nomnyango
wezeMfundo ngokugqugquzela ababhali abasafufusa ukuthi babhale izincwadi ezilungele
ukufundwa ezikoleni nasezikhungweni zeMfundo ephakeme.
109

Phendula imibuzo elandelayo

9.1 Nikeza uhlobo lwesifengqo esethulwa umugqa woku-1 (1)

9.2 Tomula umugqa otholakala ebinzeni loku-1 ochaza ukuthi usiba lunamehlo abukhali
abona umhlaba wonke.
(1)

9.3 Chaza kafushane ukuthi achazani amazwi abhalwe ngokugqamile emgqeni we-14. (3)

9.4 Isimo sokukhuluma esidwetshelwe emgqeni wama-36, siyi….

A. sifaniso.
B. ihaba.
C. senzasasilwane.
D. senzasamuntu (1)

9.5 Ngokucabanga kwakho liphindaphindweleni igama elibhalwe ngokugqamile ebinzeni


lesi-4?
(2)

9.6 Qhathanisa umqondo owesithulwa yisigaba soku-1 kanye nesigaba sesi-2. (2)

9.7 Uyavumelana yini nokushiwo yimbongi emgqeni wama-44 kuya kowama-45? Sekela
impendulo yakho.
(2)

9.8 Xoxa ngomoya ovezwa yimbongi ebinzeni lokugcina. (3)

Izimpendulo ezilindelekile

9.1 Isifaniso. √ (1)

9.2 Amaqaphelo luwakhomba magumb’ onke, √ (1)

9.3 La mazwi achaza ukuthi USIBA lufinyelela ezindaweni zonke zakuleli alukhethi
zindawo. √Lusiza bonke abantu bakuleli kungakhathalekile ukuthi bahlala kuphi. √√
(3)

9.4 D/ yisenzasamuntu. √ (1)


110

9.5 Ngicabanga ukuthi liphindaphindelwe ukugqamisa izinto ezenzekile ngokuvela


koSIBA ezindaweni ezahlukene. √√
(2)

9.6 Lezi zigaba zigqamisa izindawo ezahlukene ezihalalisayo uma kugiya USIBA. √
Ebinzeni loku-1 kuhalalisa imifula kanti ebinzeni lesi-2 kuhalalisa izifundazwe
(2)
zakuleli. √

9.7 Ngiyavumelana ngoba ukuhamba kosiba kuzo zonke izifundazwe kuchaza ukuthi
alunamkhawulo kodwa lulandela umkhondo wabo bonke abadinga usizo bese
(2)
besizakala. √√

9.8 Imbongi iwuveze kahle umoya wokutusa/wokuncoma.√ Ibonga izingqalabutho


zoSIBA ezilufukamele laze ladlondlobala kakhulu. √Imbongi ize izithophe
(3)
ngezithakazelo lezi zingqalabutho.√

8. . INGQALABUTHO - LMMS. MADONDO

UMLANDO KABENEDICT WALLET VILAKAZI


UBenedict Wallet Vilakazi wabona ilanga mhla ziyi-6 kuMasingana ngo-1906 endaweni
yaseGroutville. Abazali bakhe nkwakunguMshini kanye noLeah uMaHlongwane. Wathola
igama lokumteketisa likaBhambatha kaMakhwatha ngoba ezalwe ngonyaka wempi
kaKhandampondo ka-1906 eyayiholwa yinkosi uBhambatha KaMancinza wakwaZondi.
UBenedict Wallet Vilakazi wafundela ubuthishela eMarianhill waphinde wafundisa khona.
Wabe esedlula efundisa eXobho kanye nase-Ohlange. Waphothula iziqu zakhe ze-BA ne-
Unisa ngo-1934. Ngo-1936 waqashwa ukuba afundise isiZulu eYunivesithi yaseWits. Ngawo lo
nyaka wakwazi ukwenza iziqu ze-BA Hons.
Ngo-1937 wathola iziqu ze-MA ngocwaningo lwakhe oluthi: The conception and development
of poetry in Zulu. Ayibanga mihle iminyaka yawo-1940 empilweni kaVilakazi: kwashona
umfowabo ngo-1940, kwashona umkakhe uFanny, uMaNxaba ngo-1942. Nokho wayibamba
ishisa ngoba ngo-1946 wathola iziqu zobudokotela ngocwaningo olusihloko sithi: The oral and
written literature in Nguni. UVilakazi washona ngo-1947 eneminyaka engamashumi amane nje
kuphela. UVilakazi wayengumuntu okhuthele. Ube ngumuntu wokuqala omnyama ukuthola
iziqu zobudokotela. Ube ngowokuqala futhi ukufundisa eYunivesithi yaseWitwatersrand
neyayaziwa njengeyunivesithi yabamhlophe kuphela. Iqoqo lokuqala lezinkondlo zesiZulu
liphuma osibeni lukaVilakazi: Inkondlo KaZulu nelashicilelwa ngo-1935. Inoveli yakhe ethi
Noma Nini yashicilelwa ngo-1935
111

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

INGQALABUTHO – LMMS Madondo

1 Ingqalabutho, umzukulu kaMakhwatha,


2
UMshini noLeah babeziqhweba inqulu,
3
4 Ngengqalabutho kaZulu.
5
6 Wabhula umbethe nonhlevu.
7 Nawe Groutville awumncinyana.
Engathi sihaya nje uwe
8
9 Owasifundisa ukuhaya ngesimanje.
10
11
Wabhul'umbethe ngenkondlo kaZulu,
12
13 Inkondlo kaZulu kwakuyizibulo lakho
14
Inkondlo kaZulu yavusa uZulu
Inkondlo kaZulu yacathulisa uZulu
15
16 Wayikhomba indlela kaMakhwatha
17
Wayikhomba inyathuko njengomholi
18
19 Sikhuleka kuMshini benoLeah.
20
21 Emva kweshumi leminyaka,
Inkondlo kaZulu yelanywa

22 llanywa Amal'eZulu
23
Amal'eZulu akunika izimpiko
24
25 Wadlondlobala kwajabha izimfamona
26
27 Zibona uqombola ummango, uqopha umlando.
28 Sibongela uMshini noLeah
29

30 Kwale noma bekucokofula.


31 Abamhlophe nabansundu
32
112

33 Thina sithi akusoka lingenasici


OTaylor benomlingani wakhe uGerard
34
Babethi bakwehlisa isithunzi
35
36 Kanti bakushunqisela impepho
37
38 Impepho yokudla ubhedu lobunyosi
39 Sibonga isisu sakho Leah.
40

Izimbong' eziningi zikushayel'ihlombe


Zitusa ikhono ingqayizivele
Zith'uVilakazi ingqalabutho
Enyunivesi yabamhlophe abelungu.

Nakuba ilanga lashona useliguqa,


Ukulwile ukulwa okuhle
Umzabalazo wakho usezandleni zethu,
Imbenge owayiqalayo,
Siyosala siyiphetha.
Izinyembezi esakukhapha ngazo,
Namuhla ziyintokozo nethemba.

AMAGAMA ACHAZWAYO:
ingqalabutho umsunguli wento ethize
umzukulu umntwana womntwana wakho/ wengane yakho
ukuhaya ubuciko bokusho kahle inkondlo
izibulo kwakuyinto yokuqala imbongi eyayenza
Inyathuko indlela
yelanywa yalandelwa
Ukushunqisa ukushisa into ethile kube nentuthu
Nonhlevu abantu abansundu bokuqala abamukela inkolo
yobuKristu
113

Impepho amahlamvu omuthi othize ashunqiswayo ukuze


kuxhunyanwe namadlozi.
ukudlondlobala ukukhula
izimfamona abantu abanomona abangamfiseli omunye
umuntu into enhle.

ULIMI OLUSETSHENZISWE ENKONDLWENI:


• babeziqhweba inqulu - babezincoma

• wabhula umbethe - waba ngowokuqala

• akunika izimpiko – akunikeza amandla okuqhubekela phambili

• uqombola ummango – wenyuka intaba / ukwenza into enzima

• uqopha umlando – ukwenza into engakaze yenziwe phambilini

• akusoka lingenasici - akekho umuntu ongenawo amaphutha

• bakwehlisa isithunzi - abakuhloniphanga

• bakushunqisela impepho – bakunikeza umfutho wokuqhubekela phambili

• yokudla ubhedu lobunyosi – ukuphumelela uhambe phambili kubantu

abahaya izinkondlo
UHLOBO LWENKONDLO:

Izibongo zesimanjemanje ngoba imbongi ibhale ngomutu othile, iyamncoma


ngekhono lakhe lokubhala kahle izinkondlo zesiZulu.

UMQONDO WENKONDLO:

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngombhali wezinkondlo zesiZulu, owayenekhono


eliyisimanga. Lo mbhali washiya umlando ongasoze walibaleka. Wayenesibindi
sokwenza into akholelwa kuyo. Siyathola enkondlweni babemgxeka abanye
ababhali, kodwa wakushaya indiva konke ababekusho, waqhubekela phambili
nomsebenzi wakhe.
INDIKIMBA:
114

Indikimba yale nkondlo ubuqhawe. Imbongi incoma/ itusa ubuqhawe namagalelo


kaDr. BW Vilakazi owaba ngowokuqala ukubhala izinkondlo zesiZulu.

UMYALEZO:

Uma umuntu enephupho lokwenza into ethile, kumele angalilahli ithemba uma izinto
sezinzima, kodwa aqhubeke nokusebenza kanzima lize lifezeke iphupho lakhe.

ISIGQI:

Siyashesha imbongi incoma imisebenzi yombhali owayebhala izinkondlo zesizulu.


Imigqa eminingi mifishane.

ITHONI:

Ithoni eyokutusa/eyokuncoma imisebenzi emihle eyenziwa yimbongi eyabhala


izinkondlo zesizulu.

UMOYA WENKONDLO:

Umoya wokujabula ngoba imbongi iveza imizwa yayo yokuthokoza nokuncoma


umsebenzi omuhle owenziwa nguDr. BW Vilakazi ngekhono layo.

I-ENJAMBAMENTI:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-6 kanye nowesi-7


Engathi sihaya nje uwe
Owasifundisa ukuhaya ngesimanje.

Ibinza lesi – 3 umugqa we-16 nowe-17


Inkondlo kaZulu yelanywa
llanywa Amal'eZulu
115

IMVUMELWANO SIQALO:

Ibinza lesi – 5 umugqa wama-31 nowama-32

Zitusa ikhono ingqayizivele


Zith'uVilakazi ingqalabutho
IMVUMELWANO SIGCINO:

Ibinza loku- 1 umugqa wesi-2 nowesi-3


UMshini noLeah babeziqhweba inqulu,
Ngengqalabutho kaZulu.

UKUXHUMANA SIQALO:

Ibinza loku-1 umugqa wesi-9 kuya kowe-11

Inkondlo kaZulu kwakuyizibulo lakho


Inkondlo kaZulu wavusa uZulu
Inkondlo kaZulu yacathulisa uZulu

Ibinza lesi-2 umugqa we-12 nowe-13

Wayikhomba indlela kaMakhwatha


Wayikhomba inyathuko njengomholi
UMQONDO WENKONDLO NGAMAFUPHI

Imbongi incoma ikhono lombhali wezinkondlo osewadlula emhlabeni. Isitshela ukuthi


lo mbhali wabafundisa ukuhaya izinkondlo zesizulu. Imbongi ibabaza isibindi salo
mbhali sokubekezelela ukugxekwa ngabantu ababenomona
116

ISAHLUKO 6

Phendula imibuzo elandelayo.

10.1 Lo muntu okukhulunywa ngaye lapha enkondlweni wazalelwa kuyiphi indawo? (1)

10.2 Isho ukuthini imbongi ngalokhu okulandelayo:

10.2.1 Inkondlo kaZulu kwakuyizibulo lakho. (2)


10.2.2 Ilanga lashona useliguqa. (2)
10.2.3 Ukudla ubhedu lobunyosi. (2)

10.3 Ubizelwani uVilakazi ngengqalabutho? Bhala kube KUBILI. (2)

10.4 Bhala incwadi eyodwa yezinkondlo eyabhalwa nguVilakazi. (1)

10.5 Chaza ukuthi ibinza lokugcina libe namthelela muni ukuveza umqondo wenkondlo.
Bhala amaphuzu AMATHATHU. (3)

10.6 Chaza umqondo oqukethwe isifenqo esitholakala emgqeni we-18. (2)

10.7 Ukuxhumana okuvezwe emgqeni we-12 nowe-13 kuwukhanyisa kanjani umqondo


wale nkondlo?
(2)

Izimpendulo ezilindelekile.

10.1 E-Groutville. √ (1)

10.2 10.2.1. Kwakuyiyona incwadi yokuqala yezinkondlo eyabhalwa


nguVilakazi. √√
(2)
10.2.2. Kusho ukuthi washeshe washona esemncane.√√ (2)
10.2.3. Kusho ukuhlabana/ukunqoba/ukuwina/ukuphumelela ekubhaleni
izinkondlo noma okuhamba phambili ngokuba yimbongi. √√
(2)

10.3 • Uyena owokuqala ukubhala incwadi yezinkondlo kubabhali


abamnyama. √
117

• Uyena umuntu omnyama wokuqala owafundisa eNyuvesi


yabamhlophe i-Wits. √
(2)

10.4 Inkondlo kaZulu noma Amal' eZulu. √ (1)

10.5 • Nakuba asheshe wahamba emhlabeni kodwa miningi imisebenzi


ayenzile, abasele abangafunda kuyona. √

• Kuvela umqondo wokuthi imisebenzi yakhe izolondolozwa


kusetshenzelwe phezu kwayo. √

• Kuphinde kuvele nokuthi ifa eliyikhono lobumbongi lizogcinwa


ngenkulu injabulo. √ (3)

10.6 Lesi sifenqo siveza umqondo wokuthi Amal' eZulu amkhuthaza ukuthi
aqhubekele phambili.√√
(2)

10.7 Igcizelela umqondo wokuthi uVilakazi nguyena owavulela wonke umuntu


ongumbhali indlela yokubhala okuyiyona yona.√√
(2)

You might also like